Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 2/1 kk. 4-5
  • Savelaphi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Savelaphi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli
  • Indlela Impendulo YeBhayibheli Eletha Ngayo Ukuthula Kwengqondo Kwangempela
  • Isizathu Sokuba Sibe Lapha
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kuyavumelana NeBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • IBhayibheli—Incwadi Yaso Sonke Isintu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UMdali Okufanelekelayo Ukuba Simdumise
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 2/1 kk. 4-5

Savelaphi?

KUNGANI IMPENDULO IBALULEKILE? Abantu abaningi bafundiswa ukuthi ukuphila emhlabeni kwaba khona ngengozi. Batshelwa ukuthi ngezenzakalo ezingahlelekile, ukuziphendukela kwemvelo kwaveza uhlanga lwesintu olunemizwelo, ukuhlakanipha nezindinganiso ezingokomoya.

Kodwa ake ucabange: Uma ngempela siwumkhiqizo wokuziphendukela kwemvelo futhi engekho uMdali, uhlanga lwesintu beluyoba yintandane ngomqondo othile. Isintu besingeke sibe nawo umthombo wokuhlakanipha okuphakeme esingaya kuwo—akekho obeyosisiza ukuba sixazulule izinkinga zethu. Bekuyodingeka ukuba sithembele ekuhlakanipheni kwabantu ukuze sigweme izinhlekelele zemvelo, sixazulule izingxabano zezombangazwe, futhi sithole isiqondiso lapho sinezinkinga zomuntu siqu.

Ingabe ukucabanga ngalezi zinto kukunika ukuthula kwengqondo? Uma kungenjalo, cabangela ikhambi elihlukile. Akukhona nje ukuthi liyakhanga kuphela kodwa futhi linengqondo kakhulu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

IBhayibheli lifundisa ukuthi isintu sadalwa uNkulunkulu ngokuqondile. Asiwona umkhiqizo wokuziphendukela kwemvelo okungenandaba nokungenangqondo. Kunalokho, siyizingane zikaBaba onothando nohlakaniphile. Phawula la mazwi acacile ashiwo eBhayibhelini.

UGenesise 1:27. “UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.”

IHubo 139:14. “Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.”

UMathewu 19:4-6. “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”

IzEnzo 17:24, 25. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi yezulu nomhlaba, njengoba Yena eyiyo, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu njengokungathi kukhona akudingayo, ngoba yena ngokwakhe unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.”

IsAmbulo 4:11. “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”

Indlela Impendulo YeBhayibheli Eletha Ngayo Ukuthula Kwengqondo Kwangempela

Ukwazi ukuthi ‘yonke imindeni yasemhlabeni iqanjwe’ ngoNkulunkulu kushintsha indlela esibabheka ngayo abanye abantu. (Efesu 3:15) Ukuba nolwazi olunjalo kuthonya nendlela esizibheka ngayo thina nezinkinga zethu. Indlela yethu yokucabanga iyothonyeka ngezindlela ezilandelayo.

Lapho sibhekene nezinqumo ezinzima, ngeke sikhathazeke ngokungadingekile ngemibono yabantu engavumelani. Kunalokho, siyothembela ngokuqinile eselulekweni seBhayibheli. Ngani? Ngoba “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.

Yiqiniso, ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kudinga umzamo nokuzikhuza. Ngezinye izikhathi iseluleko salo singase sidinge ngisho nokuba senze izinto ngendlela ephambene nokuthambekela kwethu. (Genesise 8:21) Kodwa, uma sikwamukela ukuthi sadalwa uBaba wasezulwini onothando, kunengqondo ukuphetha ngokuthi wazi indlela engcono kakhulu okufanele siyithathe. (Isaya 55:9) Ngakho-ke iZwi lakhe liyasiqinisekisa: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Uma sisisebenzisa leso seluleko, ngeke sibe nokucindezeleka okukhulu lapho sibhekene nezinselele nezinqumo.

Lapho sibhekene nokubandlululwa, ngeke sicindezelwe yimizwa yokuzinyeza, sicabange ukuthi ngandlela-thile asilutho uma siqhathaniswa nolunye uhlanga noma isizinda sezenhlalo. Kunalokho, siyohlakulela ukuzihlonipha okunempilo. Ngani? Ngenxa yokuthi uBaba wethu, uJehova uNkulunkulu, “akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

Ukwazi lokho kuyosivimbela nasekuvumeleni ubandlululo ukuba lusonte indlela esibabheka ngayo abanye. Siyoqonda ukuthi asikho isizathu esizwakalayo sokuzizwa siphakeme kunabantu bolunye uhlanga, ngoba “ngomuntu oyedwa [uNkululnkulu] wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.”—IzEnzo 17:26.

Ngokuqinisekile, ukwazi ukuthi sadalwa nokuthi uMdali wethu uyasikhathalela kubeka isisekelo sokuthola ukuthula kwengqondo kwangempela. Kodwa kudingeka okwengeziwe ukuze silondoloze ukuthula kwangaphakathi.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Ingabe uhlanga lwesintu lwavela ngokuziphendu-kela kwemvelo?

[Isithombe ekhasini 5]

Ukwazi ukuthi uMdali wethu uyasikhathalela kungasinikeza ukuthula kwengqondo kwangempela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela