Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/8 k. 3
  • Ukuvaleleka Emshadweni Ongenaluthando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvaleleka Emshadweni Ongenaluthando
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwanda Kwezehlukaniso
    I-Phaphama!—1992
  • Isehlukaniso Sinazo Izisulu
    I-Phaphama!—1991
  • Isehlukaniso—Isivuno Saso Esibuhlungu
    I-Phaphama!—1992
  • Idivosi Izithinta Kanjani Izingane?
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/8 k. 3

Ukuvaleleka Emshadweni Ongenaluthando

“Emphakathini onabantu abaningi abahlukanisayo, akukhona nje kuphela ukuthi imishado eminingi engajabuli kungenzeka iqedwe isehlukaniso, kodwa ngaphezu kwalokho, miningi imishado okungenzeka igcine ingajabuli.”—I-COUNCIL ON FAMILIES IN AMERICA.

KUYE kwathiwa injabulo enkulu ekuphileni kanye nosizi kuvela emthonjeni owodwa—umshado. Ngempela, zimbalwa izinto ekuphileni ezinamandla okuletha injabulo enkulu—noma usizi olukhulu njengomshado. Njengoba ibhokisi elihambisana nalesi sihloko libonisa, imibhangqwana eminingi ilusizi kakhulu.

Kodwa izibalo zesehlukaniso aziyivezi yonke inkinga. Umshado ngamunye ocwilayo, kunenqwaba esala intanta kodwa isemanzini amile. Owesifazane oseneminyaka engaphezu kwengu-30 eshadile, wathulula isifuba ethi: “Sasiwumkhaya ojabulayo, kodwa iminyaka engu-12 edlule iye yaba mibi kakhulu. Umyeni wami akanandaba nemizwa yami. Uyisitha esikhulu kakhulu semizwelo yami.” Ngokufanayo, umyeni oseneminyaka engu-25 eshadile wakhononda: “Umkami ungitshele ukuthi akasangithandi. Uthi kungaba ngcono uma simane sihlala ndawonye nje omunye nomunye azenzele okwakhe ngesikhathi sakhe.”

Yebo, abanye abasesimweni esibi kanjalo bayawuqeda umshado wabo. Nokho, kwabaningi eyesehlukaniso ayiphathwa nakuphathwa. Ngani? NgokukaDkt. Karen Kayser, izindaba ezinjengezingane, ihlazo emphakathini, izimali, abangane, izihlobo nezinkolelo ezingokwenkolo zingase zigcine umbhangqwana undawonye, ngisho noma uthando seluphelile. Uthi: “Njengoba bengenakuhlukanisa ngokomthetho, laba bangane bomshado bakhetha ukuhlala ndawonye kodwa bebe sebehlukanisile ngokomzwelo.”

Ingabe umbhangqwana ongasenabo ubuhlobo obuhle kufanele uvele ukwamukele ukuphila kokunganeliseki? Ingabe uma ningahlukanisi ayikho enye into eningayenza ngaphandle kokuhlala emshadweni ongenaluthando? Izinto eziye zenzeka zibonisa ukuthi imishado eminingi ingase isindiswe—hhayi osizini lokuhlukanisa kuphela kodwa nasebuhlungwini bokuphela kothando.

[Ibhokisi ekhasini 3]

IZINGA LESEHLUKANISO EMHLABENI

• E-Australia: Izinga lesehlukaniso seliphindeke cishe kane kusukela ngasekuqaleni kwawo-1960.

• EBrithani: Izibikezelo zithi imishado emine kweyishumi iphela ngesehlukaniso.

• ECanada naseJapane: Cishe ingxenye yesithathu yabantu abashadile ifaka isehlukaniso.

• E-United States: Kusukela ngo-1970, imibhangqwana eshadayo inamathuba alinganayo okuhlala ndawonye nawokuhlukanisa.

• EZimbabwe: Imishado emibili kwemihlanu iphela ngesehlukaniso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela