Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w24 Meyi kk. 14-19
  • Uthando Malukwenze Uqhubeke Ushumayela!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthando Malukwenze Uqhubeke Ushumayela!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • SISHUMAYELA NGOBA SIYAZITHANDA IZINDABA EZINHLE
  • SISHUMAYELA NGOBA SIYABATHANDA ABANTU
  • SISHUMAYELA NGOBA SIYAMTHANDA UJEHOVA NEGAMA LAKHE
  • SIZOQHUBEKA SISHUMAYELA KUZE KUBE SEKUGCINENI
  • Yini Esiyaziyo Ngezahlulelo ZikaJehova Zesikhathi Esizayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ongakwenza Ukuze Uyijabulele Nakakhulu Inkonzo Yasensimini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngentshiseko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • UJehova Ukuthanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
w24 Meyi kk. 14-19

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 20

INGOMA 67 “Shumayela Izwi”

Uthando Malukwenze Uqhubeke Ushumayela!

“Izindaba ezinhle kumele zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.”—MARKU 13:10.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Indlela uthando olusenza ngayo sishumayele ngenkuthalo nangomphefumulo wonke.

1. Yini esayifunda emhlanganweni waminyaka yonke wango-2023?

EMHLANGANWENI waminyaka yonke wango-2023,a sathola ukucaciswa okujabulisayo ngezinye zezinkolelo zethu, sezwa nezimemezelo ezijabulisayo ngokuphathelene nenkonzo yethu. Ngokwesibonelo, safunda ukuthi abanye bangase babe nethuba lokuba ngasohlangothini lwabantu bakaJehova ngisho nangemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu. Sathola nokuthi kusukela ngoNovemba 2023, abamemezeli boMbuso ngeke kusadingeka bakubike konke abakwenzile enkonzweni yasensimini. Ingabe izinguquko ezinjalo zenza inkonzo yethu ingabe isaphuthuma njengasekuqaleni? Lutho neze!

2. Kungani inkonzo yethu iphuthuma nakakhulu usuku nosuku? (Marku 13:10)

2 Usuku nosuku, inkonzo yethu iphuthuma ngisho nakakhulu. Kungani? Kungenxa yokuthi isikhathi asisekho. Cabanga ngalokho uJesu akubikezela ngomsebenzi wokushumayela ezinsukwini zokugcina. (Funda uMarku 13:10.) Ekulandiseni okufanayo kukaMathewu, uJesu wathi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ngaphambi kokuba “ukuphela” kufike. (Math. 24:14) Le nkulumo ibhekisela ekubhujisweni ngokuphelele kwezwe elibi likaSathane. UJehova ubeke ‘usuku . . . nehora’ lwezenzakalo ezizokwenzeka maduze. (Math. 24:36; 25:13; IzE. 1:7) Usuku nosuku lusisondeza kuleso sikhathi. (Roma 13:11) Okwamanje, kumele siqhubeke sishumayela kuze kufike ukuphela.

3. Yini esenza sishumayele?

3 Njengoba sicabanga ngenkonzo yethu, senza kahle ngokuzibuza lo mbuzo osenza sizihlole: Kungani sishumayela izindaba ezinhle? Ngamazwi alula, uthando lusenza sishumayele. Esikwenzayo emsebenzini wokushumayela kubonisa uthando esinalo—uthando esinalo ngezindaba ezinhle, uthando ngabantu, ngaphezu kwakho konke uthando ngoJehova nangegama lakhe. Ake sixoxe ngayinye yalezi zinto.

SISHUMAYELA NGOBA SIYAZITHANDA IZINDABA EZINHLE

4. Sizizwa kanjani lapho sizwa izindaba ezinhle?

4 Uyayikhumbula yini indlela owazizwa ngayo lapho uzwa izindaba ezimnandi—mhlawumbe wezwa ukuthi othile emndenini uthole umntwana noma wena wathola umsebenzi owawuwudinga ngempela? Akungabazeki ukuthi wawukulangazelela ukutshela umndeni wakho nabangani bakho lezi zindaba ezinhle. Kwenzeka into efanayo yini lapho uzwa izindaba ezinhle ukuzedlula zonke—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu?

5. Wazizwa kanjani lapho uqala ukufunda amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu? (Bheka nezithombe.)

5 Cabanga indlela owazizwa ngayo lapho uqala ukufunda amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu. Wathola ukuthi uBaba wakho osezulwini uyakuthanda, ufuna ube yingxenye yomndeni wabakhulekeli bakhe, uthembise ukuthi uzobuqeda ubuhlungu nokuhlupheka, ukuthi ungaba nethemba lokubona abantu obathandayo bevuswa ezweni elisha—nokunye okuningi. (Marku 10:​29, 30; Joh. 5:​28, 29; Roma 8:​38, 39; IsAm. 21:​3, 4) Lawo maqiniso akujabulisa kakhulu. (Luka 24:32) Wakuthanda owakufunda futhi wawufuna ukuwaxoxela abanye lawo maqiniso ayigugu!—Qhathanisa noJeremiya 20:9.

Umzalwane uqhubela owesilisa isifundo seBhayibheli esebenzisa incwadi ethi “Phila Kuze Kube Phakade!” Esikubona ezithombeni: Lona wesilisa uxoxela abanye lokho akufundayo. 1. Unasebenza naye. 2. Unamalungu omndeni. 3. Unomngani wakhe.

Lapho siqala ukuzwa izindaba ezinhle, sasifuna ukuwaxoxela abanye lawo maqiniso ayigugu! (Bheka isigaba 5)


6. Yini oyifundayo esibonelweni sika-Ernest noRose?

6 Cabanga ngesibonelo esilandelayo. Umzalwane okuthiwa u-Ernestb wayesezohlanganisa iminyaka eyishumi ngesikhathi ubaba wakhe eshona. U-Ernest uyakhumbula: “Ngangizibuza: ‘Usesezulwini yini? Noma akasekho unomphela?’ Ngangifisa ukuba njengezinye izingane ezazisenobaba.” U-Ernest wayevame ukuya emathuneni, aguqe phambi kwethuna likababa wakhe, athandaze: “Nkulunkulu ngiyakucela, ngifuna ukwazi ukuthi ukuphi ubaba.” Ngemva kweminyaka engaba ngu-17 ubaba wakhe ashona, othile wacela ukutadisha naye iBhayibheli, u-Ernest wavuma ngokushesha. Wajabula kakhulu lapho ethola ukuthi abantu abafile abezwa lutho, kunjengokungathi balele zwi ubuthongo nokuthi iBhayibheli lithembisa ukuthi esikhathini esizayo kuyoba novuko. (UmSh. 9:​5, 10; IzE. 24:15) Ekugcineni, wazithola izimpendulo zemibuzo eyayisimkhathaze isikhathi eside! U-Ernest wajabula kakhulu ngamaqiniso ayewafunda eBhayibhelini. Umkakhe uRose, naye wafundelwa futhi wawuthanda umyalezo woMbuso. Ngo-1978 babhapathizwa. Ngentshiseko baxoxela umndeni wabo, abangani nabanye ababengabalalela ngezinkolelo zabo eziyigugu. Ngenxa yalokho, u-Ernest noRose basize abantu abangaphezu kuka-70 ukuba bathuthuke baze babhapathizwe.

7. Kwenzekani lapho siwathanda amaqiniso esiwafunde eBhayibhelini? (Luka 6:45)

7 Kuyacaca ukuthi lapho siwathanda amaqiniso esiwafunde eBhayibhelini akuvumi singabaxoxeli abanye ngawo. (Funda uLuka 6:45.) Sizizwa njengabafundi bakaJesu bangekhulu lokuqala abathi: “Ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” (IzE. 4:20) Silithanda kakhulu iqiniso kangangokuba sifuna ukulixoxela noma ubani esingakwazi ukumxoxela.

SISHUMAYELA NGOBA SIYABATHANDA ABANTU

8. Yini esenza sitshele abanye izindaba ezinhle? (Bheka ibhokisi elithi “Thanda Abantu—Wenze Abafundi.”) (Bheka nesithombe.)

8 NjengoJehova neNdodana yakhe, siyabathanda abantu. (IzAga 8:31; Joh. 3:16) Siyabazwela kakhulu labo ‘abangenathemba nabangenaye uNkulunkulu.’ (Efe. 2:12) Bazizwa sengathi basemgodini ojulile, thina sinentambo engabakhipha kulowo mgodi—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Uthando nozwela esinalo ngabantu abanjalo lusenza senze konke esingakwenza ukuze sibatshele izindaba ezinhle. Lowo myalezo oyigugu ungabenza babe nethemba, ubasize baphile ukuphila okungcono manje, ubanike nethemba ‘lokuphila kwangempela’—ukuphila okuphakade—ezweni elisha likaNkulunkulu.—1 Thim. 6:19.

Udade usebenzisa ipheshana ukuze ashumayeze owesifazane endaweni yokuphuz’ ikhofi.

Uthando nozwela esinalo ngabantu lusenza senze konke esingakwenza ukuze sibaxoxele izindaba ezinhle (Bheka isigaba 8)


Thanda Abantu—Wenze Abafundi

Le ncwajana inezifundo ezingu-12 ezikhuluma ngezimfanelo okudingeka silwele ukuba nazo ukuze sibonise uthando enkonzweni senze nabafundi. Isifundo ngasinye sale ncwajana sisiza sigxile ezintweni ezikhathaza abanye nasezintweni abazithandayo, hhayi kulokho thina esifuna ukukusho. Zibuze: ‘Yini abayicabangayo? Yini abayidingayo?’ Njengoba kushiwo esethulweni, ‘uthando yilo oluzokusiza ufeze umgomo wakho wokwenza abafundi ukwedlula noma yiliphi ikhono elikhethekile onalo.’

9. Yisiphi isixwayiso esisinikezayo ngekusasa, futhi kungani? (Hezekeli 33:​7, 8)

9 Uthando esinalo ngabantu lusenza sibaxwayise nangokuphela kwaleli zwe elibi okusondelayo. (Funda uHezekeli 33:​7, 8.) Siyabazwela omakhelwane bethu namalungu emindeni yethu angamkhonzi uJehova. Abaningi bayaziphilela nje, abazi ukuthi yini ezayo—“usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungeke luphinde lube khona.” (Math. 24:21) Sifuna bazi ukuthi yini eyokwenzeka phakathi naleso sikhathi sokwahlulelwa—inkolo yamanga iyobhujiswa, kuyobe sekulandela ukubhujiswa kwalo lonke leli zwe elibi e-Armagedoni. (IsAm. 16:​14, 16; 17:​16, 17; 19:​11, 19, 20) Sithandazela ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka basilalele lesi sixwayiso, bakhonze uJehova kanye nathi ngendlela emsulwa manje. Kodwa kuthiwani ngalabo abangasilaleli manje isixwayiso, okuhlanganisa namalungu emindeni yethu esiwathandayo?

10. Kungani kuphuthuma ukuba siqhubeke sixwayisa abantu?

10 Njengoba kuchaziwe esihlokweni esidlule, uJehova angase athande ukubasindisa abantu abaphendukayo lapho bebona ukubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu. Uma kunjalo, kusho ukuthi kuphuthuma nakakhulu ukuba siqhubeke sibaxwayisa. Cabanga ngalokhu: Esibatshela kona manje kungase kubanike into abayoyikhumbula ngaleso sikhathi. (Qhathanisa noHezekeli 33:33.) Kungenzeka bayokukhumbula esabaxwayisa ngakho futhi lokho kubenze bakhonze uJehova kanye nathi ngendlela emsulwa kungakephuzi. Njengonogada wasejele laseFilipi, owaphenduka ngemva kokuba ‘kube khona ukuzamazama okukhulu komhlaba,’ mhlawumbe abanye abangasilaleli bayophenduka ngemva kwesenzakalo esethusayo sokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu.—IzE. 16:​25-34.

SISHUMAYELA NGOBA SIYAMTHANDA UJEHOVA NEGAMA LAKHE

11. Simnika kanjani uJehova inkazimulo, udumo namandla? (IsAmbulo 4:11) (Bheka nezithombe.)

11 Isizathu esibaluleke kunazo zonke esisenza sishumayele izindaba ezinhle, ukuthi siyamthanda uJehova uNkulunkulu negama lakhe elingcwele. Sibheka inkonzo yethu njengendlela yokudumisa uNkulunkulu esimthandayo. (Funda isAmbulo 4:11.) Ngenhliziyo yonke siyavuma ukuthi uJehova uNkulunkulu ukufanele ukwamukela inkazimulo, udumo namandla kubakhulekeli bakhe abaqotho. Simnika inkazimulo nodumo lapho sitshela abanye ubufakazi obukholisayo bokuthi “wadala zonke izinto” nokuthi siphila ngenxa yakhe. Simnika amandla ethu lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla nezinto esinazo ukuze sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni, kuye ngezimo zethu. (Math. 6:33; Luka 13:24; Kol. 3:23) Ngamazwi alula, siyathanda ukukhuluma ngoNkulunkulu esimthandayo. Sizizwa sibophekile nokuba sitshele abanye ngegama lakhe nangalokho elikumelelayo. Kungani?

Esikubona ezithombeni: Izindlela esingazisebenzisa ukuze sixoxe nabanye ngezindaba ezinhle. 1. E-Afrika, indoda nomkayo bashumayeza owesifazane nezingane zakhe emzini wakhe. 2. Udade ushumayeza owesifazane esitobhini sebhasi njengoba belinde ibhasi. 3. Umzalwane uxoxa nendoda ehlezi eduze kwakhe, njengoba beseholidini ebhishi.

Sinika uJehova amandla ethu lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla nezinto esinazo ukuze sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni, kuye ngezimo zethu (Bheka isigaba 11)


12. Silingcwelisa kanjani igama likaJehova enkonzweni yethu?

12 Uthando esinalo ngoJehova lusenza singcwelise igama lakhe. (Math. 6:9) Sifuna ukuba nesandla ekuhlanzeni igama lakhe elihlanjalazwe uSathane ngamanga akhe amabi. (Gen. 3:​1-5; Jobe 2:4; Joh. 8:44) Enkonzweni yethu, siyakulangazelela ukumelela uNkulunkulu wethu, sitshele noma ubani ongathanda ukulalela iqiniso ngaye. Sifuna ukutshela wonke umuntu ukuthi imfanelo yakhe evelele uthando, ukuthi indlela yakhe yokubusa ilungile futhi inobulungisa nokuthi maduze uMbuso wakhe uzoqeda konke ukuhlupheka, wenze bonke abantu babe nokuthula futhi bajabule. (IHu. 37:​10, 11, 29; 1 Joh. 4:8) Lapho sivikela idumela likaJehova enkonzweni, singcwelisa igama lakhe. Kuyasijabulisa nokuthi senza lokho okulindelekile kithi njengoFakazi BakaJehova. Kanjani?

13. Kungani siziqhenya ngokubizwa ngoFakazi BakaJehova? (Isaya 43:​10-12)

13 UJehova usikhethile ukuba sibe “ofakazi” bakhe. (Funda u-Isaya 43:​10-12.) Eminyakeni ethile edlule, incwadi evela eNdikimbeni Ebusayo yathi: “Ilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nalo elokubizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.”c Kungani sisho kanjalo? Cabanga ngalokhu. Ukube bewudinga umuntu ozoba ufakazi wakho enkantolo, ubuyokhetha umuntu omaziyo nomethembayo, umuntu onedumela elihle eliyokwenza ukuba abanye bakwethembe akushoyo. Ngokusikhetha ukuba sibe oFakazi bakhe, uJehova ubonisa ukuthi usazi kahle futhi uyasethemba ukuba sitshele abanye ukuthi nguye kuphela uNkulunkulu weqiniso. Sizizwa sinelungelo elikhulu ngokuba oFakazi bakhe kangangokuba sisebenzisa wonke amathuba avelayo ukuze sazise abanye igama lakhe, silwisane namanga amaningi aye ashiwo ngaye. Ngokwenza kanjalo, siphila ngokuvumelana negama esiziqhenyayo ngalo, oFakazi BakaJehova!—IHu. 83:18; Roma 10:​13-15.

SIZOQHUBEKA SISHUMAYELA KUZE KUBE SEKUGCINENI

14. Yiziphi izinto ezijabulisayo ezizokwenzeka esikhathini esizayo?

14 Zijabulisa ngempela izinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo! Ngosizo lukaJehova, sinethemba lokubona abantu abaningi bamukela iqiniso ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu. Kuyasijabulisa nokuthi kungenzeka ukuthi ngisho naphakathi nesikhathi esinzima kakhulu emlandweni wesintu—usizi olukhulu—singase sibone abantu abengeziwe befulathela leli zwe likaSathane eliphelayo, badumise uJehova kanye nathi!—IzE. 13:48.

15-16. Yini esizoqhubeka siyenza, futhi lokho sizokwenza kuze kube nini?

15 Okwamanje, kunomsebenzi okumele siwenze. Sinelungelo lokuhlanganyela emsebenzini obalulekile esingeke siphinde siwenze—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Ngesikhathi esifanayo, kumele siqhubeke sibaxwayisa abantu. Abantu kudingeka bazi ukuthi ukuphela kwaleli zwe elibi kusondela ngokushesha. Lapho sekufika isikhathi sokwahlulelwa, bayokwazi ukuthi umyalezo esasiwushumayela wawuvela kuJehova uNkulunkulu.—Hez. 38:23.

16 Yini-ke esizimisele ukuyenza? Siqhutshwa uthando—uthando ngezindaba ezinhle, uthando ngabantu, ngaphezu kwakho konke uthando ngoJehova uNkulunkulu nangegama lakhe—sizoqhubeka sishumayela ngokuzimisela, ngokuphuthuma nangentshiseko kuze kube yilapho uJehova ethi, “Sekwanele!”

OKULANDELAYO KUSENZA KANJANI SISHUMAYELE?

  • Ukuthanda izindaba ezinhle

  • Ukuthanda abantu

  • Ukuthanda uJehova negama lakhe

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

a Kwaba nomhlangano waminyaka yonke ngo-Okthoba 7, 2023, eHholo Lomhlangano laseNewburgh loFakazi BakaJehova, eNew York, e-U.S.A. Kamuva wonke lowo mhlangano wafakwa ku-JW Broadcasting®—Ingxenye 1 ngoNovemba 2023, Ingxenye 2 ngoJanuwari 2024.

b Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila—Ngazithanda Izimpendulo ZeBhayibheli Ezicacile Nezinengqondo,” esavela kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 1, 2015.

c Bheka Incwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007, k. 3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela