Imfiva Yemidlalo Yokubheja—Ukugembula Kwezwe Lonke
“Okudingayo nje kuphela idollar nephupho.” Lelophupho laliwukuwina ijackpot yaseNew York yomdlalo wokubheja wamadollar ayizigidi ezingu-45 (R112 500 000). Idollar lalikubeka ethubeni lokuwina. Abaphuphi beza ngezigidi. Njengoba babemi emgqeni bezothenga amathikithi abo, babekhuluma ngezikebhe nangamajazi oboya bemink nezindlu ezinkulu—izinto ababeyozithenga uma bewina imali ewumklomelo. Ngesinye isikhathi, kuwo wonke umbuso, bathenga amathikithi ngesilinganiso sangu-28 000 ngomzuzu. Ezinsukwini ezintathu zokugcina ngaphambi kokutonyulwa kwawo, bathenga amathikithi ayizigidi ezingu-37,4.
EJapane ibhizinisi lihlala linamandla ezindlini ezingu-10 000 zokubheja ezigunyaziwe lapho abantu bethutheleka khona ukuze bathenge amathikithi eTakarakuji (Umdlalo Wokubheja) Enkulu Yasekupheleni Konyaka. Kwenye indlu yokubheja yaseTokyo lapho kubikwa khona ukuthi amathikithi amahlanu omklomelo wokuqala ayethengiswe khona eminyakeni edlule, cishe abantu abangu-300 base bemi emgqeni kakade lapho leyondlu ivulwa iqalisa ibhizinisi. Omunye wesifazane osemusha, owayekholelwa ukuthi inhlanhla ithanda ovuka ekuseni, wayelinde kusukela ngo-1:00 a.m. Ijackpot eyayihahelwa ngonyaka odlule: eqopha umlando yamayen ayizigidi ezingu-100 (R1 785 712).
Kwenye inhloko-dolobha yaseNtshonalanga Afrika, lokho abantu bendawo abakubiza ngokuthi indawo yeKholiji leLotto ihlala igcwele abantu abazothenga amathikithi nabazocabangela izinombolo zesikhathi esizayo. Izinhlu ezinde zezinombolo ezawina esikhathini esidlule zithengiselwa labo abanethemba lokuthola kuzo imikhondo yezinombolo ezizowina esikhathini esizayo. Ngalabo abakholelwa olwazini oluyimfihlakalo, abaprofethi belotto bayatholakala ukuze baprofethe, ngemali ethile, ngezinombolo ezingabhejelwa.
Ingabe lezi ziyizenzakalo zamazwe athile kuphela? Lutho neze. Imfiva yemidlalo yokubheja isakazekile. Ithungela wonke amazwekazi. Iyavutha emazweni acebile nampofu. Ijabulisa abasebasha nabadala kuwo wonke amazinga omphakathi angokwezomnotho, ezenhlalo, nawezemfundo.
Yebo, imidlalo yokubheja iyibhizinisi elikhulu, futhi lelibhizinisi liyachuma. EUnited States iyodwa, imidlalo yokubheja yoMbuso yazuza amadollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-18,5 ngo-1989. Eminyakeni engu-27 nje kuphela edlule, lelonani lalingekho nhlobo. Kodwa manje imidlalo yokubheja iwuhlobo lokugembula olungena isibili ngobukhulu eUnited States, futhi lemboni ikhula ngamaphesenti angu-17,5 minyaka yonke, ngejubane elinjengelemboni yamacomputer.
Ukuthengiswa kwezinto zemidlalo yokubheja emhlabeni wonke ngo-1988, ngokwamanani amuva nje atholakala kumagazini iGaming and Wagering Business, kwakufinyelela engqikithini engu-R140,95 okuyinani elikhulu. Lokho kulingana namaRandi angu-25 kuwo wonke amadoda, abesifazane, nabantwana emhlabeni! Futhi lokho kungonyaka owodwa kuphela!
Nakuba engekho ongaphika ukuthi imidlalo yokubheja iyachuma, abaningi bamelene nayo ngokunamandla. Izihloko ezimbili ezilandelayo zizohlola ukuthandwa okukhulayo kwemidlalo yokubheja nempikiswano ehambisana nayo. Njengoba ucabangela lamaphuzu, uzokwazi ukunquma ukuthi imidlalo yokubheja ikufanele noma cha. Ingabe kuhle ukuyidlala? Kulula kangakanani ukuwina? Ingabe ungadliwa okunye ngaphandle kwemali?