Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/12 kk. 23-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu Namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 9/12 kk. 23-31

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?

Funda uLuka 17:11-19. Iziphi izici ezintathu ezingalungile kulo mdwebo? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, futhi ufake imibala esithombeni.

ENINGAXOXA NGAKHO:

Yini eyenziwa umuntu oyedwa onochoko abanye abangayenzanga?

UMKHONDO: Funda uLuka 17:15, 16.

Ungasilingisa kanjani isibonelo sakhe?

UMKHONDO: Funda eyabaseKolose 3:15; 1 Thesalonika 5:18.

Ubani okufanele ungakhohlwa ukumbonga nsuku zonke?

UMKHONDO: Funda iHubo 107:8; Jakobe 1:17.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Cela ilungu lomkhaya ngalinye ukuba libhale okungenani isizathu esisodwa sokubonga uJehova uNkulunkulu, isizathu esisodwa sokubonga othile emkhayeni nesizathu esisodwa sokubonga umngane ongelona ilungu lomkhaya. Ngemva kwalokho, yenza uhlu lwezindlela ezisebenzayo zokubonisa ukwazisa kwakho kulabo obabhalile.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

IKHADI LEBHAYIBHELI 21 UMOSE

IMIBUZO

A. UJehova waphefumulela uMose ukuba abhale ziphi izincwadi zeBhayibheli?

B. Abazali bakaMose kwakungu- ․․․․․ no- ․․․․․. Watholwa yi- ․․․․․ ․․․․․.

C. Qedela la mazwi aseBhayibhelini: UMose “waqhubeka egxilile sengathi . . . ”

UMLANDO WAKHE

UMose ungumuntu wokuqala eBhayibhelini owanikwa amandla okwenza izimangaliso, wakhonza njengomprofethi kaNkulunkulu, umahluleli, umniki-mthetho nomholi wama-Israyeli asendulo. Ama-Israyeli ayembheka njengomuntu owenza izinto eziningi ezimangalisayo.—Duteronomi 34:10-12; Eksodusi 4:1-9.

IZIMPENDULO

A. UGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri, uDuteronomi, uJobe neHubo 90 mhlawumbe neHubo 91.

B. U-Amramu, uJokebedi, indodakazi kaFaro.—Eksodusi 1:15–2:10; 6:20.

C. “. . . uyambona Lowo ongabonakali.”—Hebheru 11:27.

Abantu Namazwe

Igama lami nginguMampionona. Ngineminyaka engu-8 ubudala, futhi ngihlala eMadagascar. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova eMadagascar? Ingabe bangu-10 000, bangu-24 000, noma bangu-62 000?

Iliphi ichashazi elibonisa lapho ngihlala khona? Likokelezele bese ufaka ichashazi lapho wena uhlala khona, ubone ukuthi ukude kangakanani neMadagascar.

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya engosini ethi www.pr2711.com

IZIMPENDULO

  1. Kufanele kube nabantu abanochoko abayishumi, hhayi abangu-11.

  2. Kulokhu kulandisa abanochoko bonke babengamadoda.

  3. Indoda eyabuya “yawa ngobuso ezinyaweni zikaJesu, imbonga.”

  4. 24 000. 

  5. B.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela