Ubungaphendula Kanjani?
CHAZA UMFANEKISO
Yisho abantu abathathu abasemfanekisweni kaJesu okuLuka 10:29-37. Bhala izimpendulo zakho ngezansi.
1.․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
2.․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
3.․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngako: Yini oyithandayo ngendlela umSamariya enza ngayo? Ungaba kanjani umakhelwane omuhle?
KWENZEKA NINI
Yisho umlobi noma abalobi bezincwadi zeBhayibheli ezingezansi, bese udweba umugqa ohlanganisa incwadi nonyaka okungenzeka yaqedwa ngawo.
537 B.C.E. 460 455 50-52 C.E. 66-70 C.E.
4. 2 IziKronike
5. Ezra
6. Galathiya
NGINGUBANI?
7. Ngacela iseluleko kubantu abadala nabasebasha kodwa ngalalela abasebasha.
NGINGUBANI?
8. UPawulu wangifanisa nesivumelwano, iNtaba iSinayi neJerusalema.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 9 Labo abakhonza uNkulunkulu bayoba kanjani njengoNowa? (2 Petru 2:____)
Ikhasi 10 Yini abalungile abayoyidla njengefa? (IHubo 37:____)
Ikhasi 12 Yini engabambezela intukuthelo yakho uma uqhathaniswa nabanye? (IzAga 19:____)
Ikhasi 26 Singaba kanjani abangane bakaJesu? (Johane 15:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 29)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Umpristi.
2. UmLevi.
3. UmSamariya.
4. U-Ezra, ngo-460 B.C.E.
5. U-Ezra, ngo-460 B.C.E.
6. UPawulu, ngo-50-52 C.E.
7. URehobowamu.—2 IziKronike 10:3-14.
8. UHagari.—Galathiya 4:22-25.