Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
I“Phaphama!” Iya Ekolishi NginguProfesa wesiNgisi, futhi bengilokhu ngisebenzisa omagazini bePhaphama! ezifundweni zami zasekolishi zezindaba ezilotshwayo kuleminyaka eyisikhombisa edlule . . . Akukhona nje kuphela ukuthi izihloko zePhaphama! ziyajabulisa futhi zinikeze ulwazi, futhi zingezezinga eliphakeme kakhulu lokuhlelwa kolimi. Ngisebenzisa zona ukuze ngicaphune indlela okuyiyona yokusetshenziswa kwezimpawu zenkulumo, izisho, izifenqo, nokukhethwa kwamagama.
J. D. G., United States
Ukuphila Ngalé Komhlaba? Ngiyanibonga ngesihloko esidalulayo esithi “Ingabe Kukhona Ukuphila Ngalé Komhlaba?” (April 8, 1990) Ngangingakaze ngiyithole ngaphambili impendulo eyanelisayo yalombuzo. Kodwa ukuningilizwa okunengqondo okulapho, okusekelwe eBhayibhelini, kwangisiza ukuba ngiqonde ukuthi limangalisa kangakanani ilungelo esinalo ngokuphila kuleplanethi eyingqayizivele.
A. A. C., Brazil
Ukuthengisa Igazi Izihloko ezazithi “Ukuthengisa Igazi Kuyibhizinisi Elikhulu” (October 22, 1990) zangithakazelisa ngokukhethekile, ngoba ngangithenjiswe umsebenzi oholela kahle wokuthekelisa igazi ngiliyise endaweni yokugcina igazi. Ngemva kokufunda lokho kwaziswa, ngaqiniseka ukuthi lokho kwakuyoba okungalungile. Nakuba ngangingase ngiyisebenzise imali, ngacabangela imiphumela elimazayo yegazi futhi ngawenqaba umsebenzi.
R. M., United States
Umuntu Okungeyena Kumagazini wenu kaNovember 8, 1990, owawukhuluma ngezindizane ezingaqondakali, nibhekisela “kuDkt. James McCampbell ongasekho.” Cishe ngokuqinisekile naniqonde uDkt. James McDonald, usosayensi owashona ngo-1971. Mina ngokwami, siye sangishiya kaningana isikhathi, kodwa abanye abafundi bangase bathokoze ukuzwa ukuthi okwamanje akukhona ukuthi “angisekho” ngomqondo wokuba osewashona.
James M. McCampbell, United States
Sizosebenzisa amazwi kaMark Twain, kubonakala sengathi imibiko yokufa kukaMnu. McCampbell iye yenziwa ihaba kakhulu. Siyaxolisa ngalokho kuphambana kwezinkomishi.—ED.
Ukukhetha Amabhayisikobho Ngineminyaka eyishumi ubudala. Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayikhetha Kanjani Ibhayisikobho Ekahle?” (August 8, 1990) Ngemva kwesikhathi esithile ngisifundile, ngalingelwa ukuba ngibukele ibhayisikobho embi. Kodwa ngakhumbula iseluleko enasinikeza futhi ngenqaba.
M. B., United States
Ngizothembeka ngokuphelele, kuye kwaba nezikhathi engiye ngaphuma ngazo ngayishiya isephakathi ibhayisikobho. Nokho, ngezinye izikhathi, ngiye ngahlala lapho bekufanele ngihambe. Ngangesaba ukudumaza labo engangibabiza ngokuthi abangane bami lapho kwakufanele ngikhathazeke ngokwengeziwe ngokudumaza uNkulunkulu. Ngiye ngathola lokhu kwaziswa kuwusizo kakhulu. Ngiyanibonga kakhulu ngokukhathalela abantu abasebasha.
G. B., United States
Ukususa Umthofi Esihlokweni senu esithi, “Izwe Eligcwele Umthofi?” (August 8, 1990), samangala ngempela lapho sifunda ukuthi ‘isisefo esibizayo kuphela’ esingawususa ngokuphumelelayo umthofi oye wangena emanzini omuntu okuphuza uvela emapayipini asendlini. Kuvunywa kabanzi ukuthi kunezinye izindlela zokususa umthofi.
G. J., United States
Siyaxolisa uma sanikeza umbono okungewona. Kwakungeyona inhloso yethu ukuzikhiphela ngaphandle ezinye izindlela okungaphendukelwa kuzo zokususa umthofi, njengezimiso zokubilisa amanzi.—ED.
Inqwaba Yemfucumfucu Umngane wami wangithumelela isipho sesikhokhelo sePhaphama! futhi ngithola ukwaziswa kwehlukahlukile futhi kuthakazelisa. Ngethuka lapho ngifunda izihloko ezikhuluma ngenqwaba yemfucumfucu (September 8, 1990) ngoba ngangingakaze ngicabange ukuthi lendaba inzima kangaka! Nakuba ngingeyena omunye woFakazi BakaJehova, ngiyazithanda izihloko ezinhle kakhulu ezishicilelwa komagazini benu.
L. R. A., Brazil