AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZENZO 21-22
“Intando KaJehova Mayenzeke”
UPawulu wabona sengathi umoya ongcwele umholela eJerusalema, lapho ayezobhekana khona nezinkinga. (IzE 20:22, 23) Ngakho, lapho amaKristu ayengahlose bubi emncenga ukuba angahambi wathi: “Nenzani ngokukhala ningenza buthaka enhliziyweni na?” (IzE 21:13) Asifuni nanini ukuthena abanye amandla lapho bekhonza uJehova ngokuzidela.