Qhubekani Nifundisa Ningayeki
1 IBhayibheli alisishiyi sinokungabaza ngohlobo lwensimu abaphostoli nabafundi abangamaKristu bakuqala ababenalo. Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu, iziphathimandla zabaxwayisa ukuba “bangakhulumi, bangafundisi” ngoJesu. (IzE. 4:18) Ngani? Esinye isizathu kwakuyimpumelelo emangalisayo ababenayo. Izinkulungwane zabantu zazikholwa, njengoba izEnzo 4:4 zibika: “Abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba-kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.”
2 Ngenxa yokuthi nathi siyaqhubeka sifundisa singayeki, amakhulu ezinkulungwane, yebo, izigidi ziba ezikholwayo osukwini lwethu. Phakathi no-October sinelungelo lokuhambisa iPhaphama! neNqabayokulinda ngesikhokhelo. Akukho kungabaza ukuthi iPhaphama! iye yafeza ingxenye ebalulekile ekwenzeni abantu baqaphele isidingo sabo esingokomoya. Lokhu kuye kwaholela enjabulweni ngabaningi, njengoba beye bafunda ukwenza intando kaJehova.—Qhathanisa noMathewu 5:3.
FINYELELANI BONKE ABANTU
3 Ngisho noma singase sibe nensimu esetshenzwa njalo, kusengenzeka ukuba sixoxe nabathile abangazange babe nethuba lokuzwa izindaba ezinhle. Kanjani? Ensimini engafinyeleleki ngenkonzo yendlu ngendlu, kungani ungasebenzisi ithuba lokufakaza ngocingo? Noma wenze umzamo okhethekile wokukhuluma nomnini-khaya lapho ufakaza kusihlwa noma ngempela-sonto. Ngokugcina umbhalo omuhle wendlu ngendlu, singase sikwazi ukufuna amanye amalungu omkhaya, njengogogo, umzala osafunda, noma umakoti osebenzayo phakathi nesonto. Umzamo owengeziwe wokuxoxa nelungu ngalinye lomkhaya ungase uvuzwe.
4 Kunezindlela eziningi ezinhle zokuthola izikhokhelo phakathi nenyanga. Enye yazo kungaba ukukhuthaza izifundo zethu zeBhayibheli nabanye abantu abathakazelayo ukuba benze isikhokhelo. Mhlawumbe omunye kwesifunda nabo iBhayibheli usenaso kakade isikhokhelo somunye walabomagazini. Kungani ungasikiseli ukuba abathole bobabili? Imikhaya ingase ikhuthazelwe ukuba ithole isikhokhelo seNqabayokulinda selungu ngalinye ukuze ikwazi ukulungiselela iSifundo seNqabayokulinda. Okunye ukusikisela kungaba ukuqalisa imizila kamagazini bese usikisela ukwenza izikhokhelo kulabo ababonisa isithakazelo esikhulu. Futhi kufanele sisikisele ukufunda iBhayibheli nalabo ababonisa isithakazelo esiqotho.
YANDISA INKONZO YAKHO
5 Akukephuzi kakhulu ukuba ufake isicelo sakho senkonzo yobuphayona obusizayo ngenyanga kaOctober. Njengomkhaya, ingabe nihlela ukuhlanganyela emsebenzini wobuphayona phakathi namaholide ezwe kaDecember? Manje isikhathi sokuba niqale ukucabanga ngendlela yokukwenza ngokuphumelelayo. Uma umkhaya ungeke ukwazi wonke ukungenela ubuphayona obusizayo, ingabe ningabambisana yini ukuze ilungu elilodwa noma engeziwe akwazi ukwenza kanjalo? Uma kungenjalo, ingabe okungenani kungenzeka ukuba nesikhathi esengeziwe enkonzweni nihambisa iPhaphama! neNqabayokulinda?
6 Siyazazisa izinzuzo ezingokomoya kanye nezibusiso esiye sazithola ngamakhasi ePhaphama! neNqabayokulinda. Siyazi ukuthi abantu abanhliziyo ziqotho ensimini yethu nabo bayozuza ngokucebile ekubafundeni njalo labomagazini. Phakathi nenyanga kaOctober, masiqhubeke nokufundisa kwethu ngamathuluzi amahle uJehova aye wasilungiselela wona. Ngokwenza kanjalo, siyozuza isibusiso sikaJehova futhi sibe isibusiso kwabanye.—Gal. 6:9.