Incwadi Evela E-Australia
“Ngizoyifunda Kusihlwa Lapho Ngotha Umlilo”
UMA umuntu ecabanga ngendawo yasemaphandleni e-Australia, ucabanga ngogwadule olomile, ukushisa okugangathayo nezindawo ezingenalutho ezingudedangendlale. Kodwa, kulesi sifundazwe esingaphakathi ezweni kuhlala abantu abangaba ngu-180 000, cishe iphesenti elilodwa labantu bezwe lonke.
Abazali bami, abangoFakazi BakaJehova, babehamba nami siyoshumayela emaphandleni lapho ngisemncane. Ubukhulu bendawo nobuhle bayo obumangelengele babungithakazelisa. Ngagcina sengizithanda izakhamuzi zakhona eziqatha, kodwa ezinobuntu obuhle. Manje njengoba senginomkhaya wami osakhula, ngangifuna ukuba umkami nezingane zethu ezimbili, ezineminyaka eyishumi nengu-12, bazizwele lokho kuphila.
Ukuhlela Uhambo
Okokuqala, sahlala phansi sabala izindleko. Sasingahamba ibanga elingakanani? Sasingahamba isikhathi eside kangakanani? Umbhangqwana oshadile nezikhonzi ezimbili zesikhathi esigcwele ebandleni lakithi bacela ukuhamba nathi. Savumelana ngesikhathi sokuhamba—amaholidi esikole phakathi nonyaka. Sabe sesibhalela ihhovisi legatsha lase-Australia loFakazi BakaJehova eSydney ukuze sicele isabelo sensimu. Sacelwa ukuba sisebenze endaweni ekude eduze naseGoondiwindi, idolobhana elisemaphandleni elingaba amakhilomitha angu-400 entshonalanga yeBrisbane, lapho sihlala khona.
Sathola ukuthi kunebandla elincane loFakazi BakaJehova eGoondiwindi. Lokhu kwakuyisibusiso esengeziwe. Ukuhlangana namadoda nabesifazane abangamaKristu kwakuzoba ingxenye ebalulekile yohambo lwethu. Saxhumana nabakulelo bandla sibazisa ukuthi sizofika. Baphendula ngentshiseko okwasitshela ukuthi babekulangazelela ukufika kwethu.
Ngaphambi nje kokuba sihambe, iqembu lethu lahlangana ukuze sibonisane ngendlela esizokwethula ngayo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emaphandleni. Sasifuna ikakhulukazi ukuhlonipha amasiko abo bonke aboMdabu esasingase sihlangane nabo. Ngokwesibonelo, ezinye izizwe zibheka izwe lazo njengesizinda somphakathi. Akukuhle ukufika nje ungalindelwe.
Ukuya Emaphandleni
Ekugcineni, lwafika olungaliyo. Izimoto zethu ezimbili, ezazigcwele abantu nezimpahla, zalibangisa emaphandleni. Sanqamula emasimini sayongena emathafeni anotshani nezihlahla zikagamthilini ezithe gqwa gqwa. Ilanga lasebusika lalibalele bha esibhakabhakeni esicwathile. Ngemva kwamahora safika eGoondiwindi salala ezindlini eziqashiswayo epaki lomahambanendlwana.
Ngakusasa, ngeSonto, lalibalele kuheleza nomoya opholile—isimo sezulu esikulungele kahle ukushumayela. Amazinga okushisa ehlobo kule ndawo avame ukweqela ngalé kuka-40°C! Saqale saya emzini waboMdabu oqhele ngamakhilomitha angu-30. Sathunyelwa kuJenny, owesifazane osekhulile osengwevu ongumholi kulo mphakathi. Wayilalelisisa intshumayelo yethu engokomBhalo futhi wayamukela ngenjabulo incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.a Wabe esesivumela ukuba singene siyoshumayela emphakathini.
Izingane zendawo zazigijima phambili ziyobika ukuthi siyeza. Bonke abaninikhaya esahlangana nabo babesilalela ngenhlonipho isigijimi sethu futhi bethatha izincwadi zeBhayibheli. Ngokushesha zaphela zonke izincwadi zethu, futhi kwase kuyisikhathi sokuphindela edolobheni ukuze siye emhlanganweni webandla. Ngaphambi kokuba sihambe, sathembisa ukuthi sizobuya sizovakashela esingabatholanga.
Ntambama ngalolo suku kwakuchwaza eHholo LoMbuso njengoba abantu bexoxa bejwayelana ngokushesha njengabangane. OFakazi bendawo abangu-25 bebelokhu bememezela isigijimi soMbuso ngokwethembeka kubantu abangaba ngu-11 000 abasendaweni yasemaphandleni engamakhilomitha-skwele angu-30 000. Omunye uFakazi owayenokwazisa wathi: “Siyabonga ngokwenza umzamo wokuza lapha nizosisiza.” Ngemva komhlangano ojabulisayo, sahamba sonke sayothola okuya ethunjini. Ngaphambi kokuba silale ngalobo busuku, saphakela ama-possum ayegcaluza epaki.
“Kusihlwa Lapho Ngotha Umlilo”
Ezinsukwini ezimbili ezalandela, izimoto zethu ezimbili zavakashela imizi eqhelile engasemngceleni weQueensland neNew South Wales. Ingxenye enkulu yale ndawo yasemaphandleni yomile futhi inezihlahla zikagamthilini kanye namathafa otshani awudedangendlale angamadlelo ezimvu nezinkomo. Lapho sisendleleni, sabona ama-kangaroo amaningi, ayelokhu enyakazisa amadlebe lapho esibona. Ama-emu amakhulu ayelokhu ezihambahambela enkanjini enothuli buqamama.
NgoLwesibili ntambama sahlangana nomhlambi omkhulu wezinkomo owawehla ngomgwaqo. Sekuyisikhathi eside abelusi abaqashiwe benqamula nemihlambi kule ndawo, ikakhulukazi ngezikhathi zesomiso. Ngokushesha sahlangana nomalusi owayegibele ihhashi. Ngamisa imoto, ngaphuma ngabe sengimbingelela. Waphendula: “Sawubona ndoda.” Leli khehla, elalihamba nenja, lama saxoxa.
Ngemva kwesikhashana sikhuluma ngesomiso, ngethula isigijimi sethu. Le ndoda yababaza: “Hawu, ngagcina ngisemncane ukuzwa into evela eBhayibhelini!” Yayisola abaholi benkolo ngokonakala kokuziphatha ezweni. Noma kunjalo, yayilihlonipha ngokujulile iBhayibheli. Ngemva kwengxoxo emnandi engokomBhalo, ngayinikeza incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?b Iyibamba iyiqinisa, yayifaka ekhukhwini lehembe yathi, “Uma ingitshela okufundiswa iBhayibheli, ngizoyifunda kusihlwa lapho ngotha umlilo.”
Ukubuyela Ekhaya
Ngalolo suku kusihlwa satshela abafowethu nodadewethu abangokomoya eHholo LoMbuso ngokuhlangenwe nakho kwethu. Bathembisa ukuphindela kwababonise isithakazelo esasixoxe nabo. Lapho umhlangano uphela, kwakunzima ukuvalelisa. Kwase kwakheke isibopho sothando phakathi kwethu. Sonke sazizwa sakhekile ngokukhuthazana ngokomoya.—Roma 1:12.
Ngakusasa saphindela ekhaya. Uma sicabanga ngohambo lwethu, savumelana ngokuthi uJehova wayeyibusise kakhulu imizamo yethu. Sazizwa siqabulekile ngokomoya. Lapho sifika ekhaya, ngabuza izingane ukuthi: “Ningathanda ukuya kuphi ngeholidi lethu elilandelayo? Ezintabeni?” Zaphendula: “Cha Baba, masiphindele emaphandleni siyoshumayela futhi.” Umkami wananela: “Yebo, masiphindele khona. Bekuyiholidi elimnandi kunawo wonke esake saba nawo!”
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.