THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI
Yini Ebangela Ukucindezeleka?
I-Mayo Clinic eyaziwayo iyabika, “Liya likhula izinga lokucindezeleka kubantu abadala abaningi. Ukuphila kwanamuhla kugcwele ushintsho nezinto ezisikhathazayo.” Cabanga ngolunye ushintsho nezinto ezisikhathazayo ezingabangela ukucindezeleka:
ukudivosa
ukufa komuntu omthandayo
ukugula kakhulu
izingozi ezihlasimulisayo
ubugebengu
ukuphila okumatasa
izinhlekelele zemvelo noma ezibangelwa abantu
izingcindezi zasesikoleni noma emsebenzini
ukukhathazeka ngomsebenzi nokuba nemali eyanele