Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/22 k. 26-k. 27 isig. 7
  • Izingozi Zokucela Ukugitsheliswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingozi Zokucela Ukugitsheliswa
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkululeko Yokuzihambela
  • Ukuxhumana Njalo
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Ungumshayeli Oyingozi Kakhulu?
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Aya Ezindaweni Ezikude Kakhulu Zomhlaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/22 k. 26-k. 27 isig. 7

Izingozi Zokucela Ukugitsheliswa

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA

Ngosuku olushisayo ehlobo ngo-1990, uPaul Onions oneminyaka engu-24 ubudala waseBrithani owayehamba ecela ukugitsheliswa, wayesemgwaqweni omkhulu waseHume, eningizimu yeSydney, e-Australia. UPaul wajabula lapho umuntu angamazi emisa imoto futhi emgibelisa. Wayengazi ukuthi kanti ukugibela kule moto kwakuyocishe kumlahlekisele ukuphila kwakhe.a

ENGAZI lutho, uPaul wazihlalela esihlalweni esingaphambili wazixoxela nomshayeli. Emizuzwini embalwa nje lo mshayeli owayebonakala enokuthula waba nolaka futhi waqala impikiswano. Kungazelelwe umshayeli wamisa imoto, ethi ufuna ukukhipha amakhasethi omculo ngaphansi kwesihlalo. Akazange akhiphe amakhasethi, kodwa wakhipha isibhamu—akhomba ngaso uPaul esifubeni.

Engamnaki umshayeli owayethi akahlale phansi, ngokushesha uPaul wakhumula ibhande, waphuma egulukudela emotweni, futhi wagijima ngelikhulu ijubane enyuka ngomgwaqo. Lo mshayeli wamsukela ngezinyawo, ebonwa ngabanye abashayeli. Ekugcineni wamfica, wamdonsa ngesikibha wamthela othulini. Edlubulundela, uPaul wabaleka waziphonsa phambi kwemoto eyayiza ngakuye, ephoqa umshayeli owayethukile, umama owayehamba nezingane zakhe, ukuba ame. Lapho uPaul ezikhalela, lo mama wamgibelisa, wajikisa imoto, maqede washaya wachitha. Kwezwakala kamuva ukuthi lo mhlaseli kaPaul wayengumbulali obulala ephindelela owayesebulele abantu abangu-7 ababehamba becela ukugitsheliswa, abanye babehamba ngababili.

Yini eyenza ukuba lezi zisulu zikhange kangaka kulo mbulali? Ecaleni lalo mbulali, umahluleli waphawula: “Zonke izisulu zazingabantu abasebasha. Zaziphakathi kweminyaka engu-19 nengu-22 ubudala. Ngasinye sasiqhelelene kakhulu nekhaya, okwakwenza kucace ukuthi uma kukhona okwakungenzeka kuzo, akekho owayezozifuna kuze kudlule isikhathi eside.”

Inkululeko Yokuzihambela

Ukuhamba amazwe ngamazwe kungenziwa abantu abaningi kakhulu namuhla kunaseminyakeni embalwa edlule. Ngokwesibonelo, esikhathini esiyiminyaka emihlanu, inani labantu base-Australia abavakashela e-Asia landa ngaphezu kokuphindwe kabili. Benelukuluku noma befuna ukuzama izinto ezintsha, abasha abaningi nentsha esikhulile bagibela izindiza belibangise ezindaweni ezikude. Iningi lalezi zihambi lihlela ukucela ukugitsheliswa ukuze linciphise izindleko zohambo. Ngeshwa, ezingxenyeni eziningi zomhlaba, ukucela ukugitsheliswa akuseyona indlela yokuhamba ethakazelisayo nephephe njengakuqala—kulabo abacela ukugitsheliswa noma kulabo ababagibelisayo.

Isimo esihle sengqondo nokushisekela ukuvakasha akuyithathi indawo yokuhlakanipha okuhluzekile nokuwusizo. “Ngokuvamile ukushisekela ukuvakasha kusho ukuthi intsha iqala uhambo ingazilungiselele ngokwanele futhi ingaziqondi ngokugcwele izingozi noma imithwalo yayo yemfanelo,” kuphawula ipheshana elibhalelwe imikhaya efuna izingane ezilahlekile.

Leli pheshana liyanezela: “Abantu abahamba neqembu lokuvakasha elihlelekile, abahambela ezebhizinisi, noma abalandela isimiso esihlelwe kahle abavamile ukulahleka. Kungakhathaliseki ukuthi base-Australia noma kwelinye izwe, abantu abaningi abagcina sebebhekwa njengabalahlekile, kubonakala sengathi yilabo abahamba becela ukugitsheliswa futhi abasebenzisa izinto zokuhamba ezishibhile.”

Kungakhathaliseki ukuthi ucela ukugitsheliswa noma cha, ukuhamba ngaphandle kokuhlela—nakuba kukhanga kwabathile abangafuni ukuzizwa bebophekile—kuwukuzidonsela amanzi ngomsele. Uma izihlobo nabangane bengazi ukuthi lowo othathe uhambo ukuphi, abakwazi ukumsiza uma kwenzeka kuphakama isimo esiphuthumayo. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma isihambi sizithola sesiqulekile esibhedlela futhi kungekho muntu ekhaya owaziyo ukuthi sikuphi?

Ukuxhumana Njalo

Encwadini yakhe ethi Highway to Nowhere, uRichard Shears, intatheli yaseBrithani, wabhala ngabantu abangu-7 ababelahlekile “abavele bayeka ukuxhumana nemikhaya yakubo nabangane.” Yiqiniso, ekuqaleni, imikhaya ingase ingaqiniseki ukuthi isihlobo sivele sanyamalala noma kumane nje kuwukuthi asixhumani nayo. Lokhu kuyenza ingabaze ukuthinta iziphathimandla uma labo abasohambweni bengaxhumani nayo.

Omunye owayehambe ecela ukugitsheliswa wayevame ukunqamula ingxoxo nabazali bakhe ocingweni lapho esephelelwe imali ewuhlweza. Becabangela lokho okwenzeka, abazali bakhe banxusa imikhaya ukuba inike izingane amakhadi okushaya ucingo noma ihlele enye indlela yokushayela ekhaya. Nakuba lokhu kwakungase kungakusindisi ukuphila kwalona wesifazane osemusha, ukuxhumana njalo kungamsiza lowo osohambweni ukuba agweme, noma okungenani abhekane nezinkinga ezimbalwa.

Kungenzeka ukuthi laba bantu abangu-7 ababehambe becela ukugitsheliswa abalahlekelwa ukuphila kwabo babefunde izincwadi zokuvakasha ezithi elase-Australia lingelinye lamazwe aphephile emhlabeni kubantu abahambe becela ukugitsheliswa. Noma kunjalo, ukucela ukugitsheliswa kwabonakala kuwubuwula—ngisho noma nihamba nibabili futhi nisezweni “eliphephe” kunawo wonke.

[Umbhalo waphansi]

a Kumelwe kuphawulwe ukuthi kwezinye izindawo ukucela ukugitsheliswa kunqatshelwe ngokomthetho.

[Isithombe ekhasini 27]

Abazali bangagwema ukukhathazeka ngokungadingekile ngokunika izingane zabo amakhadi okushaya ucingo noma balungiselele enye indlela yokushayela ekhaya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela