Ukwelashwa Okukhethayo
ENCWADINI yakhe ekhuluma ngokwelapha ngamakhambi, uDkt. Isadore Rosenfeld wagcizelela leli phuzu: “Noma iluphi usizo olungokwempilo olunganikezwa iqembu labantu abaqinisekisiwe ukuthi ‘luzosebenza’ lungase luphumele ekuthuthukeni kwesimo sempilo engxenyeni eyisigamu yalabo bantu.”
Lokhu kubizwa ngokuthi ithonya le-placebo, okusho ukuthi ngisho nesigaxa sikashukela singasebenza uma umuntu ekholelwa ukuthi sizophumelela. Ithonya le-placebo lingadambisa izimpawu ezikhathazayo, kuhlanganise ubuhlungu, isicanucanu, ukutubeka komzimba, isiyezi, ukukhathazeka nokucindezeleka. Lembulani leli qiniso?
Phakathi kokunye, libonisa ukuthi ukuba nethemba kunoma yikuphi ukwelashwa umuntu akutholayo ngokuvamile kuyisici esibalulekile esimenza alulame. Ngesikhathi esifanayo, kungase kube yinkambo yokuhlakanipha ukuthola ukuthi indlela yokwelapha ihlasela umnyombo wenkinga hhayi izimpawu nje kuphela. Lokhu kungenziwa ngokuhlola ithonya lokwelashwa ngezindlela eziwusizo, ezinjengokuhlolwa ezikhungweni zocwaningo nangama-X ray.
Nokho, kunokwengeziwe umuntu angakwenza lapho ekhetha indlela yokwelashwa.
Izinyathelo Ezibalulekile Okufanele Uzithathe
Kuwukuhlakanipha ukwenza ucwaningo ngaphambi kokwenza isinqumo. Buza imibuzo. Yimiphi imiphumela ongayilindela? Ziyini izinzuzo, izingozi, izindleko nobude besikhathi sokwelashwa? Xoxa nabantu abaye belashwa ngendlela oyicabangelayo. Babuze ukuthi yabasiza yini. Nokho, khumbula ukuthi ubufakazi babantu bungakudukisa.
Indlela yokwelapha ngamakhambi ingase ingatuseki uma ibangela ukuba umuntu ayeke ukwelashwa okunomlando wempumelelo, ngisho noma izinga lempumelelo yokwelapha kodokotela lilinganiselwe. Ubufakazi bomonakalo ongaba khona bavezwa embikweni we-New England Journal of Medicine. Lo magazini wakhuluma ngokwanda komdlavuza ezigulini ezimbili ezincane ngeminyaka ezenqaba imithi kadokotela kuyilapho zisebenzisa amakhambi. Esinye salezi ziguli safa.
Abantu abanezifo ezingamahlalakhona noma ezisongela ukuphila, bahlala beliphaphamele ngokuhlakanipha iqiniso lokuthi bangase babe yizisulu zabakhohlisi abakhuthaza amakhambi awumgunyathi. Qaphela noma iyiphi imbiza okuthiwa iwuzifozonke. Isibonelo samuva nje amavithamini amasha okwakuthiwa “asiza ekuqedeni zonke izinto kusukela ezinkingeni zokuphefumula nokuphelelwa amandla kuya ezifweni ezisongela ukuphila.” Lapho la “mavithamini” ehlolwa, kwatholakala ukuthi kwakungamanzi nje anosawoti.
Akungabazeki ukuthi ezinye izinhlobo zamakhambi okwelapha zingaba yinzuzo ekuthuthukiseni impilo enhle. Nokho, bhekana namaqiniso kulokho okulindele. Kuwukuhlakanipha ukugxila ekudleni ukudla okunomsoco, ukulala ngokwanele, ukuvivinya umzimba ngokwanele nokuqapha lapho ukhetha indlela yokwelashwa.
Isifiso Siyagcwaliseka
Ngokusobala, alikho ikhambi lomuntu elingaqeda konke ukugula nokufa ekugcineni. Lokhu kungenxa yokuthi lokhu sikuzuze njengefa kumzali wethu wokuqala, indoda yokuqala, u-Adamu. (Jobe 14:4; IHubo 51:5; Roma 5:12) Izindlela eziningi zokwelapha—zanoma yiluphi uhlobo—zingase zibe usizo, kodwa zimane ziyizinyathelo zesikhashana ezingase zandise ukuphila futhi zikwenze kujabulise isikhathi esilinganiselwe. Nokho, likhona ikhambi eliqinisekile lenkinga yempilo ebuthaka, futhi izigidi sezilitholile kakade.
Lelo khambi lilungiselelwe uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, uDokotela Omkhulu. Ngokubonisa ukholo kuye nokuzuza enanini elihlawulela izono lomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, uJesu Kristu, uyokwazi ukujabulela impilo ephelele nokuphila okumi phakade ezweni elingenakho ukugula! (Mathewu 20:28) IBhayibheli lithembisa ukuthi kulelo zwe elisha, “abakhe khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Izigidi sezithole okuwukuphela kwethemba eliqinisekile lempilo enobungqabavu