3 UNkulunkulu Uyaphindisela—Ingabe Lokho Kuyiqiniso?
Okungenzeka ukuthi wake wakuzwa: “UNkulunkulu ubala zonke izono zabantu bese ebajezisa ngokubahlupha phakade esihogweni somlilo.”
“UNkulunkulu ujezisa izoni ngezinhlekelele zemvelo.”
Okufundiswa iBhayibheli: Incwadi yesibili kaPetru 3:9 ithi uJehova “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” Kunokuba agxile emaphutheni ethu, ugxila ezicini zethu ezinhle. ‘Amehlo akhe aqalaza emhlabeni wonke ukuze abonise amandla akhe kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.’—2 IziKronike 16:9.
IBhayibheli alifundisi ngesihogo somlilo—kwawona umqondo wokuhlupha abantu phakade uyanengeka kuNkulunkulu. Isigwebo sakhe esikhulu kunazo zonke kubantu ababi ukubaphuca isipho sokuphila. (Jeremiya 7:31; Roma 6:7) Izinhlekelele zemvelo ezibulala ngokungakhethi azizona izenzo zikaNkulunkulu, kunalokho, isikhathi nesenzakalo esingalindelekile singehlela noma ubani.—UmShumayeli 9:11.
Indlela ukwazi iqiniso okukusiza ngayo: Singasondela kuNkulunkulu lapho siqaphela ukuthi “ukulungele ukuthethelela” futhi akasheshi ukusilahla. (IHubo 86:5) Akudingeki sikhonze uNkulunkulu sinemizwa yecala noma sesaba isijeziso. Kunalokho, singakha ukholo lwethu sinesisusa esihle—uthando ngoJehova. Uthando olunjalo lungamandla asishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ukuze simjabulise.—Mathewu 22:36-38; 1 Johane 5:3.
Nakuba uNkulunkulu efuna wonke umuntu ashiye izindlela ezimbi enze okuhle, uyazi ukuthi abaningi abasoze bakwenza lokho. Uma engabathatheli izinyathelo labo abazimisele ukwenza okubi, ubengafana nsé nombusi obeka imithetho abese ehluleka ukuqinisekisa ukuthi iyalalelwa, ngokuvumela ukungabi nabulungisa nokuhlupheka. (UmShumayeli 8:11) Ukwazi ukuthi uNkulunkulu ngeke abekezelele ububi kuze kube phakade kusinika ithemba eliqinile ngekusasa. UNkulunkulu uthembisa ukubhubhisa labo abaphikelela ekwenzeni okubi, ukuze “abamnene” bajabulele ukuphila okuphakade emhlabeni njengoba ayehlosile ekuqaleni.—IHubo 37:10, 11, 29.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nokuthi uNkulunkulu uzowenza kanjani umhlaba ube ipharadesi, bheka isahluko 3 no-8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ingabe uNkulunkulu angathanda ukuba simkhulekele ngoba sesaba isijeziso?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]
Engravings by Doré