Kungani Kufanele Ukhulume Iqiniso?
UMANFRED wayeneminyaka engu-18 ngesikhathi eqeqeshelwa umsebenzi wasehhovisi.a Inkampani ayeyisebenzela yahlela ukuba yena nabanye abaningana bathole ukuqeqeshwa kwelinye ikolishi izinsuku ezimbili ngesonto. Ngolunye usuku, basheshe baphuma esikoleni. Ngokwemithetho yenkampani, kwakufanele babuyele emsebenzini uma besheshe baphuma esikoleni. Kunokubuyela emsebenzini, bonke ngaphandle kukaManfred, bahamba bayozijabulisa. Kwaqondana, kwafika umqondisi wenkampani owayebaphethe. Lapho ebona uManfred wabuza: “Awuyanga ngani esikoleni namuhla? Futhi baphi abanye?” Kwakufanele aphendule athini uManfred?
Sivamile isimo uManfred azithola ekuso. Ingabe kwakufanele akhulume iqiniso noma avikele abafundi afunda nabo? Ukukhuluma iqiniso kwakuyofaka abanye enkingeni futhi kumenze abe nyamana-mbana. Kulungile yini ukukhuluma amanga kulezo zimo? Wena wawuyokwenzenjani? Sizobuye sikhulume ngoManfred, kodwa ake siqale ngokucabangela ukuthi yini esuke ihilelekile lapho kudingeka sinqume ukuthi sizokhuluma iqiniso noma cha.
Iqiniso Namanga—Kuyabangisana
Ekuqaleni komlando wesintu, yonke into yayisekelwe eqinisweni. Kwakungekho ukuhlanekezelwa kokwaziswa, ukuphendukezelwa noma ukumelelwa kabi kweqiniso. UJehova, uMdali, ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ Izwi lakhe liyiqiniso; akanakuqamba amanga, futhi uyakulahla ukuqamba amanga nabaqambimanga.—IHubo 31:5; Johane 17:17; Thithu 1:2.
Uma kunjalo, amanga aba khona kanjani? UJesu Kristu wasinikeza impendulo eyiqiniso lapho etshela abaphikisi bakhe benkolo ababefuna ukumbulala: “Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni, akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) Yebo, uJesu wayekhuluma ngesenzakalo sasensimini yase-Edene lapho uSathane eyenga umbhangqwana wokuqala ongabantu ukuba ungamlaleli uNkulunkulu, kanjalo waba izisulu zesono nokufa.—Genesise 3:1-5; Roma 5:12.
Amazwi kaJesu asho ngokucacile ukuthi uSathane ‘unguyise wamanga,’ umsunguli wokuqamba amanga kanye namanga ngokwawo. Namanje uSathane usengumshoshozeli wamanga futhi eqinisweni ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ Nguye onecala ngomonakalo obangelwa ukuqamba amanga ogcwele izwe lonke namuhla.—IsAmbulo 12:9.
Ukubangisana kweqiniso namanga, okwaqalwa uSathane uDeveli, kusalokhu kukhona nanamuhla. Kubonakala kubantu bawo wonke amazinga futhi kuthinta umuntu ngamunye. Indlela umuntu aphila ngayo imbeka ohlangothini lweqiniso noma lwamanga. Abantu abasohlangothini lukaNkulunkulu basekela ukuphila kwabo eqinisweni leZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Noma ubani ongahambi ngendlela yeqiniso, kungakhathaliseki ukuthi uyazi noma akazi, ungena ogibeni lukaSathane ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19; Mathewu 7:13, 14.
Kungani Abantu Bethambekele Emangeni?
Iqiniso lokuthi “lonke izwe” lisemandleni kaSathane lisitshela isizathu esenza abantu abaningi bakhulume amanga. Kodwa singase sibuze, ‘Kungani uSathane, “uyise wamanga,” énza lokhu?’ USathane wayazi ukuthi uJehova nguMbusi ofanele wayo yonke into ayidala, kuhlanganise nombhangqwana wokuqala. Noma kunjalo, uSathane wazifunela yena lesi sikhundla esiphakeme nesivelele, into okwakungeyona eyakhe. Ngenxa yomhawu nobugovu, wenza ugobe lokugabadela isikhundla sikaJehova. Ukuze enze lokhu, uSathane wasebenzisa amanga nokukhohlisa.—1 Thimothewu 3:6.
Namuhla-ke? Awuvumi yini ukuthi umhawu nobugovu kuseyizinto ezenza abantu abaningi bakhulume amanga? Osomabhizinisi abanobugovu, ezombusazwe ezinenkohlakalo nenkolo yamanga kugcwele ukukhohlisa, amanga, ukuxhaphaza nokukhwabanisa. Kungani? Akubangelwa yini ukuthi abantu bavame ukushukunyiswa ubugovu, isifiso sokuphumelela, ukuthola ingcebo, amandla noma isikhundla, okuyizinto okungezona ngempela ezabo? Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, eyayingumbusi ohlakaniphile yaxwayisa: “Ojaha ukuzuza ingcebo ngeke ahlale emsulwa.” (IzAga 28:20) Nomphostoli uPawulu wabhala: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.” (1 Thimothewu 6:10) Ngokuqinisekile, kungashiwo okufanayo nangokufisa ngokweqile ukuba namandla noma isikhundla.
Enye into ebangela ukuqamba amanga ukwesaba—ukwesaba imiphumela, noma ukwesaba lokho abanye abangase bakucabange uma umuntu ekhuluma iqiniso. Kungokwemvelo ngabantu ukufisa ukuthandwa noma ukwamukelwa abanye abantu. Nokho, lesi sifiso singase sibenze baphendukezele iqiniso, ngisho noma beliphendukezela kancane, ukuze bamboze amaphutha, bafihle imininingwane engathandeki, noma nje benze abantu babe nombono omuhle ngabo. Ayiqiniso la mazwi abhalwa uSolomoni: “Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kodwa othembela kuJehova uyovikelwa.”—IzAga 29:25.
Ukuba Qotho KuNkulunkulu Weqiniso
Wathini uManfred lapho umphathi wenkampani embuza loya mbuzo? UManfred wakhuluma iqiniso. Wathi: “Namuhla uthisha usheshe wasikhulula, ngakho mina ngivele ngeza la emsebenzini. Ngeke nokho ngikwazi ukubakhulumela laba abanye. Mhlawumbe ungababuza wena.”
UManfred wayengase acebe okuthile abese ekhuluma okungelona iqiniso enzela ukuthandwa. Kodwa wayenezizathu ezibalulekile zokunamathela eqinisweni. UManfred ungomunye woFakazi BakaJehova. Ukwethembeka kwakhe kwamgcina enonembeza ohlanzekile. Kwamenza wathenjwa nangumqashi wakhe. Ngesikhathi esesikoleni eqeqeshwa, uManfred wabelwa ukusebenza esitolo sobucwebe, kanti ngokuvamile abafundi babengavunyelwe ukusebenza lapha. Ngemva kweminyaka engaba ngu-15 lapho uManfred enikwa isikhundla sokuphatha enkampanini, yena loya mphathi wamshayela ucingo wambongela wabe esekhuluma ngalesiya senzakalo akhuluma kuso iqiniso.
Njengoba uJehova enguNkulunkulu weqiniso, noma ubani ofisa ukuba nobuhlobo naye kumelwe ‘alahle amanga’ futhi “akhulume iqiniso.” Inceku kaNkulunkulu kufanele ithande iqiniso. Indoda ehlakaniphile yabhala: “Ufakazi othembekile yilowo ongeke awaqambe amanga.” Kodwa-ke ayini amanga?—Efesu 4:25; IzAga 14:5.
Ayini Amanga?
Amanga yinkulumo engelona iqiniso, kodwa akuyona yonke inkulumo engelona iqiniso engamanga. Ngani? Isichaza-mazwi esithile sichaza amanga ngokuthi “ukugomela ngokuthi into ethile owaziyo futhi okholelwayo ukuthi ingamanga uthi iyiqiniso ngenjongo yokukhohlisa.” Yebo, ukuqamba amanga kuhlanganisa nokufuna ukukhohlisa umuntu. Ngakho, ukukhuluma amanga ungahlosile—njengokunikeza umuntu ukwaziswa noma izibalo eziyiphutha ungaqondile—akufani nokuqamba amanga.
Ngaphezu kwalokho, kumelwe sinqume ukuthi lowo muntu ofuna ukwaziswa kufanele yini simtshele yonke into. Ngokwesibonelo, ake sithi uManfred wayebuzwe umphathi wenye inkampani. Ingabe wayengase aphoqeleke ukumtshela yonke into? Akunjalo ngempela. UManfred wayengeke aphoqeleke ngoba lowo mphathi wayeyobe akakufanelekele ukuthola lokho kwaziswa. Noma kunjalo, bekuyoba okungafanele ukukhuluma amanga.
Isiphi isibonelo esabekwa uJesu Kristu kule ndaba? Ngesinye isikhathi uJesu waxoxa nabanye abantu abangakholwa ababenesithakazelo ezinhlelweni zohambo lwakhe. Bathi kuye: “Dlula lapha ungene eJudiya.” UJesu wabaphendula wathini? “Khuphukani nina niye emkhosini [eJerusalema]; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami esifanele asikafiki ngokugcwele.” Kungakapheli isikhathi esingakanani, uJesu waya emkhosini eJerusalema. Kungani abaphendula ngale ndlela? Sasingekho isidingo sokuba bazi ngokuthé ngqo ukuthi ukuphi. Ngakho, nakuba uJesu engakhulumanga amanga, wabanikeza impendulo engaphelele ukuze anciphise amathuba okuba yena noma abalandeli bakhe balinyazwe. Kwakungewona amanga lawa ngoba umphostoli uPetru wabhala: “[UKristu] akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe.”—Johane 7:1-13; 1 Petru 2:22.
UPetru yena? Ngobusuku uJesu aboshwa ngabo, akazange yini uPetru aqambe amanga kathathu ngokuphika ukuthi uyamazi uJesu? Yebo wawaqamba, ngoba wanqotshwa ukwesaba abantu. Kodwa ngokushesha ngemva kwalokho “wakhala kamunyu” waphenduka futhi waxolelwa. Ngaphezu kwalokho, wafunda ephutheni lakhe. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, wakhuluma obala ngoJesu futhi wala waphetha ukuyeka ukushumayela ngesikhathi iziphathi-mandla zaseJerusalema ezingamaJuda zimsongela. Ukwehluleka kukaPetru okwesikhashana nokusanguluka ngokushesha kufanele nakanjani kube isikhuthazo kithi sonke ngoba kalula nje ubuthakathaka bungase busifake enkingeni futhi singase sikhubeke ngezwi noma ngezenzo.—Mathewu 26:69-75; IzEnzo 4:18-20; 5:27-32; Jakobe 3:2.
Iqiniso Liyoma Kuze Kube Phakade
IzAga 12:19 zithi: “Wudebe lweqiniso oluyomiswa luqine kuze kube phakade, kodwa ulimi lwamanga luyohlala umzuzwana nje.” Yebo, inkulumo eyiqiniso iyahlala. Abantu baba nobuhlobo obuhlala njalo nobanelisayo lapho bezimisele ukukhuluma iqiniso futhi benze ngokuvumelana nalo. Ngempela, izinzuzo zokuba umuntu okhuluma iqiniso zitholakala ngokushesha. Lezo zinzuzo zihlanganisa unembeza ohlanzekile, idumela elihle, ubuhlobo obuqinile emshadweni, ekhaya, phakathi kwabangane ngisho nakwezamabhizinisi.
Ngakolunye uhlangothi, amanga agcina evelile. Ulimi oluphafuza amanga lungase lukhohlise okwesikhashana, kodwa lawo manga agcina ehlale obala. Ngaphezu kwalokho, uJehova, uNkulunkulu weqiniso, ngeke awabekezelele phakade amanga kuhlanganise nalabo abawakhulumayo. IBhayibheli lithembisa ukuthi uJehova uyoyiqeda nya imisebenzi kaSathane uDeveli, uyise wamanga, odukisa umhlaba wonke owakhiwe. Maduze, uJehova uzowaqeda wonke amanga kuhlanganise nabaqambimanga.—IsAmbulo 21:8.
Yeka ukuthi kuyoba impumuzo kanjani lapho ekugcineni “udebe lweqiniso” lumiswa luqine kuze kube phakade!
[Umbhalo waphansi]
a Akulona igama lakhe langempela.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Umhawu nobugovu yizinto ezenza abantu abaningi baqambe amanga
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Amanga yinkulumo engelona iqiniso, kodwa akuyona yonke inkulumo engelona iqiniso engamanga
[Isithombe ekhasini 6]
Yini esiyifunda ekuphikeni kukaPetru uKristu?
[Isithombe ekhasini 7]
Ukukhuluma iqiniso kuholela ebuhlotsheni obuhlala njalo nobanelisayo nabanye abantu