Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
Izwe lifuna ukuba sikholelwe ukuthi lesi simiso sezinto samanje siyohlala phakade. Nokho, iZwi likaNkulunkulu lisitshela okuhlukile. (1 Joh. 2:15-17) Lisisiza ukuba siqonde ukuthi ‘ukuzibekelela ingcebo emhlabeni’ kuwukuphishekela ize. Ukuze abantu bakaNkulunkulu baqiniswe, isimiso somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2007 sizoba nesihloko esithi “Zibekeleleni Ingcebo Ezulwini.”—Math. 6:19, 20.
Ukuthanda izinto ezibonakalayo kuhlanganisiwe kulokho eyabase-Efesu 2:2 ebhekisela kukho ngokuthi ‘igunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.’ Njengoba nje umoya ongokoqobo ukuyo yonke indawo, ulungele ukuba siwuphefumule, ‘nomoya wezwe’ usabalele kuso sonke lesi simiso. (1 Kor. 2:12) Njengoba lo moya unethonya elinamandla, kuthiwa “unegunya.” Isimiso esisha somhlangano wesifunda siyosisiza ukuba sigweme umbono wezwe wokuthanda izinto ezibonakalayo futhi sigxile ezintweni okufanele zize kuqala. (Math. 6:33) Ngaphezu kwalokho, lesi simiso siyosisiza ukuba sincike kuJehova njengoba sifeza inkonzo yethu naphezu kwezingcindezi nokuvivinywa esingase sibhekane nakho.
Qiniseka ukuthi ukhona ngazo zombili izinsuku futhi ‘unake ngaphezu kokujwayelekile.’ (Heb. 2:1) Bhala amaphuzu kafushane ozowasebenzisa ekuphileni kwakho nasenkonzweni. Ngokuba khona kusukela ekuqaleni kuze kuyophela lesi simiso esakhayo ngokomoya, uyokhuthazwa futhi uqiniselwe ukuba uqhubeke ‘uzibekelela ingcebo ezulwini’!