Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe kufanelekile ngomKristu ukuba athenge amathikithi okubheja njengendlela yokuzijabulisa uma inzuzo iba isipho kwabaswele?
Ngokuqinisekile iBhayibheli alikwenqabeli ukuzijabulisa okufanelekayo, ngoba uJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11, NW) Abantu bakhe bangawujabulela umculo, umdanso onesizotha, ukudla noma ukuphuza okusesilinganisweni, nemidlalo esesilinganisweni. (IHubo 150:4; UmShumayeli 2:24) Nokho, ngokusobala ukugembula kuyangqubuzana neseluleko sikaNkulunkulu esihlakaniphile, futhi lokhu kunjalo ngokuhlanganyela ekubhejeni ngamathikithi.
Kuyini ngempela ukubheja ngamathikithi? Kuhilela ukuthenga amathikithi ukuze umuntu abe nethuba lokuwina imiklomelo. Abawinile batholakala ngokutomula noma ngendlela ethile yokukhetha inombolo ngaphandle kokucabanga.a Ngokuvamile kunomklomelo owodwa omkhulu, mhlawumbe ofinyelela ezigidini zamadollar, amarandi, noma opondo. Ukuheha komklomelo omkhulu kangako kukhulu kangangokuthi ukubheja ngamathikithi kuye kwaba “uhlobo lokugembula olwande kunazo zonke.” (The World Book Encyclopedia) Amakhulu ezigidi zabantu agembula ngamathikithi okubheja.
Abanye abantu baye bathi ukuhileleka ekubhejeni ngamathikithi akukona okungalungile noma okubi ngoba intengo yethikithi (yethuba) ingase ibe ncane, ngoba labo abahlanganyelayo bakwenza lokho ngokuzithandela, nangenxa yokuthi enye yenzuzo ingase isetshenziselwe injongo yomusa, njengokusiza abampofu. Kwamukeleka kangakanani ukucabanga okunjalo?
Nakuba abanye bethi ukuthenga amathikithi okubheja kuyindlela elula, eshibhile, yokuzijabulisa isici sokuhaha asinakuphikwa. Abantu bathenga amathikithi okubheja bethemba ukuthi bazowina isizumbulu semali. Lokhu ngokuqinisekile kuphikisana neseluleko saphezulu esimelene nokuhaha, okungaba isono esingathi sína kangangokuba singavimbela umuntu ukuba ‘adle ifa lombuso kaNkulunkulu.’ Ngakho, uma umKristu ebonisa ukuhaha okuphikelelayo ngokugembula, angase akhishwe ebandleni. (1 Korinte 5:11; 6:10) IBhayibheli lithi: “Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.” (IzAga 20:21) Uma umKristu ezwa noma isiphi isifiso ‘sokuzama inhlanhla’ ekubhejeni ngamathikithi, kufanele acabange ngokungathi sína ngokuhaha ukubheja ngamathikithi okusekelwe kukho. Eyabase-Efesu 5:3 ithi ‘isangabe masingaphathwa ngisho nangegama phakathi kwethu,’ kungasakhulunywa ngokusivumela komKristu.
Ingxenye enkulu yababheja ngamathikithi ngokuvamile itholakala emiphakathini empofu. Ngakho ngisho noma intengo yethikithi incane, kuphanjukiswa izimali obekufanele zibhekane nezidingo zomkhaya ezingokoqobo—ukudla okwengeziwe, izembatho ezanele, ukunakekelwa ngezempilo okuthuthukisiwe. Umuntu othi ungumKristu kodwa ayekelele izidingo ezinjalo zomkhaya “mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:8.
Ngisho noma intengo yethikithi lokubheja ingeke yazilimaza ngendlela ephawulekayo izimali zomuntu siqu noma zomkhaya, lokho akusho ukuthi abanye abalimali. Kungani kunjalo? Ngoba cishe noma ubani othenga ithikithi lokubheja angathanda ukuwina. Izovelaphi eyakhe imali yomklomelo? Uma ithikithi lakhe libiza amarandi ayishumi umklomelo wona ungamarandi ayisigidi, lokho kusho ukuthi uthatha imali yamathikithi abanye abantu abayizinkulungwane eziyikhulu. Ingabe lokho kuyavumelana neseluleko sikaNkulunkulu esimelene nokufisa izimpahla zabanye? (Duteronomi 5:21) Eqinisweni, umklomelo wakhe uyohilela imali ethathwe kwabanye abantu abaningi abengeziwe, ngoba kungadingeka ukuba kuthengiswe amathikithi amaningi kakhulu kunayizinkulungwane eziyikhulu. Ingxenye enkulu yemali yamathikithi kumelwe ibhekane nezindleko zokuqondisa, kanye nenye eya ezinjongweni zomusa okumenyezelwa ukuthi ziyisizathu esiyisisekelo sokubheja ngamathikithi. Ngakho ngisho noma umuntu engaba nawo amarandi ayishumi ethikithi lakhe siqu, kuthiwani ngenani elikhulu labanye abantu? Ngaphezu kwalokho, ukuwina kwakhe cishe kuyosakazwa kubangele ukuba abaningi baqale ukubheja ngamathikithi noma bathenge amathikithi engeziwe, ngisho noma bengenakukwazi ukukumela lokhu.
Akunakuphikwa futhi ukuthi okuhlangene nokubheja ngamathikithi iphupho lokuwina imali ngaphandle kokuyisebenzela. Yebo, ukubheja ngamathikithi kukhuthaza ubuvila noma kuyabubangela. Nokho, iBhayibheli likhuthaza abantu bakaNkulunkulu ukuba babe ngabongayo, abakhuthele, nabasebenza kanzima. Kunokuba lithuthukise umoya ‘wokuthola okuthile mahhala,’ liyeluleka: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”—2 Thesalonika 3:10; IzAga 13:4; 20:4; 21:25; 1 Thesalonika 4:9-12.
Ukuthi abanye kungenzeka bahlanganyela ngokuzithandela ekubhejeni ngamathikithi nokuthi kusemthethweni akukwenzi ukuhileleka komKristu kukho kube okufanelekile. Abanye ohulumeni bazenza zibe semthethweni ezinye izindlela zokugembula, nobufebe, nesithembu. Nakuba izinto ezinjalo zingase zibe semthethweni futhi abantu abaningi bahileleke kuzo ngokuzithandela, lokhu akusho ukuthi izenzo ezinjalo zifanelekile emehlweni kaNkulunkulu. Kunalokho, amaKristu alwela ukubonisa umbono kaDavide: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami.”—IHubo 25:4, 5.
Uma umKristu efuna ngobuqotho ukusiza abampofu, abakhubazekile, noma asebekhulile, ngokuqinisekile angenza kanjalo ngokuqondile noma ngendlela engahileli ukugembula.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba lwaziwa ngokuthi ilottery, loluhlobo lokugembula lungase lubizwe ngokuthi ipool, isweepstakes, iraffle, noma ngelinye igama lendawo.