Ukuphehla Umoya
UKWAKHIWA kwesikhungo sokuqala sokuphehla umoya odayisayo saseBrithani kwaba nokuphazamiseka isikhashana lapho, ngokwe-Independent yaseLondon, omunye wemishini owawusetshenziswa lapho kuphakanyiswa injini yokuphehla umoya uphephuka ngesikhathi kunesivunguvungu. Nakuba kunjalo, ukusebenzisa umoya kuthiwa kungenye yezindlela ezishesha kakhulu, ezishibhe kakhulu zokuphehla amandla. Futhi okuhle nakakhulu, akushiyi kungcola kwamakhemikhali okuvela ekushiseni izinto zokubasa, njengamalahle.
Nakuba amaZwe amaningana aseYurophu—njengeDenmark, iJalimane, neNetherlands—kuhlanganise neCalifornia, ezisekela izikhungo zokuphehla umoya njengeziyimithombo yamandla avuselelwayo, akubona bonke kulabo abayikhathalelayo indawo ezungezile abazijabulelayo. Abanye baphikisa ngokuthi uphephela ophendukayo walenjini yokuphehla umoya unomsindo; abanye abakuthandi ukungabukeki kwayo, ikakhulukazi lapho lemishini yakhiwe ezindaweni ezinobuhle bemvelo.
Nakuba kunjalo, eBrithani, elinye lamazwe aseYurophu anomoya kakhulu, abaluleki bakahulumeni batusa amandla omoya wasogwini ‘njengokuyiwona awumthombo wamandla othembisa kakhulu esikhathini esifushane,’ kubika umagazini i-New Scientist. Ngakolunye uhlangothi, naphezu kwezindleko eziphakeme ezingase zihileleke, abagxeki bezikhungo ezakhiwe ogwini batusa ukuba izinjini zokuphehla umoya zakhiwe kude nogu, kusetshenziswe ama-winch akhethekile esikhundleni sokusebenzisa imishini ukuze kuthuthwe izinto zokusebenza ezisindayo—kusetshenziswe ngokunenzuzo imimoya yasolwandle enamandla.