Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 10/8 k. 3
  • Izisulu Ezingazi Lutho Zokuxhashazwa Kwabantwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izisulu Ezingazi Lutho Zokuxhashazwa Kwabantwana
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana
    I-Phaphama!—1991
  • “Isikhathi Sokuphola”
    I-Phaphama!—1991
  • Ukukuvimbela Ekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Imibono Ephambene Evamile
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 10/8 k. 3

Izisulu Ezingazi Lutho Zokuxhashazwa Kwabantwana

“MANJE sengizohlanganisa iminyaka engu-40 yobudala,” kusho uEilene.a “Futhi ngisho nakuba inkinga yami yenzeka eminyakeni engu-30 edlule, isangikhathaza namanje. Intukuthelo, umuzwa wecala, izinkinga emshadweni wami! Abantu bayazama ukuzwelana nami, kodwa abakwazi.” Iyini inkinga kaEilene? Uyisisulu sokuxhashazwa ngokobulili lapho eseyingane, futhi kuyena imiphumela iye yaba ngehlala njalo.

Ngokuqinisekile uEilene akayedwa neze kulokhu. Ukuhlola kubonisa ukuthi inani elikhulu ngokushaqisayo labesifazane​—⁠namadoda⁠—​liye labhekana nalokhu kuphathwa kabi.b Khona-ke, njengoba lesi kungesona isenzo esingavamile sokuziphatha okungaziwa, ukuxhashazwa kwabantwana ngokobulili kuyinkinga egcwele yonke indawo, edabula yonke imingcele yamaqembu ezenhlalo, ezomnotho, ezenkolo, kanye nezinhlanga.

Ngokujabulisayo, uquqaba olukhulu lwamadoda nabesifazane alucabangi ngisho nokucabanga ngokuphatha kabi ingane ngalendlela. Kodwa iqembu elincane eliyingozi linalokhu kuthambekela okungasile. Futhi ngokungafani nabantu osekuwumkhuba wabo, abaxhaphazi abambalwa babantwana bangabantu abanequngo lokubulala ababhace eduze nezinkundla zemidlalo. Iningi lingabantu abaye bahlakulela ukubukeka kwangaphandle okungasolisi. Banelisa izinkanuko zabo ezisontekile ngokuhlasela izingane ezingenalwazi, ezethembayo, ezingakwazi ukuzivikela​—⁠ngokuvamile amadodakazi abo siqu.c Obala, bangase bawaphathe kahle, nangomusa. Ngasese, bawasongele, bawaphathe ngobudlova, bawalulaze, bawahlasele ngezindlela ezinukubezayo zobulili.

Kuyavunywa, kunzima ukuqonda ukuthi izinto ezesabeka kanjalo zingenzeka emakhaya amaningi kangaka abonakala ehlonipheka. Nokho, ngisho nasezikhathini zeBhayibheli, izingane zazisetshenziselwa “ukwanelisa okwesikhashana . . . inkanuko yobulili.” (The International Critical Commentary; qhathanisa noJoweli 3:⁠3.) IBhayibheli labikezela: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, . . . nabangenaluthando, . . . nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle.” Khona-ke, akufanele kusimangalise ukuthi ukuxhashazwa kwezingane kwenzeka ngezinga elikhulu namuhla.​—⁠2 Thimothewu 3:​1, 3, 13.

Ukunukubezwa ngokobulili kwabaseyizingane kungase kungashiyi zibazi ngokomzimba. Futhi akubona bonke abantu abadala abenziwa izisulu beseyizingane abacindezeleka ngokubonakalayo. Kodwa njengoba isaga sasendulo saphawula: “Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu.” (IzAga 14:​13) Yebo, izisulu eziningi zinezibazi ezijulile ezingokomzwelo​—⁠izilonda ezingabonakali ezibhibhayo ngaphakathi. Phó, kungani ukunukubezwa ngokobulili kwezingane kubangela umonakalo ongaka? Kungani ukudlula kwesikhathi kukodwa kungawapholisi ngaso sonke isikhathi amanxeba? Ubukhulu balenkinga ecindezelayo bufuna ukuba sibhekise ukunakekela kwethu kuyo. Yiqiniso, okunye kwalokhu okulandelayo kungase kungajabulisi ukukufunda​—⁠ikakhulukazi uma uye waba isisulu sokuxhashazwa useyingane. Kodwa qiniseka ukuthi likhona ithemba, ukuthi ungasimama.

[Imibhalo yaphansi]

a Wonke amagama ashintshiwe.

b Ngenxa yokwehlukahluka okukhulu kwezincazelo zokuxhashazwa ngokobulili kanye nezindlela zokuhlola, cishe kungokungenakwenzeka ukuthola izibalo eziqondile.

c Izisulu eziningi zinukubezwa oyise abazizalayo noma abokutholwa. Ukuxhaphaza kwenziwa futhi abazelamayo, omalume, omkhulu, abantu abadala abazijwayele, kanye nabantu ezingabazi. Njengoba izisulu eziningi zingabesifazane, ngokuvamile sizobhekisela kuzo ngezabizwana zabesifazane. Nokho, ngokwengxenye enkulu, ukwaziswa okunikezwe lapha kusebenza kubo bobubili ubulili.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela