“Impendulo Yomthandazo Wami”
Abafundi Baphawula Ngochungechunge Oluphathelene Nokuluthwa Utshwala
“UJEHOVA uye wayiphendula imithandazo yami,” lawo amazwi esiye sawezwa evela kubafundi kuwo wonke umhlaba. Ngokusho lokhu, abafundi babebhekisela ochungechungeni lwezihloko ezavela kumagazini wethu kaMay 22, 1992, owawunesihloko esithi “Usizo Ngemilutha Yotshwala Nemikhaya Yayo.”
Lezihloko ezisekelwe eBhayibhelini zabonisa indlela ukuluthwa utshwala okungabamba ngayo wonke umkhaya. Abangane bomshado nezingane ngokuvamile bahlanganyela nomlutha wotshwala ekuphikeni ukuthi ngempela unenkinga yokuphuza. Bona kanye nabanye bangase basebenzise izindlela ezingaphumeleli ukuze bazame ukushintsha umlutha wotshwala—kodwa bangase baphumelele kuphela ekuqhubekiseleni phambili ukulutheka kwawo. Ngakho-ke amalungu omkhaya kumelwe aqonde uhlobo lokuluthwa utshwala, futhi kwanikezwa ukusikisela okuqondile ukuze kuwasize anqobe ukulawula kwako okubhubhisayo. Lokhu kwaziswa kwaqondiswa futhi ezinganeni esezikhulile zemilutha yotshwala ukuze kuzisize zibone—futhi zelaphe—amanxeba azo angokomzwelo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi lezihloko ziye zabangela ukusabela okumangalisayo okuvela kubafundi balomagazini!
Omunye wesifazane wabhala: “Lapho ngibona ikhasi langaphandle, ngaba nohlevane. Kulonyaka odlule nengxenye, ngiye ngagula kakhulu. NgoDecember, ngaqala ukuhlaselwa uvalo kanzima nokucindezeleka okukhulu okubeleselayo. Ngakhuliswa ubaba ongumlutha wotshwala kodwa ngaba nomuzwa wokuthi kwakungenangqondo ukucabanga ngesikhathi esidlule. Lapho ngamukela umagazini wenu, ngawufunda ngokuphindaphindiwe. Ngokokuqala ngqá, ngaziqonda.”
Abafundi abaningi baye baveza imizwa efanayo. Omunye oneminyaka engu-16 ubudala onobaba ongumlutha wotshwala wabiza lezihloko ngokuthi ukuqala kwenqubo yokwelapheka kwakhe. Omunye umfundi uthi: “Bengilokhu ngifunda iPhaphama! kusukela ngo-1969, futhi angikaze ngifunde ukwaziswa okunomphumela omkhulu kangaka kimi. Ngemva kweminyaka eminingi ngizizwa njengesehluleki, ngazizwa sengathi ngonile ngisho nakuJehova. Yini eyayingalungile ngami? Ngangizinikele ohlotsheni olufanayo lobuhlungu nokudabuka engangicabanga ukuthi ngilushiyile futhi ngakhulisa abantwana abahlanu esimweni sokulutha kotshwala. Angikwazanga ukubanikeza ukulondeka okungokomzwelo ababekudinga. IPhaphama! kaMay 22 iye yangivulela indlela! Ngibonga uJehova ngokungisiza ngiqonde inkinga yami.”
Akumangalisi ukuthi lezihloko zasiza abafundi abaningi ngokomoya. “Esikhathini eside, ngiye ngahlupheka ngenxa yokwehluleka kwami ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli,” kuvuma omunye wesifazane waseJapane. “Ngathandaza kuNkulunkulu ukuba angisize ngishintshe ubuntu bami. Izinsuku ezimbalwa kamuva, ngamukela lomagazini. Wangifundisa izizathu zokuziphatha kwami futhi wanginikeza isibindi sokuzama ukulungisa izinto.”
Lezihloko zisize abanye abafundi ukuba banqobe ubunzima bokungavumi ukubhekana namaqiniso. “Nami futhi ngiyisisulu sokuzalwa ubaba owumlutha wotshwala,” kusho omunye wesifazane waseCanada. “Kodwa kwakungemva nje kokufunda isihloko senu lapho kwangihlaba umxhwele kakhulu khona ukwazi lokho okwakuyinkinga yami. Ngiye ngakhula ngingavumi ukuthi kwake kwaba nenkinga ekhaya. Namuhla ngithathe isinyathelo esiya ekulaphekeni ngokuxoxa nodade ongumKristu ovuthiwe. Ngamangala ukuzwa ukuthi noyise futhi wayewumlutha wotshwala.”
Kwabanye, lokhu kwaziswa kwaxosha imizwa yokuzehlukanisa. “Kwakwelapha kimi ukufunda lezihloko, ngoba manje nginomuzwa wokuthi nginabafowethu nodadewethu abangamaKristu abahlanganyela imizwa yami nabaqondayo,” kwasho omunye umfundi.
Abafundi abaningi behla izinyembezi njengoba befunda lezihloko. “Ngokushesha nje lapho ngibona lesihloko, ngaqala ukukhala,” kwasho omunye wesifazane. “Ubaba uwumlutha wotshwala, njengoba nomyeni wami ayenjalo. Ngangingazange ngiqaphele ukuthi ukulutha kotshwala kufeze ingxenye enkulu kangakanani ekonakaliseni ubuntwana bami. Kwachitha umshado wami, futhi kwacishe kwangibhubhisa. Ngiyakhala ngoba kuye kwakhanyiswa imibuzo ebenginayo konke ukuphila kwami, njengethi, ‘Kungani ngaso sonke isikhathi ngizizwa ngingelutho kangaka? Kungani ngingenakwethemba muntu? Kungani ngingeneliseki?’”
Abanye baba nomuzwa wokuthi lezihloko ziphendule eminye imibuzo ekhathazayo. Enye insizwa yaseFinland yathi: “Ngangivame ukuzibuza ngemizwa engaphakathi kimi, njengoba ngangingakwazi ukwethemba abantu noma ukubonisa imizwa efudumele.” Omunye wesifazane wavuma: “Lokhu kwaziswa kwakuyilokho kanye engangikudinga. AmaKristu esikanye nawo ngokuvamile ayasitusa ngenxa yokubeka isibonelo esihle njengomkhaya. Ngisho nomakhelwane bayasincoma. Nokho, naphezu kwayo yonke lempumelelo, izikhathi eziningi, ngaphakathi ekujuleni, ngiye ngaba nomuzwa wokuthi kwakukhona okungalungile ngami. Ngezinye izikhathi ngangilwisana nemizwa yecala nokungazethembi, kodwa ngangingasiqondi isizathu. Lezihloko ziye zangisiza ukuba ngibheke izinto eziningi ngendlela elinganisela ngokwengeziwe. Amanxeba ami aseqale ukuphola.”
Izingane esezikhulile zabazali abayimilutha yotshwala ngokuvamile zihlushwa yimizwa yecala. Nokho, phawula lokho okwabhalwa omunye umfundi waseJapane: “Lapho ubaba odakiwe eshaya umama, ngangihlushwa ukucindezeleka nokushaqeka okungokwengqondo. Ngangivame ukuba nokucanuzela kwenhliziyo futhi ngisho nokuhlanza! Wayethi, ‘Uma uzoliyeka iBhayibheli, ngizoyeka ukuphuza.’ Nokho, lesihloko singifundise ukuthi imilutha yotshwala izama ukuthwalisa abanye icala lokuphuza kwayo nokuthi akufanele silahlekiswe yikho! Ngizizwa sengathi ngiye ngakhululwa.” Umfundi othile waseBrazil wabhala: “Lapho ubaba ephuza, usola thina ngaso sonke isikhathi. Izikhathi eziningi ngiye ngaba nomuzwa wokuthi kwakuyicala lami. Lezihloko zingenze ngabona ukuthi kwakungelona icala lami noma elikamama.”
Abadala abangamaKristu abanothando bangaba umthombo obalulekile wosizo. (Isaya 32:2) Lezihloko eziphathelene nokuluthwa utshwala zaziklanyelwe ukuba zisize ababonisi basemabandleni babhekane nezinkinga ezinjalo ngokuphumelelayo. (Isaya 50:4) Omunye wesifazane ongumKristu uyakhumbula: “Ngiye ngasebenzisa isidakamizwa esilwisana nokucindezeleka iminyaka eminingi; udokotela wami uye wangincenga ukuba ngifune ukwelulekwa kwezobuchwepheshe. Kodwa angikhululeki ukukhuluma nomuntu engingamazi ngezinkinga zami. Ngabiza abadala, futhi ngokuxoxa nabo nginomyeni wami, ngakwazi ukunqoba okuningi kokwesaba kwami, intukuthelo, ukukhungatheka, nemizwa yokulahlwa.”
Ezikhathini eziningi kudingeka usizo lwezobuchwepheshe ukuze kuxazululwe izinkinga ezidalwe ukuluthwa utshwala. Nakuba lezihloko zingazange zituse noma yiluphi uhlobo olukhethekile lokwelapha, abafundi abaningi baye balandisa okuhlangenwe nakho kwabo siqu. “Umyeni wami wangenela uhlelo lokwelashwa kwemilutha yotshwala,” kulandisa omunye wesifazane. “Kwakumane nje kuyisiqalo sempi yeminyaka emithathu ngathi sobabili. Saqalisa ukwelashwa okukhulu kwamasonto onke. Ayikho indlela esasingaziphumela ngayo ngokwethu ebumnyameni obunjalo obungokomzwelo.” Owesifazane waseJalimane osebenza emthola-mpilo wezifo zokulutheka uyanezela: “Nginibonga kakhulu ngokuveza ukuthi abantu ababhekana nezinkinga futhi bafune usizo bangabantu abaqinile—hhayi labo abacindezela noma benze izinto sengathi zincane. Nibonise ngokucacile ukuthi umuntu akalahlekelwa isithunzi ngokufuna ukwelashwa.”
Nakuba kujabulisa ukuphawula lokhu kusabela okuhle kulezihloko, sazi kahle ukuthi ukupholisa amanxeba angokomzwelo okuluthwa utshwala kuyinqubo ende futhi ngokuvamile enzima. Imithandazo yethu inalabo ababhekana nalezinkinga ezingathi sína, ngosizo lukaJehova uNkulunkulu. Omunye umfundi wathi: “Ngakhula nginobaba owumlutha wotshwala. Ngisho nakuba ngikhonza uJehova ngenjabulo, izibazi ezingokomzwelo zisabonakala. Ngosizo lukaJehova, ngiye ngalulama kakhulu, kodwa ngiyavuma ukuthi ukwelapheka ngokuphelele kuyoza kuphela ezweni elisha likaJehova.”—Isaya 65:17.