Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 12/22 kk. 25-27
  • Ngingabhekana Kanjani Nokushiywa Ubaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Nokushiywa Ubaba?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ukuhlanya’
  • Ukunqoba Intukuthelo
  • Ukuthatha Isinyathelo Kuqala
  • Ukubhekana Nobuhlungu Bokwenqatshwa
  • Sekela Umkhaya Wakini!
  • Wasishiyelani Ubaba?
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani Umzali Wami Engangithandi?
    I-Phaphama!—2002
  • Izibonelo Zemikhaya Ephumelele—Ingxenye Yokuqala
    I-Phaphama!—2009
  • Kuthiwani Uma Umzali Wami Egula?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 12/22 kk. 25-27

Intsha Iyabuza . . .

Ngingabhekana Kanjani Nokushiywa Ubaba?

“Kwakunzima ukukhula ngaphandle kukababa. Ngangifuna othile onganginaka.”—UHenry.a

UJOAN wayeneminyaka engu-13 ubudala lapho uyise ebashiya. Njengoba uyise ayebanjwe ugibe lokuba umlutha wotshwala, akazange azame ukuxhumana nezingane zakhe ngemva kokuhamba. Ngokudabukisayo, uJoan akayedwa; iningi itsha eye yalahlwa ngoyise.

Uma lokhu kuye kwenzeka kuwe, ungase ukuthole kunzima ukubhekana nako. Ungase uzizwe kabuhlungu futhi uthukuthele ngezikhathi ezithile. Ngezinye izikhathi ungase uzizwe uphatheke kabi futhi ucindezelekile. Ungase ulingekele ngisho nokuba ube yihlongandlebe. Njengoba umlobi weBhayibheli uSolomoni asho, “ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo.”—UmShumayeli 7:7.

‘Ukuhlanya’

UJames ‘wayehlanya’ ngemva kokuba uyise ebashiyile. UJames wathi: “Ngangingalaleli muntu, ngisho nomama. Ngangixabana nabantu njalo. Ngangihlale ngiqamba amanga futhi ngeqa ebusuku ngoba akekho owayengeluleka. Umama wazama ukunginqanda, kodwa wehluleka.” Ingabe ukuba yihlongandlebe kwasenza saba ngcono ngempela isimo sikaJames? Phinde. UJames uthi ngokushesha “wayesedla izidakamizwa, elova esikoleni futhi engaphumeleli ekuhlolweni.” Ngokushesha ukuziphatha okubi kwaba kubi kakhulu. Uyavuma: “Ngangintshontsha ezitolo, futhi ngiphange abantu. Ngaboshwa kabili ngavalelwa isikhashana, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.”

Lapho ebuzwa ukuthi yini eyamenza waba yihlongandlebe kangaka, uJames wathi: “Ngoba ubaba wayesehambile, ngangingasenaso isiyalo. Ngangingacabangi ngempela ukuthi ngimzwisa ubuhlungu kangakanani umama, umfowethu nodadewethu abancane, kanye nami ngokwami. Ngangifuna ukunakwa futhi ngikhuzwe ubaba.”

Kodwa ukuba yihlongandlebe kumane kubhebhethekise isimo esibi. (Jobe 36:18, 21) Ngokwesibonelo, uJames akazidalelanga yena kuphela izinkinga kodwa ngisho nonina nezingane zakubo, abacindezeleka ngokungadingekile. Okubi nakakhulu iqiniso lokuthi ukuvukela kungaxabanisa umuntu noNkulunkulu. Phela, uJehova utshela intsha ukuba ilalele unina.—IzAga 1:8; 30:17.

Ukunqoba Intukuthelo

Pho ungalwa kanjani nentukuthelo ongase ube nayo ngoyihlo? Okokuqala, kungase kudingeke ukuba uzikhumbuze ukuthi ukuhamba kukayihlo kwakungelona iphutha lakho. Futhi akusho ukuthi akasakuthandi noma akasakukhathaleli. Kuyiqiniso ukuthi kungase kube buhlungu uma uyihlo engenzi mzamo wokuxhumana nani noma wokuvakasha. Kodwa njengoba isihloko esandulele kulolu chungechunge sabonisa,b obaba abaningi abashiya imikhaya yabo bayayeka ukuxhumana nezingane zabo, hhayi ngoba bengazithandi kodwa ngoba bezizwa benecala futhi benamahloni kakhulu. Abanye, njengoyise kaJoan, bayimilutha yezidakamizwa noma uphuzo oludakayo, futhi lokhu kukhinyabeza ikhono labo lokwenza izinto.

Kunoma ikuphi, zama ukukhumbula ukuthi abazali bakho abaphelele. IBhayibheli lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23; 5:12) Yiqiniso, lokhu akukwenzi kuthetheleleke ukuziphatha okulimaza abanye noma okubonisa ukungabi nandaba nabo. Kodwa ukuqaphela iqiniso lokuthi sonke asiphelele kungase kukwenze kube lula ngawe ukulwa nentukuthelo elimazayo.

Lokho okushiwo umShumayeli 7:10 kungakusiza ukuba ubhekane nentukuthelo ongase ube nayo ngabazali bakho. Phawula ukuthi lixwayisa kanjani ngokugxila esikhathini esidlule: “Ungasho ukuthi: ‘Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?’ Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.” Ngakho, esikhundleni sokugxila endleleni izinto ezazingayo kuqala, kungcono ukugxila ekwenzeni isimo okuso sibe ngcono.

Ukuthatha Isinyathelo Kuqala

Ngokwesibonelo, ungase ucabangele ukuthatha isinyathelo kuqala ukuze uxhumane noyihlo. Yiqiniso, nguye owakushiya futhi ngokufanelekile ungase ube nomuzwa wokuthi nguye okufanele athathe isinyathelo kuqala. Kodwa uma eye wahluleka ukwenza kanjalo futhi ukungaxhumani naye kukwenza udumale futhi ungajabuli, ingabe kufanele uzame ukuthuthukisa isimo wena ngokwakho? Cabangela indlela uJesu Kristu asingatha ngayo izinto lapho abanye abangane bakhe bemphatha kabi. Ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe njengomuntu, abaphostoli bakhe bamlahla. UPetru wayezigabise ngokuthi ngeke amshiye uJesu kumnyama kubomvu. Nokho, uPetru wamphika uJesu—hhayi kanye kodwa kathathu!—Mathewu 26:31-35; Luka 22:54-62.

Noma kunjalo, uJesu waqhubeka emthanda uPetru naphezu kwamaphutha akhe. Ngemva kokuvuka kukaJesu, uJesu wathatha isinyathelo kuqala sokubuyisa ubuhlobo babo ngokubonakala ngokukhethekile kuPetru. (1 Korinte 15:5) Ngokuthakazelisayo, lapho uJesu ebuza uPetru umbuzo othi, “Uyangithanda na?” impendulo kaPetru yathi “Yebo, Nkosi, uyazi ukuthi ngisondelene nawe ngokomzwelo.” Naphezu kwezenzo zakhe ezibangela amahloni, uPetru wayesamthanda uJesu.—Johane 21:15.

Njengoba kwenzeka endabeni kaPetru noJesu, kungenzeka kusenethemba ngesimo sikayihlo. Mhlawumbe uyosabela uma uthatha isinyathelo kuqala njengokumshayela ucingo, ukubhala incwadi noma ukumvakashela. UHenry, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyakhumbula: “Ngake ngambhalela ubaba, futhi wangiphendula wathi uyaziqhenya ngami. Leyo ncwadi ngayifaka efulemini ngayilengisa odongeni iminyaka eminingi. Ngisenayo nanamuhla.”

UJoan nezingane zakubo nabo bathatha isinyathelo kuqala, bavakashela uyise owumlutha wotshwala. UJoan uyavuma: “Wayengekho esimweni esihle, kodwa sajabula ngokumbona.” Mhlawumbe ukuthatha isinyathelo kuqala kuyokusiza nawe. Uma engasabeli ekuqaleni, ungase uthande ukudlulisa isikhathi esithile bese uphinda uzame.

Ukubhekana Nobuhlungu Bokwenqatshwa

USolomoni usikhumbuza ukuthi kukhona “isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa.” (UmShumayeli 3:6) Ngezinye izikhathi osemusha kufanele abhekane neqiniso elibuhlungu lokuthi uyise akafuni ukuba nobuhlobo nezingane zakhe. Uma kunjalo ngoyihlo, mhlawumbe ngolunye usuku uyihlo uyoqaphela ukuthi uye walahlekelwa kanjani ngokuhluleka ukulondoloza ubuhlobo nawe.

Nokho, okwamanje qiniseka ukuthi ukukwenqaba kwakhe akusho ukuthi awuyinto yalutho. Umhubi waseBhayibhelini uDavide wathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Yebo, usabaluleké kakhulu emehlweni kaNkulunkulu.—Luka 12:6, 7.

Ngakho uma uzizwa udangele noma ucindezelekile, sondela kuNkulunkulu ngomthandazo. (IHubo 62:8) Mtshele indlela ozizwa ngayo. Qiniseka ukuthi uyokulalela futhi akududuze. Omunye umhubi waseBhayibhelini wabhala: “Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHubo 94:19.

Ubudlelwane obunemfudumalo namanye amaKristu bungakusiza ukuba ubhekane nokulahlwa okunjalo. IzAga 17:17 zithi: “Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.” Ungabathola abangane beqiniso abanjalo ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova. Kungase kukusize nakakhulu ukujwayelana nabanye bababonisi bebandla. Umfowabo kaJoan, uPeter, unikeza lesi seluleko: “Xoxa nabantu abadala ebandleni, bayokusiza kakhulu. Uma ulahlwe nguyihlo, batshele ukuthi uzizwa kanjani.” Ababonisi bebandla bangase basikisele izinto eziwusizo ekunakekeleni eminye imithwalo yemfanelo eyayinakekelwa uyihlo, njengokulungisa ikhaya.

Unyoko naye angase akusekele. Yiqiniso, kungenzeka naye ucindezelekile ngokomzwelo. Kodwa uma umtshela ngenhlonipho imizwa yakho, akungabazeki ukuthi uyokwenza okusemandleni ukuba akunake.

Sekela Umkhaya Wakini!

Ukungabi bikho kukayihlo kungase kuwuthinte ngezindlela eziningana umkhaya wakini. Unyoko kungase kudingeke ukuba asebenze—mhlawumbe abambe imisebenzi emibili—ukuze nithole izidingo zokuphila. Wena nezingane zakini kungase kudingeke ninakekele izinto eziningi ekhaya. Kodwa ningabhekana noshintsho olunjalo uma nihlakulela uthando lobuKristu olungenabugovu. (Kolose 3:14) Lokhu kungakusiza ukuba ulondoloze isimo sengqondo esihle futhi ulawule intukuthelo. (1 Korinte 13:4-7) UPeter uthi: “Ukusiza umkhaya wakithi kuyinto enhle, futhi ngiyaneliseka ngokwazi ukuthi ngisiza umama nodadewethu.”

Akungabazeki ukuthi ukuhamba kukababa ekhaya kuyisenzakalo esiyinhlekelele nesibuhlungu. Kodwa ungaqiniseka ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu nosizo lwabangane abangamaKristu abanothando nomkhaya wakini, wena nomkhaya wakini ningabhekana nesimo.c

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

b Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Wasishiyelani Ubaba?” kumagazini ka-November 22, 2000.

c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphila emkhayeni onomzali oyedwa, bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” kuyi-Phaphama! ka-December 22, 1990 neka-March 22, 1991.

[Izithombe ekhasini 26]

Enye intsha iye yathatha isinyathelo kuqala sokuxhumana noyise

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela