Sondela KuNkulunkulu
UMdali Okufanelekelayo Ukuba Simdumise
INGABE wake wazibuza ukuthi, ‘Iyini injongo yokuphila?’ Labo abakholelwa ukuthi ukuphila kuwumphumela wokuziphendukela kwemvelo okungenangqondo ukufuna kwabo impendulo kuyize. Akunjalo ngalabo abalamukelayo iqiniso elinobufakazi lokuthi uJehova uNkulunkulu unguMthombo wokuphila. (IHubo 36:9) Bayazi ukuthi wayenenjongo lapho esidala. Leyo njongo ichazwe encwadini yesAmbulo 4:11. Ake sibone ukuthi lawo mazwi abhalwa umphostoli uJohane, achaza kanjani ukuthi kungani silapha.
UJohane ubhala ngabahlabeleli basezulwini abadumisa uNkulunkulu: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” UJehova yedwa olufanelekelayo udumo olunjalo. Ngani? Ngenxa yokuthi “wadala zonke izinto.” Ngakho-ke, yini izidalwa zakhe ezihlakaniphile okufanele ukuba zishukumiseleke ukuyenza?
Kuthiwa uJehova uyakufanelekela “ukwamukela” inkazimulo, udumo namandla. Ngokungangabazeki, unguMuntu okhazimulayo, ohloniphekile nonamandla kunabo bonke endaweni yonke. Kodwa, iningi lesintu alikuqapheli ngempela ukuba kwakhe nguMdali. Noma kunjalo, bakhona abazibona ngokucacile “izimfanelo ezingabonakali” zikaNkulunkulu ezintweni azenzile. (Roma 1:20) Ngezinhliziyo ezinokwazisa, bashukumiseleka ukuba banike uJehova inkazimulo nodumo. Bamemezela kubo bonke abayokuzwa ubufakazi obanelisayo bokuthi nguJehova owenze zonke izinto ngokumangalisayo nokuthi ngenxa yalokho uyakufanelekela ukuba simnike inhlonipho.—IHubo 19:1, 2; 139:14.
Kodwa, uJehova uwathola kanjani amandla kubakhulekeli bakhe? Kuyiqiniso ukuthi asikho isidalwa esinganikeza uMdali ongumninimandla onke amandla. (Isaya 40:25, 26) Kodwa, njengoba sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, sinesilinganiso sezimfanelo zikaNkulunkulu, enye yazo okungamandla. (Genesise 1:27) Uma sikwazisa ngempela lokho uMdali wethu asenzele khona, siyoshukumiseleka ukuba sisebenzise izikhwepha namandla ethu ekumdumiseni nasekumkhazimuliseni. Kunokuba sichithe amandla ethu ekuzizuziseni thina, sinomuzwa wokuthi uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukwamukela wonke amandla ethu njengoba simkhonza.—Marku 12:30.
Kungani-ke silapha? Ingxenye yokugcina yesAmbulo 4:11 iyaphendula: ‘Ngenxa yentando yakho [zonke izinto ezidaliwe] zaba khona zadalwa.’ Asibanga khona ngokwentando yethu. Sikhona ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngenxa yalesi sizathu, ukuphilela ukuzizuzisa kuphela akwanelisi futhi kuyize. Ukuze sithole ukuthula kwangaphakathi, injabulo nokwaneliseka, kufanele sifunde ukuthi iyini intando kaNkulunkulu bese sivumelanisa ukuphila kwethu nayo. Yilapho-ke siyothola khona injongo yokudalwa nokuba khona kwethu.—IHubo 40:8.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
NASA, ESA, and A. Nota (STScI)