Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuhleka Ngithanda ukuzwakalisa ukubonga ngesihloko esithi “Nandisa Ukuphila Kwakho Ngokuhleka.” (May 22, 1994) Bengilokhu ngingunkom’ idla yodwa, ngivame ukuba nesififane. Lapho ngifunda ukunandisa ukuphila kwami ngokuhleka, izinto zashintsha. Ngempela ukuhleka “kuyigebe elincane kunawo wonke phakathi kwabantu ababili.”
A. Q. G., Brazil
Umdlavuza Ngisanda kunikeza udokotela kamama ikhophi kamagazini wenu ka-April 8, 1994, ethi “Umdlavuza Wamabele—Wesatshwa Yibo Bonke Abesifazane.” Ekhasini 10 nichaza ukuthi i-hydrazine sulfate “iyisidakamizwa esingenabuthi.” Lodokotela wasibonisa izincwadi zokwelapha ezithi inobuthi kakhulu.
D. M., France
Njengoba ngokobufakazi obukhona kusaphikiswana ngendaba yokuba nobuthi kwalelikhemikhali, senza iphutha ngokuthi asinabuthi lesisidakamizwa. Okunye ukuhlola kokucwaninga kwaseRussia kuthi kwatholakala ukuthi inobuthi kakhulu lapho inikezwa amaginipiki namagundane ngesilinganiso esikhulu. Nokho, kokunye ukuhlola kwasemtholampilo iziguli ezinomdlavuza okwenziwa e-UCLA Medical Center, kwabikwa ukuthi ubuthi be-“hydrazine” “babuphakathi nendawo” iziguli ezingamaphesenti angu-71 zabika imiphumela yokungabi nabuthi. Akungabazeki ukuthi kudingeka kwenziwe ukucwaninga okwengeziwe ngaphambi kokuba zaziwe ngokuphelele izingozi nalokho okungase kube yizinzuzo zalesisidakamizwa.—ED.
I-opera Bengilokhu ngicabanga ukuthi izihloko zenu zinhle kakhulu, futhi bengilokhu nginomuzwa wokuthi ikakhulukazi zibhalelwe mina. Kodwa angikaze ngicabange ukuthi ningabhala ngokuthile engikuthanda ngempela, i-opera. Ngakhala lapho ngibona isihloko esithi “Ubusuku Esabuchitha Kuyi-opera.” (July 8, 1994) Ngibonga kakhulu.
S. S., Romania
Indaba Ka-Addie Isihloko esithi “U-Addie Walithola Sekwephuzile Ikhambi Kodwa Kungakephuzi Kakhulu” (July 22, 1994) sasisihle kakhulu! Kwakufana nokufunda indaba eqanjiwe, ngaphandle kokuthi yona kwakuyindaba engokoqobo. Ngathinteka lapho ngiqaphela ukuthi isifundo sendaba yakhe sasiwukuthi ukushumayela kuyindlela ephumelela kunazo zonke yokusiza omakhelwane bethu!
D. L., Italy
Ngisanda kufunda nje indaba yokuphila kuka-Addie Clinton Few, futhi ngokokuqala ngqá eminyakeni engu-19 ngifunda i-Phaphama!, ngiyabhala ukuze ngibonge! Nami ngingumuntu onsundu futhi kukho konke ukuphila kwami ngiye ngagxekwa kabuhlungu umphakathi ongenabulungisa. Kodwa ngiye ngafunda ukuthi uJehova uyakukhathalela ngempela ukuhlupheka kwabantu abansundu nokuthi izwe lakhe elisha elithenjisiwe lizolungisa konke okungalungile.
L. N., United States
Lesisihloko sabonisa ukwesasa nokujabula kwakhe okuhlangene nokuzithoba. Unekhono lokuxoxa indaba! Ngasithola sishukumisa kakhulu isiphetho salendaba. Ngangisebhasini ngimamatheka ngesinye isikhathi futhi ngikhala ngesinye.
D. M., United States
Ukukhuluphala Kakhulu Ngahlatshwa umxhwele isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngikhuluphele Kangaka?” (April 22, 1994) Ngaso sonke isikhathi sasingicasula isisindo sami, kodwa lesisihloko sathi uJehova akabheki indlela obukeka ngayo kodwa ubheka lokho okusenhliziyweni yakho. Ngiyabonga.
N. C., United States
Nakuba ngingakhuluphele ngempela, ngezinye izikhathi ngiye ngifise sengathi ngingafana nalabo bakhangisi. Ngezinye izikhathi ngiyacindezeleka bese ngivele ngikhale. Isihloko senu sangisiza ukuba ngibone ukuthi akumina ngedwa ozizwa ngalendlela, futhi lokho kwakududuza.
R. M., United States
Angikhuluphele kakhulu, kodwa ngiyintombazane enomzimba oqatha namahlombe amakhulu. Abazala bami nabafowethu abadala bayangigcona. Ngalijabulela iphuzu lenu lokuthi nakuba ngingase ngibe nomzimba oqatha, lokho akusho ukuthi kumelwe ngiwunciphise.
M. T., United States