Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 4 k. 3
  • Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zuza Emandleni Esejwayezi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2016
  • Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 4 k. 3
Owesifazane ubukela ithelevishini futhi udla ukudla okungenamsoco

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho

  • I-alamu

    LAPHO i-alamu lika-Austin likhala, usuke esaphethwe ubuthongo. Kodwa uvuka gubhubhu, afake izingubo zokugijima abezilungise ngayizolo ebusuku, aye kogijima—njengoba nje ebelokhu enza kathathu ngesonto kusukela ngonyaka odlule.

  • Iphakethe likashokoledi

    ULaurie usanda kuxabana nomyeni wakhe. Ecasukile futhi ekhungathekile, ushona ekhishini, akhiphe iphakethe likashokoledi, awudle wonke—njengoba nje eye enze njalo lapho ethukuthele.

Bafana ngani u-Austin noLaurie? Kungakhathaliseki ukuthi bayabona noma ababoni, bobabili bathonywe amandla amakhulu—amandla esejwayezi.

Wena? Zikhona yini izejwayezi ezinhle ongathanda ukuba nazo? Mhlawumbe umgomo wakho ukujima njalo, ukulala ngokwanele noma ukubathinta njalo abantu obathandayo.

Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe ungathanda ukuyeka isejwayezi esibi, njengokubhema, ukudla ukudla okungenamsoco noma ukuchitha isikhathi esiningi kakhulu kuyi-Internet.

Kuyavunywa, kungaba nzima ukuyeka isejwayezi esibi. Eqinisweni, abanye bathi isejwayezi esibi sinjengombhede othokomele ngosuku olubandayo: kulula ukungena kuso kodwa kunzima ukuphuma!

Ngakho, ungazilawula kanjani izejwayezi zakho ukuze zikusize kunokuba zikulimaze? Hlola la macebiso amathathu asekelwe ezimisweni eziseBhayibhelini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela