UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izinzuzo Zokushumayela Ngezinqola Emhlabeni Wonke
NgokwezEnzo isahluko 5, amaKristu ekhulu lokuqala ayeshumayela izindaba ezinhle ethempelini, okwakuyindawo yomphakathi eyayinabantu abaningi. (IzE 5:19-21, 42) Namuhla, ukushumayela ngezinqola ezindaweni zomphakathi kuye kwaba nemiphumela emihle.
BUKELA IVIDIYO ETHI IZINZUZO ZOKUSHUMAYELA NGEZINQOLA EMHLABENI WONKE BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kwaqala nini futhi kwaqala kanjani ukushumayela ngezinqola?
Kuvame ukuba naziphi izinzuzo ukusebenzisa inqola kunetafula?
Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kuMi Jung You?
Okwenzeka kuJacob Salomé kukubonisa kanjani ukubaluleka kokushumayela ngezinqola?
Okwenzeka ku-Annies nomyeni wakhe kusifundisani ngendlela esingashumayela ngayo ngokuphumelelayo lapho sisebenzisa izinqola?