Yimiphi Imigomo Oyibekele Izingane Zakho?
1 Ukuphumelela ekuphileni kuxhomeke ekubekeni nasekufinyeleleni imigomo enenzuzo. Labo abaphishekela imigomo engasho lutho noma engeyona engokoqobo bagcina bedumazekile futhi benganelisekile. Kudinga ukuhlakanipha ukubona ukuthi yimiphi imigomo esingayiphishekela ‘ukuze sibambisise ukuphila kwangempela.’ (1 Thim. 6:19) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova, ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, usibonisa ngokuqondile indlela okumelwe sihambe ngayo!—Isaya 30:21.
2 Ngokusilungiselela isiqondiso esinjalo sothando, uJehova ubekela abazali isibonelo esihle. Esikhundleni sokukuyekelela ezinganeni zabo ezingenakho okuhlangenwe nakho ukuba zizikhethele ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu, abazali abahlakaniphile bayaziqeqesha ngendlela okufanele zihambe ngayo, futhi lapho sezikhulile, ngeke ‘zisuke kuyo.’ (IzAga 22:6) Abazali abangamaKristu bazi kokuhlangenwe nakho ukuthi abanakuthembela ekwahluleleni kwabo siqu; kufanele bancike kuJehova. (IzAga 3:5, 6) Lesi sidingo sikhulu nakakhulu ezinganeni, ezinolwazi nokuhlangenwe nakho okulinganiselwe.
3 Abazali bangabeka phambi kwezingane zabo imigomo eyinzuzo eyozisiza ukuba zigxile ‘ezintweni ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Fil. 1:10) Bangaqala ngesifundo somkhaya, bakhuthaze izingane ukuba ziqaphele ukubaluleka kwaso futhi zifunde kuso. Kuhle ukuba izingane zihlakulele umkhuba wokutadisha ngaphambi kwemihlangano yebandla nokulungiselela ukunikeza izimpendulo ngamazwi azo. Ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela kubalulekile. Izingane ezincane zingaba nengxenye ngokuhambisa amapheshana, ukufunda imibhalo, noma ukuhambisa omagazini. Uma zikwazi ukufunda, ukubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kungasheshisa intuthuko yazo engokomoya. Ukufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe noma ukubhapathizwa kuyisinyathelo esikhulu sentuthuko.
4 Lapho izingane zabo sezizokweva eshumini nambili, noma ngaphambi kwalokho, abazali kufanele baxoxe ngokungathi sína nazo ngokuphathelene nemigomo yemisebenzi ezizoyenza. Abeluleki basezikoleni kanye nezingane ezifunda nazo bangazithonyela kalula ekubeni ziphishekele imigomo yezwe neyezinto ezibonakalayo. Abazali kufanele basize izingane zabo ukuba zikhethe izifundo zesikole ezinikeza ukuqeqesha okuyinzuzo, zizihlomisele ukuba zikwazi ukunakekela izidingo zazo zezinto ezibonakalayo ngaphandle kokudela izithakazelo zoMbuso. (1 Thim. 6:6-10) Zingase zikhuthazwe ukuba ziphishekele ‘isipho’ sokungashadi futhi kamuva, uma zinquma ukushada, ziyoba sesimweni esihle sokuthwala imithwalo yemfanelo esindayo yomshado. (Math. 19:10, 11; 1 Kor. 7:36-38) Ukukhuluma kahle ngokuphayona, ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona, inkonzo yaseBethel, noma umsebenzi wezithunywa zevangeli kungafaka ezinganeni ngisho noma zisencane isifiso sokusebenzisa ukuphila kwazo ngendlela ejabulisa uJehova, izuzise abanye, futhi izilethele izibusiso.
5 Akwenzekanga ngengozi ukuba sibe nentsha eningi kangaka namuhla enhlanganweni ezihloniphayo izimiso eziphakeme zobuKristu futhi iphishekele imigomo engokwasezulwini. Intuthuko yayo enkulu ibangelwa abazali abanothando. Uma ungumzali, izingane zakho zibonakala ziphokophelephi? Ingabe ziqhubekela phambili ziphokophele ekuphileni okugxile ezithakazelweni zoMbuso? Khumbula, enye yezinto ezibaluleke kakhulu ongayenza iwukugxilisa iqiniso ezinganeni zakho futhi ukhulume ngalo nsuku zonke. Ungabusiswa ngomkhaya othembekile ekukhonzeni uJehova.—Dut. 6:6, 7; Josh. 24:15.