Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 4 k. 8
  • Inyoni Emangalisayo Okuthiwa I-⁠Arctic tern

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inyoni Emangalisayo Okuthiwa I-⁠Arctic tern
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwasenza Savakashela EChristmas Island
    I-Phaphama!—2007
  • Ukuphenya Izimfihlakalo Zokufuduka
    I-Phaphama!—1995
  • Isimangaliso Sokuhlakanipha Okungokwemvelo
    I-Phaphama!—2007
  • Ukunqamula Enyakatho Yomhlaba
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 4 k. 8
I-Arctic tern

Inyoni Emangalisayo Okuthiwa I-Arctic Tern

KWAKUKHOLELWA ukuthi izinyoni ezibizwa ngama-arctic tern zindiza amakhilomitha angaba ngu-35 200 ukusuka e-Arctic ziya e-Antarctica ziphinde zibuyele e-Arctic. Nokho, ucwaningo lwamuva lubonisa ukuthi lezi zinyoni zindiza amabanga amade kakhulu kunalokho.

Indlela i-⁠Arctic tern endiza ngayo lapho ifuduka phezu kolwandle i-⁠Atlantic

Lezi zinyoni azindizi ziqonde, njengoba kuboniswe esithombeni

Abacwaningi bathatha izinyoni eziningana bazifaka imishinyana emncane ebizwa ngokuthi ama-geolocator. Le mishinyana, enesisindo esincane kakhulu, yabonisa ukuthi empeleni ezinye zalezi zinyoni zazindiza amakhilomitha angu-90 000 ukuya nokubuya lapho zisuke zifudekele khona. Lokhu kusho ukuthi lapho lezi zinyoni zifuduka zihamba amabanga amade kunanoma iziphi ezinye izilwane. Enye yalezi zinyoni yandiza amakhilomitha acishe abe ngu-96 000! Kungani sekutholakale amakhilomitha amasha andizwa yilezi zinyoni?

Kungakhathaliseki ukuthi zazifuduka zisuka kuphi, lezi zinyoni zazingandizi ziqonde ngqo lapho ziyakhona. Njengoba kuboniswe esithombeni, uma zindiza ziwela ulwandle i-Atlantic zazingaqondi ngqo, kunalokho indlela yazo yayimisa okohlamvu u-S. Kungani? Kungenxa yokuthi lezi zinyoni zindiza zihambisane nomoya osuke ukhona ngaleso sikhathi.

Njengoba lezi zinyoni ziphila iminyaka engaba ngu-30, kungenzeka zithi zifa zibe sezindize amakhilomitha angaphezu kwezigidi ezingu-2,4. Leli yibanga elilingana nokuya enyangeni uphinde ubuye izikhathi ezintathu noma ezine! Omunye umcwaningi wathi: “Kumangaza kakhulu ukuthi le nyoni enesisindo esingaphezudlwana kwamagremu ayikhulu nje kuphela iyakwazi ukukwenza lokhu.” Ngaphezu kwalokho, incwadi i-Life on Earth: A Natural History ithi, njengoba lezi zinyoni zihlale zifudukela endaweni okusuke kuyihlobo kuyo, “zithola ukukhanya okuningi kunanoma isiphi esinye isilwane esiphilayo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela