Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imisebenzi Yangemva Kwesikole Ngazijabulela ngempela izihloko ezazikhuluma ngemisebenzi yangemva kwesikole. (November 22 noDecember 8, 1990) Nakuba ngingakawulungeli umsebenzi, izihloko zenu zabonisa ukubaluleka kokongela isikhathi esizayo imali. Zangisiza futhi ukuba ngibone ukuthi uma ngithola umsebenzi, ngiyodinga isimiso esihleliwe esihlanganisa isikhathi semisebenzi engokomoya. Ngiyozikhumbula lezizihloko esikhathini esizayo.
J. S., United States
Umgomo wami ubulokhu uwukuba yiphayona [umshumayeli wesikhathi esigcwele]. Bengizibuza ukuthi ingabe kufanele yini ngiqale ngithole umsebenzi futhi ngonge imali. Lezihloko zangisiza ukuba ngibone ukuthi ukwenze njalo kungangenza ngingene ogibeni lwezinto ezibonakalayo. Ngakho senginqume ukusebenza—ukusebenzela ukwakha isisekelo sami esingokomoya—ukuze ngiyifanelekele futhi ngiyilungele inkonzo yobuphayona.
G. J., United States
Amahlathi Emvula Isihloko senu esikhuluma ngamahlathi emvula (March 22, 1990) sasisezingeni eliphakeme lezesayensi. Wonke umuntu uyazi ukuthi indawo ezungezile iyawohloka nokuthi kumelwe kwenziwe okuthile. Kodwa njengoba ngingumcosheli wezindaba lapha ePoland, ngangilokhu ngizibuza ukuthi ubani ongaba nesibindi sokubhala ngezizathu eziyisisekelo zokunganakwa kwendawo ezungezile. Ningabokuqala ukuba nenze kanjalo ngokukhomba ubugovu nesifiso sokuthola inzuzo njengezizathu zangempela. Nenze kahle kakhulu!
W. S., Poland
Amabhayisikobho Agcwele Ukubulala Ibhayisikobho engangifuna ukuyibuka, iDie Hard 2, kwakhulunywa ngayo esihlokweni esithi “Ukubuka Okwezwe” esihlokwaneni esithi “Amabhayisikobho Agcwele Ukubulala.” (December 22, 1990) Ngase ngikhulume ngisho nabangane bami ngokuyoyibuka. Kodwa lapho ngifunda lesihlokwana, nganquma ukuthi ukubuka lebhayisikobho kungafana nokubuka ibhayisikobho enyanyekayo ngase nginquma ukungayi. Eqinisweni, ngisafuna ukuya, kodwa ngenxa yokukhathalela intuthuko yami engokomoya, ngeke ngiye.
M. T., Japane
Ukuvivinya Umzimba Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Lokho Ukuvivinya Umzimba Okungakwenzela Khona.” (October 22, 1990) Njalo sinesikhathi sokufundiswa ukunyakazisa umzimba esikoleni, kumelwe sigijime amakhilomitha angu-1,6, futhi bengilokhu ngingakuthandi! Isihloko senu sangibonisa ukuthi ukuvivinya umzimba ngempela kungabazuzisa abantu.
L. B. D., United States
Ngiyanibonga ngesihloko senu. NgoSeptember, ngenxa yokuba nesimiso sasikhathi sonke sokuvivinya umzimba, ngakwazi ukuyeka imithi engangiyiphuzela isifo somfutho ophakeme wegazi. Ngemva kwamasonto ayisishiyagalolunye okugxumagxuma kuyitrampoline encane, ngatshela udokotela wami ukuthi ngangifuna ukuzama ukuyeka imithi. Wangifundisa indlela yokuyiyeka kancane kancane. Manje umfutho wami wegazi ususezingeni elifanele, ngizizwa ngiwumqemane, futhi nomyeni wami useyagxumagxuma ezama ukwehlisa owakhe!
G. Y., United States
Abafundi kumelwe baqaphele ukuthi uma beye baba nezinkinga eziphawulekayo zempilo, noma uma sebekhulile, bayobe benza ngokuhlakanipha uma bebonana nodokotela wezempilo onolwazi ngaphambi kokuba baqalise isimiso sokuvivinya umzimba ngokuzikhandla. Ukubonana nodokotela onjalo wezempilo kuyoba futhi ukuhlakanipha lapho kwenziwa noma isiphi isinqumo ngokuphathelene nemithi yokuphuza.—ED.
Amaholide Asekhaya Isihloko senu esithi “Kungani Ungazami Ukuchitha Iholide Ekhaya?” (June 22, 1990) sasikisela ukukha izimbali zasendle. Nakuba ngangivame ukwenza kanjalo eminyakeni eminingi edlule, sengafunda umthetho wangaphandle othi: ‘Ungathathi lutho ngaphandle kwezithombe; ungashiyi lutho ngaphandle kwemikhondo yezinyawo.’ Lapho engihlala khona, kuwukweqa umthetho ukukha izimbali ezithile zasendle. Kodwa isithombe esithathwe kahle sembali yasendle singabukwa iminyaka!
W. K., United States
Ukuthatha izithombe ngempela kuyindlela ewusizo yokujabulela indalo ezindaweni lapho ukukha izimbali, noma imisebenzi efana naleyo, kumelene nomthetho noma kungalimaza indawo ezungezile. Siyakubonga ngalokhu kusikisela.—ED.