Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amahlathi Emvula Ayahlaselwa Nganquma ukuthumela umagazini okhuluma ngamahlathi emvula (March 22, 1990) eNhlanganweni YaseBrazil Yendawo Ezungezile Nemikhiqizo Engokwemvelo Evuselelekayo. Baphendula: “Siyakubonga ngokusithumelela umagazini wePhaphama! okhuluma ngokuqedwa kwamahlathi. Sisebenzisa lelithuba ukuba sincome isinyathelo sakho futhi siphawule ngeqophelo eliphezulu lalomagazini, ngokuqinisekile ozonikela ekuthuthukiseni ukuqaphela imvelo nendawo yayo eyizungezile ngokubambisana.”
C. H. A. S., Brazil
Owayebandlulula Anginawo amazwi okuchaza indlela engayijabulela ngayo indaba kaVirgil Dugué, ethi “Ngazama Ukuguqula Izwe.” (March 22, 1990) Yangenza ngaqaphela imiphumela yobandlululo nokuthi lungaba unya kangakanani.
J. N., United States
Imigwaqo Ehamba Ngaphansi YaseDolobheni LaseNew York Ngemva kokufunda isihloko esithi “Ukugibela ‘Embotsheni Esemhlabathini,’” ngaphoqeleleka ukuba ngithi, “Ngiyabonga.” (April 22, 1990) Njengomgibeli wansuku zonke wesitimela esihamba ngaphansi, kunzima ukubheka isimiso sezitimela ngokwalokho esiyikho ngempela—sihlaba umxhwele. Namuhla ekuseni njengoba bengiya emsebenzini, ngehle ezitebhisini futhi ngagibela isitimela nginombono ohlukile ngempela.
M. H., United States
Amakhosikazi Ashaywayo Ngingumuntu oguqukayo obeshaya inkosikazi, futhi iPhaphama kaDecember 8, 1988, yangisiza ngempela ukuba ngibone ukuthi ukushaya inkosikazi kubi kangakanani. Ngemva kokufunda lomagazini, ngaqhumuka ngakhala. Ngithandazela ukuthi umkhaya wethu ukuthathe njengento yesikhathi esidlule.
D. S., United States
Ukungazethembi Ngibhala ngokuphathelene nesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngizizwa Ngingazethembi Kangaka? (April 22, 1990) Ngineminyaka engu-33 ubudala, futhi lesihloko sangisiza kakhulu. Lapho ngiseyingane, umama wazibulala. Ubaba wayeyisidakwa futhi engithuka, engiphatha kabi ngokomzimba, nangokobulili. Njalo wayesilulaza futhi asenze sizizwe singelutho. Ngakho njengosemusha, ngangingazethembi neze. Ngezinye izikhathi, ngisaba nakho ukungazethembi, kodwa akusefani nakuqala. Ukuba umshumayeli wesikhathi esigcwele nakho kuye kwangisiza kakhulu, ngoba ngiye ngabona isibusiso sikaJehova kimi kulomsebenzi. Futhi uma uJehova engithanda, ngizitshela ukuthi asikho isidingo sokuzizwa ngingelutho.
C. R., United States
Kwakukhuthaza ngempela ukwazi ukuthi enye intsha inayo lemizwa efanayo. Ngenxa yokuthi izibonelo zazicacile futhi zinemininingwane, ngakwazi ukuziqhathanisa nesimo sami siqu. Lesihloko saveza futhi ukuthi umuzwa wokuzethemba awakheki ngokushesha nokuthi ngokunokwenzeka ziyoba khona izikhathi zokwehluleka. Lesi iseluleko somusa. Lapho ngibona lamazwi aduduzayo, inhliziyo yami iyajabula, futhi nginobunzima bokubamba izinyembezi.
C. T., Japan
Izwe Elingenazo Izibhamu Izihloko zenu zamuva ezazikhuluma ngezibhamu (May 22, 1990) zangiphatha kabi. Amazwi athi “lapho kuba nenkindlane yezibhamu, kuba nokudubula okwengeziwe” agcizelelwa ngochungechunge lwezibonelo nezingcaphuno okwasimelela kabi isimo sangempela. Ngokwesibonelo, nithi iSwitzerland inesilinganiso esiphakeme kunazo zonke emhlabeni sabantu abanezibhamu okungezabo eYurophu. Kodwa akukho ndawo ezihlokweni lapho okushiwo khona ukuthi iSwitzerland futhi inesilinganiso esincane kunazo zonke emhlabeni sobugebengu nokubulala! Ukusola izibhamu ngenxa yezinkinga eziye zabangelwa abantu abonakele kubonakala kuwukulahlekelwa iphuzu.
K. C., United States
bSiyakwazisa lokhu kuphawula. Kungenzeka ukuthi ukucacisa okuthile kuye kwanikezwa ngokuphathelene nezinye izibalo ezivusa impikiswano ngokwengeziwe ezashiwo ezihlokweni zethu. Nokho, i“Phaphama!” yayingathathi-hlangothi endabeni engokombangazwe yokunqanda izibhamu kodwa yayisekela “izwe elingenazo izibhamu” lesikhathi esizayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Kuze kube yilesosikhathi, amaKristu aqondiswa izimiso ezikuIsaya 2:4 noMathewu 26:52.—ED.