Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Umshumayeli Okhubazekile Ngakhala mí izinyembezi lapho ngifunda indaba kaKonstantin Morozov esihlokweni esithi “Umbono Wethemba Naphezu Kokukhubazeka.” (February 22, 2000) Ngingumama ongayedwa okhulisa izingane ezimbili. Akulula, futhi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi izinkinga zami ngeke ziphele. Kodwa azilutho uma ziqhathaniswa nalokho uKonstantin okudingeka abhekane nako!

I., Russia

Ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele. Nginenkinga yamehlo abuthakathaka futhi kunzima kakhulu ukufunda. Ngangingumfundi okhuthele, ngakho ngezinye izikhathi ngiyakhungatheka futhi ngicindezeleke. Uma ngicabanga ngoKonstantin, ngiba nomuzwa wokuthi akufanele ngikhononde. Wanqoba izithiyo ezinjengentaba futhi ukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Yeka ukuthi uJehova unika amandla kanjani!

W. W., India

Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala ngakhubazeka kwesingezansi. NjengoKonstantin, ngibhekana nobunzima nsuku zonke. Nokho, lesi sihloko sabonisa ukuthi umuntu okhubazekile angaba nendawo emphakathini futhi ahlanganyele ekukhulekeleni uNkulunkulu. Nakuba ngingezwa kahle futhi ngingaboni kahle, ngivame ukushumayela ngedwa emgwaqweni lapho ngihlezi esihlalweni ngincike odongeni. Ngiyamhalalisela uKonstantin ngentshiseko nokuzinikela kwakhe.

D. F., Côte d’Ivoire

Ubugqila Banamuhla Ochungechungeni oluthinta inhliziyo oluthi “Ukuphela Kobugqila Banamuhla Kuseduze!” (March 8, 2000), kunamazwi athi: “Akekho ongaba umKristu weqiniso kodwa ahlanganyele ekuhlukumezeni ngonya futhi acindezele noma imuphi umuntu.” Kungakanani okumelwe umKristu akwenze ukuze agweme ukuhlanganyela kulo mkhuba onyanyekayo? Emazweni aseNtshonalanga, cishe ngeke uzithole izinto ezingenziwanga ngaphansi kwezimo ezingabazisayo.

K. H., United States

Lesi sihloko sasikhuluma ngokuxhashazwa okuqondile kwabantu yizimboni nabanye. Sasingaqondile ukuthi umKristu ubophekile ukuba achithe isikhathi esiningi ecwaninga ngomsuka wazo zonke izinto azithengayo. Kodwa lapho kwaziwa ukuthi into ethile iwumkhiqizo wezisebenzi ezigqilazwayo, umKristu kufanele azenzele isinqumo sokuthi ayithenge yini noma cha. Kulokho, njengakuzo zonke ezinye izinto, umKristu ufuna ukulondoloza unembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu. (1 Petru 3:16)—ED.

Ngiyintombazane eneminyaka engu-16 futhi isihloko senu sangithinta inhliziyo. Ngazi amantombazane athile asemancane agqilazwayo namuhla. Asebenza kanzima emikhayeni ahlala nayo. Kodwa awatholi mfundo—noma uthando. Ngajabula kakhulu ukufunda eBhayibhelini ukuthi ngokushesha uJehova uzokhulula abacindezelwe.

A. O., Burkina Faso

Ukholo Namuhla ngifunde isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Luyini Ukholo Lweqiniso?” (March 8, 2000) Sibonise ngokucacile ukuthi ukholo lweqiniso alukona ukuthatheka. Omagazini abaningi bagcwele izikhangiso kodwa abanazo izihloko ezifundisayo noma ezakhayo. Akufanele sikuthathe kancane lokho enisinyathelisela kona.

E. S., Italy

I-video KaNowa Kufanele ngibonge ngesihloko esithi “Indlela Eyenziwa Ngayo I-video Ethi Noah—He Walked With God.” (March 8, 2000) Indodana yethu eneminyaka emibili nengxenye yaqala ukubuka le video ingakakwazi ngisho nokuhamba. Iyibuka iphindelela futhi ifune ngihlehlise izingxenye ezithile ukuze iphinde izibuke. Yeka ukuthi kuhle kangakanani ukuba namathuluzi agxilisa uthando ngoJehova ezinganeni zethu!

M.V.G., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela