Izinto Ezimbi Zizophela Nakanjani!
UNKULUNKULU usinike iZwi lakhe eliphefumulelwe futhi liyasichazela ukuthi kungani abantu benza izinto ezimbi. Usinike nenkululeko yokuzikhethela nekhono lokuzithiba, okwenza sikwazi ukukhetha ukungazenzi izinto ezimbi. (Duteronomi 30:15, 16, 19) Ngakho, singakwazi ukubona noma yikuphi ukuthambekela okubi esingase sibe nakho futhi sithathe izinyathelo zokukulungisa. Ekugcineni, ukugwema izenzo ezimbi kuyosilethela injabulo, thina nalabo esihlala nabo.—IHubo 1:1.
Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ngamunye wethu uzama kakhulu kangakanani ukugwema okubi, izwe ligcwele abantu abenza izinto ezimbi. IBhayibheli liyaxwayisa: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Ukuze libonise ukuthi yini eyenza kube “nzima ukubhekana” nalezi zinsuku, liyaqhubeka: “Abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako; laba ubafulathele.”—2 Thimothewu 3:1-5.
Cishe uyiphawulile inkulumo ethi ‘izinsuku zokugcina’ kulo mBhalo oyisiprofetho ocashunwe ngenhla. Le nkulumo isho ukuthini kuwe? Abantu abaningi bayazi ukuthi inkulumo ethi ‘izinsuku zokugcina’ isho ukuthi kunezinto osekuseduze ziphele. Zinto zini lezo? Yizwa ukuthi uNkulunkulu uthembisani eZwini lakhe.
Bonke abantu ababi bazobhujiswa.
“Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHUBO 37:10, 11.
“UJehova uqapha bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uyobabhuqa.”—IHUBO 145:20.
Ingcindezelo izophela.
“[Uyokhulula] ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. [Uyokhulula] umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHUBO 72:12, 14.
“Indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—ROMA 8:21.
Izidingo zabantu ezingokwenyama zizokwaneliswa.
“Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.” —MIKA 4:4.
“Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.”—ISAYA 65:21, 22.
Umhlaba uzoba nobulungisa.
“Khona-ke, ngokuqinisekile ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo abakhamuluka kuye imini nobusuku . . . ? Ngiyanitshela, Uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha.”—LUKA 18:7, 8.
“UJehova ungumthandi wobulungisa, futhi ngeke abashiye abaqotho bakhe. Ngokuqinisekile bayoqashwa kuze kube nini nanini.”—IHUBO 37:28.
Ubugovu buzophela, kube khona ukulunga.
“Abakhileyo ezweni elikhiqizayo ngokuqinisekile bayofunda ukulunga.”—ISAYA 26:9.
“Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 PETRU 3:13.
Abantu Bayashintsha—Ngisho Kwamanje
Akungabazeki ukuthi sonke ziyasijabulisa lezi zithembiso. Kodwa sinasiphi isiqinisekiso sokuthi zizogcwaliseka? Empeleni, namanje sinabo ubufakazi bokuthi izithembiso zikaNkulunkulu zizogcwaliseka. Yibuphi lobo bufakazi? Kuyiqiniso ukuthi namuhla kunezigidi zabantu emhlabeni wonke ezijabulela imiphumela yokuthi ziye zayeka ubugovu, ukuziphatha okubi noma ubudlova, zafunda ukuba abantu abathembekile, abanokuthula nabanomusa. Namuhla, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-7 bayiqembu labazalwane bomhlaba wonke abaye banqoba ukwahlukana okubangelwa ukucwasana ngebala, uhlanga, ubuzwe, ezombusazwe nesimo somnotho, okuye kwadala inzondo eningi, ubudlova nokubulawa kwabantu phakathi nawo wonke umlando.a Lolu shintsho olwenziwa abantu namuhla lunikeza isisekelo esiqinile sokukholelwa ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zizogcwaliseka emhlabeni wonke.
Nokho, yini esiza laba bantu ukuba bakwazi ukwenza lezi zinguquko? Impendulo itholakala kwesinye sezithembiso zeBhayibheli, esalotshwa umprofethi u-Isaya. Wabhala:
“Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako. . . . Ngisho nengonyama iyodla utshani njengenkunzi. Umntwana oncelayo ngokuqinisekile uyodlala emgodini wemfezi; futhi ingane elunyuliweyo iyofaka isandla sayo embotsheni yomgodi wenyoka. Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9.
Ingabe lesi siprofetho simane sibikezela isikhathi lapho izilwane ziyophilisana ngokuthula nabantu? Cha, sibikezela nokwengeziwe. Phawula ukuthi ingxenye yokugcina yala mavesi isitshela lokho okuyobangela ushintsho: “Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” Ingabe ulwazi ngoNkulunkulu luyakwazi ukushintsha ukuziphatha kwesilwane? Cha. Kodwa luyakwazi ukushintsha abantu, futhi luyabashintsha! Lesi siprofetho sibikezela ukuthi abantu okungenzeka ukuthi babenezici zobulwane bangashintsha bahlakulele ubuntu obufana nobukaKristu ngenxa yokufunda nokwenza okufundiswa yiBhayibheli.
Ngokwesibonelo, uPedro wayekholelwa ukuthi wayelwela ubulungisa lapho ejoyina inhlangano yamaphekula.b Ngemva kokuqeqeshwa, watshelwa ukuba aqhumise izindawo zamaphoyisa zokuhlala. Waboshwa phakathi nalawo malungiselelo. Wahlala izinyanga ezingu-18 ejele, lapho aqhubeka khona nomsebenzi wakhe wokuvukela umbuso. Phakathi naleso sikhathi, umkakhe waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho ephuma ejele, naye waqala ukutadisha iBhayibheli futhi lokho akufunda ngoJehova uNkulunkulu kwamshukumisela ukuba enze izinguquko ezinkulu ebuntwini nasembonweni wakhe ngokuphila. Uthi: “Ngibonga uJehova ngokuthi angikaze ngibulale muntu phakathi neminyaka engangiyiphekula ngayo. Manje sengisebenzisa inkemba yomoya kaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze nginikeze abantu isigijimi sokuthula nobulungisa bangempela—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” UPedro waze wayoshumayeza amaphoyisa ayehlala ezindaweni okwakufanele aziqhumise, wawatshela ngesigijimi sokuthula nesomhlaba ongenabo ubudlova.
Ithonya elinamandla iZwi likaNkulunkulu elingaba nalo kubantu lisinika izizathu ezengeziwe zokuba nokholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi zonke izinto ezimbi zizophela nakanjani. Yebo, abantu ngeke benze izinto ezimbi kuze kube phakade; bazoshintsha. Maduze uJehova uzosusa umuntu obangela izinto ezimbi ekusithekeni, uSathane uDeveli, olawula izinto emhlabeni. IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Maduze uzoqedwa, kuhlanganise nalabo abanenkani abangafuni ukushiya izindlela zabo ezimbi. Yeka ukuthi ukuphila kuyoba mnandi kanjani!
Yini umuntu okumelwe ayenze ukuze athole lezi zibusiso? Khumbula ukuthi “ulwazi ngoJehova” yilona olwenza abantu bashintshe namuhla futhi yilona oluyoletha ushintsho esikhathini esizayo emhlabeni wonke. Ngokuthola ulwazi olunembile lweBhayibheli nokulusebenzisa—njengoba kwenza uPedro—nawe ungabheka phambili ekuphileni emhlabeni ‘okuyohlala kuwo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Ngakho-ke, siyakunxusa ukuba usebenzise ithuba osenalo ufunde ngoNkulunkulu nangoJesu Kristu, ngoba lokho kungasho ukuphila okuphakade ngawe.—Johane 17:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana ethi OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Igama lishintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Nawe ungabheka phambili ekuphileni emhlabeni ‘okuyohlala kuwo ukulunga.’—2 PETRU 3:13