Izithabathaba Ezincanyana Zase-Istanbul
● Izindlu zezinyoni ezenziwe ngokhuni zigcwele wonke umhlaba. Ziyizindawo ezikahle kakhulu lapho izinyoni zingadla khona, zifudumane, zenze izidleke, zikhulise amaphuphu futhi zivikeleke ezilwaneni ezizidlayo nasezimweni zezulu. E-Istanbul, izindlu zezinyoni ziklanywe ngendlela yokuba zibonakale zifana nezakhiwo zangempela. Ezinye zifana nezindlu eziyizithabathaba; amathempeli amakhulu noma izigodlo.a Zaziwa ngokuthi izindlu zamajuba, izithabathaba zezinyoni, ngisho nangokuthi izigodlo zondlunkulu.
Ezindala kunazo zonke zakhiwa ngekhulu le-15, futhi ziklanywe ngendlela evamile yokwakha yangaleso sikhathi. Ziyizakhiwo ezingatheni, kodwa kusukela ekhulwini le-18, zaqala ukwakhiwa ngobuchule, futhi zathokomala. Ezinye zazinezitsha zokudla nezamanzi, zinezindlela zokuhambahamba, ngisho novulandi lapho izinyoni zazingama khona njengokungathi ziyabukabuka. Ngokuvamile, lezi zindlu zazibekwa ohlangothini lwesakhiwo olunelanga noluvikelekile emoyeni—endaweni amakati, izinja nabantu abangenakufinyelela kuyo. Ngezinye izikhathi lezi zindlu zazingenzelwa nje izinyoni kodwa zazenzelwa ukuhlobisa izakhiwo. Ungazibona izindlu zezinyoni ezinhlangothini zamathempeli amakhulu namancane, naseduze kwezindawo zamanzi zomphakathi, emitatsheni, emabhulohweni nasemizini yabantu.
Ngokudabukisayo, eziningi zalezo zithabathaba ezincanyana seziwohlokile ngenxa yokuhlaselwa isimo sezulu, kanti ezinye ziye zacekelwa phansi ngamabomu abantu abangenakwazisa. Seziyivelakancane lezi zindlu. Noma kunjalo, uma uvakashela e-Istanbul futhi uzithanda izinto zomlando, hlola ukuthi ngeke yini wazibona lezi zakhiwo ezincanyana ezintekenteke zilenga emaphethelweni ophahla. Njengoba sewazi ukuthi ziyini lezi zithabathaba ezincanyana, ukuzibona kuyokwenza ukuvakasha kwakho kuleli dolobha kujabulise.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba zibukeka ziwumfuziselo wokungokoqobo, ngokuvamile lezi zindlu zezinyoni azisuselwa ezakhiweni ezithile.