Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/08 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 12/08 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Dec. 1

“Uke waphawula yini ukuthi abantu banamazinga angefani enhlanzeko? [Lindela impendulo.] Nasi esinye isizathu esenza inhlanzeko ibaluleke. [Funda eyoku-1 Petru 1:16.] Lesi sihloko sinikeza ukusikisela okusebenzayo kokulondoloza inhlanzeko.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 9.

Phaphama! Dec.

“Abantu abaningi bazama ukudumisa uJesu ngalesi sikhathi sonyaka. Ngokwaleli vesi, yini ongathi iyindlela engcono kakhulu yokwenza lokho? [Funda uJohane 14:15. Bese ulindela impendulo.] Usuku oluqondile lokuzalwa kukaJesu alwaziwa, futhi kungase kukumangaze ukwazi ukuthi kungani u-December 25 akhethwa njengosuku lukaKhisimusi.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.

INqabayokulinda Jan. 1

“Emhlabeni kabanzi abantu banemibono ehlukene ngoMariya, unina kaJesu. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ukuthi uMariya wayenendima ebalulekile emlandweni. [Funda uLuka 1:30-32.] Lo magazini ukhuluma ngalokho esingakufunda esibonelweni sakhe.”

Phaphama! Jan.

“Amachibi nemifula eminingi emhlabeni kuyoma, futhi izigidi zabantu azinawo amanzi ahlanzekile. Ingabe ucabanga ukuthi umuntu angakwazi ukuletha isixazululo esihlala njalo sale nkinga? [Lindela impendulo bese ufunda uJeremiya 10:23.] Lo magazini uxoxa ngesixazululo saphakade esichazwe eBhayibhelini.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela