Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 82
  • Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani kufanele uhlele indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho?
  • Ongakwenza
  • Ukuzindela—Isela Lesikhathi
    I-Phaphama!—1995
  • Izindlela Ezingu-20 Zokuzenzela Isikhathi Esithé Xaxa
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 82
Umfana ucasulwa ukuthi uyahluleka ukuhlela isikhathi kahle—udlala ibhola, abuke ithelevishini ngaphambi kokwenza umsebenzi wesikole

INTSHA IYABUZA

Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?

  • Kungani kufanele uhlele indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho?

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Kungani kufanele uhlele indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho?

  • Isikhathi sifana nemali. Uma ungasisebenzisi kahle uzosiswela lapho ususidinga. Kodwa uma uhlela ukuthi uzosisebenzisa kanjani uzoba nesikhathi esengeziwe sokwenza izinto ozithandayo!

    Okushiwo iBhayibheli: “Ivila liyafisa, kodwa umphefumulo walo awunalutho. Nokho, umphefumulo wabakhutheleyo uyokhuluphaliswa.”—IzAga 13:4.

    Iphuzu elibalulekile: Ukuhlela kahle isikhathi sakho kuzokusiza ube nenkululeko eyengeziwe.

  • Ukuhlela kahle isikhathi sakho kuyikhono ozolidinga lapho usukhulile. Kungakusiza ungaxoshwa emsebenzini. Uma wena ubunebhizinisi ubungaqhubeka yini unesisebenzi esihlale sifika sekwephuzile emsebenzini?

    Okushiwo iBhayibheli: “Umuntu othembekile kokuncane kakhulu uthembekile nakokukhulu.”—Luka 16:10.

    Iphuzu elibalulekile: Ukuhlela kahle isikhathi sakho kubonisa ukuthi uwuhlobo olunjani lomuntu.

Kuyiqiniso ukuthi akulula ukuhlela kahle isikhathi. Nazi ezinye izinto ezenza kube nzima.

#1: Abangane

“Uma abangane bami bethi asiye endaweni ethile ngivame ukuvuma ngisho noma ngingenaso isikhathi. Ngivele ngizitshele ukuthi: ‘Izinto okufanele ngizenze ngizozisheshisa uma ngibuya.’ Kodwa kuvame ukungangisebenzeli, ngigcine sengisenkingeni.”​—UCynthia.

#2: Iziphazamiso

“I-TV ifana nomshini omunca izibi. Imunca sonke isikhathi sakho ngoba kunzima ukungazibuki izinhlelo ezithile nama-movie.”​—U-Ivy.

“Ngingachitha amahora amaningi ngibhizi nethebhulethi yami. Kungiphatha kabi ukuthi ngize ngiyeke uma isiphelelwe ibhethri.”​—UMarie.

#3: Ukuhlehlisa ukwenza izinto

“Ngiyakuhlehlisa ukwenza umsebenzi wami wesikole nanoma yini enye okufanele ngiyenze. Ngivele ngenze izinto ezingabalulekile kuze kube yilapho umsebenzi usuzofuneka esikoleni. Lokho akuyona indlela enhle yokusebenzisa isikhathi.”​—UBeth.

Umfana ujatshuliswa ukuthi uyakwazi ukuhlela isikhathi sakhe—uqale ngokufunda, wenza imisebenzi yesikole, waphinde waba nanesikhathi sokudlala ibhola

Ukuhlela kahle isikhathi sakho kuzokusiza ube nenkululeko eyengeziwe

Ongakwenza

  1. Bhala izinto okufanele uzenze. Ungabhala imisebenzi okufanele uyenze ekhaya nemisebenzi yesikole. Bhala ukuthi uzodinga isikhathi esingakanani sokwenza umsebenzi ngamunye evikini.

    Okushiwo iBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

  2. Bhala izinto ongathanda ukuzenza uma unesikhathi ongenzi lutho ngaso. Lokho kungahlanganisa ukuthumela abanye imiyalezo noma ukubuka ithelevishini. Nakulokhu, bhala ukuthi singakanani isikhathi osisebenzisa lezo zinto evikini.

    Okushiwo iBhayibheli: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha . . . , nizithengela ithuba.”—Kolose 4:5.

  3. Yenza uhlelo. Hlola lokho okubhalile. Ingabe izinto ezibalulekile uzinike isikhathi esanele? Ingabe kumelwe unciphise esikhathini osisebenzisela izinto ezingabalulekile kangako?

    Icebiso: Bhala izinto ozozenza osukwini ngalunye, bese ufaka uqhwi entweni osuqedile ukuyenza.

    Okushiwo iBhayibheli: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5.

  4. Namathela kokuhlelile. Kuyiqiniso ukuthi ukuze wenze izinto ezibalulekile ngezinye izikhathi kungase kudingeke wenqabe lapho umenyelwa ukuya endaweni yokuzijabulisa. Kodwa ngokuvamile uzothola ukuthi uba nesikhathi esengeziwe, futhi uzosijabulela leso sikhathi.

    Okushiwo iBhayibheli: “Ningavilaphi emsebenzini wenu.”—Roma 12:11.

  5. Qala ngokusebenza ugcine ngokuzijabulisa. UTara uthi: “Ngezinye izikhathi ngenza izinto ezimbili bese ngithi, ‘Ake ngibuke i-TV imizuzu engu-15 besengiyaqhubeka nomunye umsebenzi.’ Leyo mizuzu engu-15 igcina isiwu-30, ewu-30 ibe yihora, nginganakile ngigcina sengichithe amahora amibili ngibuka i-TV!”

    Yini engasiza? Ukuzijabulisa akube yinto ozibonga ngayo ngokuqeda yonke imisebenzi yakho, kungabi yinto ovele uyenze noma nini phakathi nosuku.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba abone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.’—UmShumayeli 2:24.

Okushiwo ontanga yakho

UCheyenne

“Ngizibhala phansi izinto okufanele ngizenze ukuze ngizikhumbule. Ngize ngibhale nesikhathi sokuphumula ukuze ngithole amandla. Ukuhlela ukuthi ngizokwenzani kungisiza ngibone ukuthi kunini lapho okufanele ngigade kakhulu khona ukuthi isikhathi ngisisebenzisa kanjani, nokuthi kunini lapho ngingenza khona ezinye izinto.”​—UCheyenne.

USamuel

“Ngifunde ukwenqaba uma ngingeke ngikwazi ukwenza okuthile. Kungase kube nzima ukwenqaba kodwa ngiye ngichaze ukuthi ngeke ngikwazi ukukwenza kahle kulokho engicelwa ukuba ngikwenze. Lokho kwenza abantu bangangicasukeli.”​—USamuel.

UBrooklyn

“Lapho kunezinto eziningi okufanele ngizenze ngangivame ukusebenzisa isikhathi sokulala nesokujima. Kodwa ngezinye izikhathi ukulala noma ukujima ihora elengeziwe kungenza ngisebenze kangcono ngosuku olulandelayo futhi ngijabule. Kubalulekile ukunakekela impilo yakho.”​—UBrooklyn.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela