Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 2/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ihhovisi Eliyindida Elingasebenzisi Phepha
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Ukusabela Komunye Umfundi Esihlokweni SePhaphama!
    I-Phaphama!—1990
  • Ugodo Olusiza Ukugcina Abantu Bephapheme!
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 2/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukushisa Okubabazekayo Isimo nokuhlelwa kwezihloko ezikhuluma ngokushisa okubabazekayo (September 8, 1989 ngesiNgisi) kwenziwa kahle kangangokuthi kwakukwenza ufune ukuqhubeka ufunda. Ukusetshenziswa kwezithombe namabhokisi, kwakukunikeza umuzwa wokuthi usenaso isikhathi sokuwufunda, ngokuphambene namakhasi anokwaziswa okungenazithombe. Ngathola ukuthi akuvumi ngiwubeke phansi umagazini ngingakawuqedi. Ngenxa yalokho, ngafuna ukuhlanganyela okuphakathi nabanye.

UG.G., eUnited States

Ukubhala, imidwebo, nezithombe kuye kwathuthuka—ngendlela ekhanga kakhulu. Siye sahlatshwa umxhwele ikakhulukazi yiPhaphama! yesiNgisi ekhuluma Ngokushisa Okubabazekayo. Siye safunda izihloko eziningana ezibhalwe ngokungalandeleki komagazini nasemaphephandabeni ezingazange zichaze izinto ngendlela abantu abaningi abangase bayiqonde. Yeka ukuthi lomagazini uyoba ithuluzi elihle kanjani lokukhuluma nabantu lapha eningizimu California eshisayo.

UMnu. noNkk. J.P.M., eUnited States

Umthombo Owesabisayo Wokucwiywa Kwezitho Ngeshwa iPhaphama! iye yaphinda amahlebezi angenasisekelo, okuqondakala kahle ngenxa yokuthi kubonakala sengathi iPhalamende laseYurophu liye lakugunyaza ukukhishwa kwalemibiko. Lamahlebezi aye enza umonakalo omkhulu kubantu abathuthukisa inhlala-kahle yabantwana bokutholwa.

UT.L., Inxusa Lezokwaziswa, eUnited States

Indatshana ekuyi“Phaphama!” kaMarch 22, 1989, enesihloko esithi “Umthombo Owesabisayo Wokucwiywa Kwezitho” yayisekelwe esinqumweni esakhishwa iPhalamende laseYurophu, inhlangano enokwethenjelwa. Nokho, leyonhlangano manje ithi yathola ukwaziswa okungelona iqiniso. I“Phaphama!” selokhu yahlola lezindaba futhi yathola ukuthi nakuba kwakunokuboshwa kwabantu okwasakazwa emphakathini eGuatemala ngenxa yokushushumbiswa kwezingane emuva ngo-1987, abukho ubufakazi bokuthi izingane zazithengiselwa ukuba zicwiywe izitho. Kunalokho, imibiko yokuqala ithi abantwana babetholwa futhi bathengiswe ngokungemthetho ngenjongo yokuba babe izingane zokutholwa.—ED.

Ukuhlala Ningabangane Ngineminyaka eyi-11 ubudala futhi ngingathanda ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kunzima Kangaka Ukuhlala Ningabangane?” (October 8, 1989) Nganginomngane omkhulu owayengithatha kalula. Ngosizo engaluthola kumagazini wenu, nganquma ukufuna umngane weqiniso.

UB.S., Australia

Ukukhubazeka Kwengqondo Nomzimba (Down’s Syndrome) Lapho ngifunda okuhlangenwe nakho ngoSuzy (August 8, 1989, ngesiNgisi) kwangishukumisa ngokomzwelo kangangokuthi ngakhala kusukela ekuqaleni kwaze kwaba sekupheleni kwayo yonke lendaba. Nami futhi ngiyakwazisa ukuthi uJehova uye wasinikeza ithemba elihle lovuko, njengoba ngiye ngalahlekelwa ubaba ngokufa. Ngidabuka futhi ngithandaza nomkhaya wakubo kaSuzy.

UB.E., eUnited States

Iphepha Eligaywe Kabusha Umagazini wenu wesiNgisi kaSeptember 8, 1989, ikhasi 29, wawunendatshana ethakazelisayo emayelana nokugaywa kabusha kwephepha, okungancishiswa ngakho ukwanda okungapheli kokungcoliswa kwendawo esizungezile. Nokho, INqabayokulinda noma iPhaphama! akunyatheliswa ngephepha eligaywe kabusha. Noma ubani osekela izindinganiso ezithile kodwa ngesikhathi esifanayo enza ngendlela ephikisana nazo angabizwa nje kuphela ngokuthi ungumzenzisi.

F. S., eFederal Republic of Germany.

Iphepha eligaywe kabusha lohlobo olufanele noma eliningi ngokwanele ukuze lilingane umsebenzi wethu wokunyathelisa owenziwa ngokwesilinganiso esikhulu alikabibikho okwamanje. Njengoba futhi iphepha eligaywe kabusha libiza ngamaphesenti angama-20 kunephepha elenziwe ngenxoza yokuqala, akungabazeki ukuthi kuyothatha isikhathi esithile ngaphambi kokuba lisetshenziswe ekunyatheliseni okunomkhiqizo omkhulu. Nokho, lapho kunokwenzeka khona, iphepha elingasasebenzi ezindaweni zethu zokunyathelisa liyathengiswa ukuze ligaywe kabusha. Amanani amakhulu ezinto ezigaywe kabusha ayasetshenziswa futhi ekukhiqizweni kwezingqwembe zezincwadi zethu eziqinile.—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela