INgxenye 2
Umhlaba Ongenakho Ukuhlupheka
1, 2. Imuphi umbono ohlukile abaningi abanawo?
NOKHO, izigidi zabantu emhlabeni wonke zinombono ohluke ngokuphelele. Zibona ikusasa eliqhakazile isintu esizoba nalo. Zithi khona lapha emhlabeni ngokushesha kuzoba nezwe elingenabo nhlobo ububi nokuhlupheka. Ziyaqiniseka ukuthi okubi kuzoqedwa ngokushesha futhi kumiswe izwe elisha ngokuphelele. Zize zisho nokuthi manje kubekwa isisekelo sezwe elisha!
2 Labantu bakholelwa ukuthi izwe elisha ngeke libe nempi, unya, ubugebengu, ukungabikho kobulungisa, kanye nobumpofu. Lizoba izwe elingenakho ukugula, usizi, izinyembezi, futhi ngisho nokufa. Ngalesosikhathi abantu bayothuthukela ekupheleleni futhi baphile phakade ngenjabulo epharadesi lasemhlabeni. Phela, ngisho nalabo abafile bayovuswa futhi babe nethuba lokuphila phakade!
3, 4. Kungani labobantu beqiniseka ngombono abanawo?
3 Ingabe lombono ngesikhathi esizayo umane nje uyiphupho, umane uyisifiso senhliziyo? Cha, akunjalo neze. Usekelwe okholweni oluqinile lokuthi leliPharadesi elizayo lizoba khona nakanjani. (Heberu 11:1) Kungani beqiniseka kangaka? Ngenxa yokuthi kuthenjiswe nguMdali ongumninimandla onke wendawo yonke.
4 Ngokuphathelene nesithembiso sikaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.” “UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, . . . ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?” “UJehova-Sebawoti ufungile, wathi: Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba-njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo.”—Joshuwa 23:14; Numeri 23:19; Isaya 14:24.
5. Yimiphi imibuzo edinga ukuphendulwa?
5 Nokho, uma injongo kaNkulunkulu yayiwukumisa ipharadesi lasemhlabeni elingenakho ukuhlupheka, kungani-ke kwasekuqaleni azivumela izinto ezimbi ukuba zenzeke? Kungani elindé iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuze kube manje ukuba alungise okungaqondile? Ingabe wonke lawomakhulu eminyaka okuhlupheka awabonisi ukuthi uNkulunkulu akasikhathaleli ngempela, noma ngisho nanokuthi akekho?