Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 8/8 kk. 18-19
  • Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhuba Wasendulo
  • Inkululeko YamaKristu
  • Izimiso ZeBhayibheli Zokucatshangelwa
  • Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Kufanele Ngizidwebe Umzimba?
    I-Phaphama!—2003
  • Lithini IBhayibheli Ngokudweba Umzimbac?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 8/8 kk. 18-19

Umbono WeBhayibheli

Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela

“UKUZIQHENYA ngokubukeka kusithibeza ukuqonda,” kubhala umlobi wamanoveli waseFrance. Ngokuqinisekile, ukuqonda akuhilelekile ezintweni eziningi abantu abaye bazenza emizimbeni yabo ngenxa yokubukeka phakathi namakhulu eminyaka. Ngokwesibonelo, bezama ukuba nokhalo oluncane kuhle komnyovu, abesifazane bangekhulu le-19 leminyaka bampintsha izisu zabo ngamakhozethi baze bangabe besakwazi nokuphefumula. Abanye babethi banokhalo oluncane olungamasentimitha angu-33. Abanye besifazane babempintshwa amakhozethi abo kangangokuthi izimbambo zabo zabhangqana nezibindi, bafa.

Nakuba ngenhlanhla leyo mfashini isiphumile, ukuziqhenya ngokubukeka okwayibangela kusekhona nanamuhla njengoba kwakunjalo ngaleso sikhathi. Abesilisa nabesifazane basenza izinqubo ezinzima, ngisho neziyingozi, ukuze bashintshe ukubukeka kwabo okungokwemvelo. Ngokwesibonelo, izindawo zokudweba imifanekiso nokubhoboza umzimba, ezazivakashelwa abantu abangaziphethe kahle emphakathini, manje sezigcwele ezitolo eziwuxhaxha nasemadolobheni. Eqinisweni, onyakeni wamuva nje, ukudweba imifanekiso emzimbeni bekuyibhizinisi lesithupha emabhizinisini achuma ngokushesha e-United States.

Izinhlobo zokuhlobisa umzimba ezeqisayo nazo seziyanda, ikakhulukazi entsheni. Ukubhoboza izingxenye eziningi zomzimba—kuhlanganise izingono, amakhala, ulimi ngisho nezitho zangasese—sekuyathandwa kakhulu. Eqenjini elincane, ukubhoboza izingxenye zomzimba eziningi kanjalo sekuphuphile. Sebezama izindlela ezeqisa kakhulu njengokuzibeka uphawu ngokuzishisa, ukuzisikaa nokuziqopholoza, bese befaka izinto ngaphansi kwesikhumba ukuze zenze izimbobo noma imigodi emikhulu.

Umkhuba Wasendulo

Ukuhlobisa noma ukulungisa umzimba akukusha. Kwezinye izingxenye ze-Afrika, ukugcaba okuyisiko noma ukudweba imifanekiso emzimbeni sekungamakhulu eminyaka kusetshenziswa ukuze kuhlukanise amaqembu imindeni noma izizwe ezithile. Ngokuthakazelisayo, kwamaningi ala mazwe, imikhuba enjalo manje ayisathandeki futhi isiyancipha.

Ukudweba imifanekiso emzimbeni, ukuwubhoboza nokuwusika kwakukhona ezikhathini zeBhayibheli. Kwakuvame ukwenziwa izizwe ezingamaqaba ngenxa yenkolo yazo. Yingakho uJehova abenqabela abantu bakhe, amaJuda, ukuba alingise lawo maqaba. (Levitikusi 19:28) Njengesizwe “senzuzo yakhe,” ngaleyo ndlela amaJuda ayevikelekile emikhubeni yenkolo yamanga engcolile.—Duteronomi 14:2.

Inkululeko YamaKristu

AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho KaMose, nakuba ubeka izimiso ezithile ezaqhubekela ebandleni lobuKristu. (Kolose 2:14) Ngakho-ke angaveza imizwa yawo ngokulinganisela lapho ekhetha indlela yokuzihlobisa. (Galathiya 5:1; 1 Thimothewu 2:9, 10) Nokho, le nkululeko inemingcele.—1 Petru 2:16.

UPawulu wabhala kweyoku-1 Korinte 6:12: “Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo.” UPawulu wayeqonda ukuthi inkululeko yakhe njengomKristu yayingamnikezi imvume yokwenza noma yini ayithandayo ngaphandle kokucabangela abanye. Uthando ngabanye lwaluthonya ukuziphatha kwakhe. (Galathiya 5:13) Wanxusa: “Ninakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.” (Filipi 2:4) Umbono wakhe ongenabugovu uyisibonelo esihle kakhulu kunoma yimuphi umKristu ocabangela uhlobo oluthile lokuhlobisa umzimba.

Izimiso ZeBhayibheli Zokucatshangelwa

Omunye wemiyalo ebhekiswe kumaKristu, uwukuba ashumayele futhi afundise ngezindaba ezinhle. (Mathewu 28:19, 20; Filipi 2:15) UmKristu ngeke afune ukuvumela noma yini, kuhlanganise nokubukeka kwakhe, ukuba kuphazamise abanye ekulaleleni lowo myalo.—2 Korinte 4:2.

Nakuba intsha ethile ingase ikuthande ukuhloba okunjalo njengokubhoboza noma ukudweba imifanekiso emzimbeni, umKristu kufanele azibuze, ‘Ukuzihlobisa okunjalo kuzobenza basabele kanjani abantu endaweni engihlala kuyo? Ingabe bazongihlanganisa nabantu bamaqembu ayinqaba emphakathini? Ngisho noma unembeza wami ungivumela, ukubhoboza kwami umzimba noma ukuwudweba imifanekiso, kuyoba naliphi ithonya kwabanye ebandleni? Ingabe bayokubheka njengobufakazi ‘bomoya wezwe’? Ingabe kungase kubangele ukuba bangabaze ‘ukuhluzeka kwengqondo’ yami?’—1 Korinte 2:12; 10:29-32; Thithu 2:12.

Izinhlobo ezithile zokulungisa umzimba zinezingozi ezingokwempilo ezingathi sína. Ukudweba imifanekiso emzimbeni ngezinaliti ezingahlanzekile kuye kwahlotshaniswa nokusakazeka kwesifo sokusha kwesibindi negciwane lengculaza. Ngezinye izikhathi odayi abasetshenziswayo babangela izinkinga zesikhumba. Ukubhoboza umzimba kungase kuthathe izinyanga ngaphambi kokuba kuphole futhi kungase kube buhlungu isikhathi eside. Futhi kungase kubangele ushevu egazini, ukopha, amahlule, ukulimala kwenzwa nokungenwa yizifo eziyingozi. Ngaphezu kwalokho, ezinye izinqubo azisuseki kalula. Ngokwesibonelo, kuye ngokuthi ungakanani nokuthi umbala unjani, umfanekiso odwetshiwe ungase udinge ukwelashwa nge-laser okubizayo nokubuhlungu, izikhathi eziningana ukuze usuke. Ukubhoboza kungase kushiye izibazi oyohlala nazo ukuphila konke.

Ukuthi umuntu ukhetha ukuzamukela lezi zingozi noma cha kuyisinqumo sakhe siqu. Kodwa umuntu ofuna ukujabulisa uNkulunkulu uyaqaphela ukuthi ukuba umKristu kuhilela ukuzinikela kuNkulunkulu. Imizimba yethu iyiminikelo ephilayo eyiswa kuNkulunkulu ukuze ayisebenzise. (Roma 12:1) Ngakho-ke, amaKristu avuthiwe awabheki imizimba yawo njengempahla yawo kuphela angayilimaza noma ayidwebe ngokuthanda. Ikakhulukazi labo abafanelekela ukuhola ebandleni baziwa ngokulinganisela emikhubeni, ukuhluzeka engqondweni nokuba nengqondo.—1 Thimothewu 3:2, 3.

Ukuhlakulela nokusebenzisa amandla okucabanga aqeqeshwe ngeBhayibheli kuyosiza amaKristu ukuba agweme imikhuba eyeqisayo, yokuthanda ukuzihlukumeza yaleli zwe, ‘elihlukaniswe ngokudabukisayo nokuphila okungokukaNkulunkulu.’ (Efesu 4:18) Ngaleyo ndlela angenza ukuba nengqondo kwawo kukhanye kubo bonke abantu.—Filipi 4:5.

[Umbhalo waphansi]

a Kukhona umehluko ocacile phakathi kokusikwa ngenxa yezizathu zempilo noma ngenxa yobuhle nokusikwa noma ukunqunywa okwenziwa yintsha eningi esiwumlutha wako, okuwumkhuba ikakhulukazi emantombazaneni asemasha. Lokhu kwakamuva kuvame ukuba uphawu lokucindezeleka okungokomzwelo okungathi sína noma ukuxhashazwa, okungase kudinge usizo lochwepheshe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela