Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/94 k. 3
  • Izibusiso Ezitholakala Ngokusebenza Nabanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibusiso Ezitholakala Ngokusebenza Nabanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphayona Asiza Abanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ungakwazi Yini Ukusiza Emsebenzini Wokwenza Abafundi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Thola Injabulo Emsebenzini Wokwenza Abafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 11/94 k. 3

Izibusiso Ezitholakala Ngokusebenza Nabanye

1 Ingabe unomuzwa wokuthi kunezibusiso ezingase zijatshulelwe ngokusebenza nabanye enkonzweni? UJesu wazizwa kanjalo. Nakuba isivuno sasisikhulu futhi izisebenzi ziyingcosana, wathuma abafundi abangu-70 ukuba baye ensimini behamba “ngababili.” Yeka ukuthi bonke baba nesikhathi esivuza kanjani ‘emizini nasezindaweni zonke abezakuya kuzo yena’!—Luka 10:1, 17; Math. 9:37.

2 Kunikeza umfutho ukusebenza nabanye. Abanye bethu banamahloni futhi bakuthola kunzima ukuxoxa nabantu abangabazi. Ukuba nothile eceleni kwethu kungase kusenze sizethembe lapho sikhuluma iZwi likaNkulunkulu ngesibindi. Lapho sihamba nothile, kungase kube lula kakhudlwana ngathi ukwenza umsebenzi ngendlela esiqeqeshwe ngayo. (IzAga 27:17) Indoda ehlakaniphile yathi: “Kungcono ababili kunoyedwa.”—UmSh. 4:9.

3 Kuhle ukusebenza nabamemezeli namaphayona ahlukahlukene. Abangane bomphostoli uPawulu enkonzweni babehlanganisa uBarnaba, uSila, uThimothewu, noJohane okuthiwa uMarku, futhi bajabulela izibusiso eziningi beshumayela ndawonye. Kungenzeka okufanayo nanamuhla. Wake wasebenza nothile osenesikhathi eside eseqinisweni? Ngemva kokuqaphela ikhono lakhe lokunikeza ubufakazi, cishe wazuza imiqondo emihle eyakusiza ukuba uthuthuke. Wake wahamba nabamemezeli abasanda kuqala? Khona-ke kungenzeka wakwazi ukuhlanganyela okuthile kwalokho owakufunda futhi ngaleyondlela wabasiza ukuba baphumelele ngokwengeziwe futhi bathole injabulo enkudlwana enkonzweni yabo.

4 Ingabe sikhona isifundo seBhayibheli osiqhubayo njengamanje? Uma kunjalo, kungani ungaceli omunye wabadala noma umbonisi wesifunda ukuba ahambe nawe? Kuyabazuzisa abantu esifunda nabo iBhayibheli ukujwayelana nababonisi. Uma wesaba ukuqhuba isifundo kunomdala, mhlawumbe angasiqhuba yena wena ubukele. Ngemva kwalokho, zizwe ukhululekile ukucela ukusikisela kwakhe kokuthi ungamsiza kanjani umuntu ofunda naye ukuba athuthuke ngokushesha ngokwengeziwe.

5 Yiba umngane okhuthazayo lapho usebenza nabanye. Yisho izinto ezikhuthazayo lapho ukhuluma ngensimu. Ungalokothi uhlebe ngabanye noma ugxeke amalungiselelo ebandla. Gcina ingqondo yakho igxile enkonzweni nasezibusisweni zikaJehova. Uma wenza kanjalo, wena nohamba nabo niyophindela ekhaya niqabulekile ngokomoya.

6 Izimo zakho zingenza kube nzima ngawe ukusebenza njalo nabanye abazalwane nodade. Nokho, uma kungenzeka, kungani ungahleli ukuba ube nesikhathi esithile usebenza nomunye ummemezeli? Nobabili niyobusiswa!—Roma 1:11, 12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela