Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 5/8 k. 30-k. 32 isig. 6
  • Kungani Ngaba Ingane Yokutholwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngaba Ingane Yokutholwa?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imbangela Yentukuthelo
  • Ukulungisa Imibono Eyiphutha
  • Ukubaluleka Kokuthandwa
  • Ungaphumelela
  • Ngingabhekana Kanjani Nezinselele Zokuba Yingane Yokutholwa?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuba Nezingane Zokutholwa—Kufanele Ngikubheke Kanjani?
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuba Nezingane Zokutholwa—Ingabe Kukulungele?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 5/8 k. 30-k. 32 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Ngaba Ingane Yokutholwa?

“Kunjengokuphila nokukhubazeka okungelapheki. Ubuhlungu benhliziyo obungamahlalakhona.”—URobert.

IKUCHAZA ngaleyo ndlela ukuphila kwayo indoda ethile eyanikelwa kubazali bokutholwa lapho isanda kuzalwa. Iyaqhubeka: “Cishe nsuku zonke zokuphila kwakho, inhliziyo yakho ifisa ukwazi izimpendulo zemibuzo enjengokuthi, Ngizalwa obani ngempela? Bahlalaphi? Kungani bangilahla?”

UChantial, onoyise owatholwa, ukhononda ngokuthi akamazi ugogo nomkhulu abazala uyise. Uthi: “Ngizizwa ngiphucwe okuthile ngoba ngingabazi abafowabo bakababa, o-anti, nezingane zabo.” Akuzona zonke izingane zokutholwa ezizizwa ngale ndlela. Kodwa ezinye zizizwa kanjalo. Kungani?

Imbangela Yentukuthelo

Ukwazi ukuthi wahlukaniswa nabantu abakuzalayo kungenza ingane ibe nesiyaluyalu esingokomzwelo. UCatrina, owaba ingane yokutholwa esemncane, uthi: “Nganginenkinga yokuthukuthela ngoba ngingaqondi ukuthi kungani umama anginikela ukuba ngitholwe. Ngaba nomuzwa wokuthi umama wayengilahla ngoba ngimubi futhi ngingathandeki. Ukuba nje wayengangibekezelela, ngiyazi ukuthi ngangiyomenza aziqhenye ngami. Njalo nje uma ngicabanga ngomama ongizalayo ngangigcwala intukuthelo.”

Ubuhlobo bukaCatrina nabazali bakhe bokutholwa nabo baba nezinkinga. Uthi: “Nganginomuzwa wokuthi abazali bami bokutholwa babengihlukanise nomama ongizalayo. Ngakho ngakhiphela isibhongo kubo.” Yebo, ngezinye izikhathi abantu baba nentukuthelo ngoba beye banikelwa njengezingane zokutholwa.

Intukuthelo enjalo ingaba ingozi. Ngezinye izikhathi, njengoba kubonakala endabeni kaCatrina, ungase ukhiphe isibhongo ngezindlela ezingafanele noma usikhiphele kubantu abangenacala. IBhayibheli liyeluleka: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka.” (IHubo 37:8) Kungenzeka kanjani lokho? Lona futhi iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.” (IzAga 19:11) Ukuqondisisa isimo sakho kungadambisa intukuthelo. Kanjani?

Ukulungisa Imibono Eyiphutha

Ukuqondisisa kungakusiza ukuba uhlole imibono ekwenza uthukuthele. Ngokwesibonelo, uma uyingane yokutholwa, ingabe unombono wokuthi abazali bakho bakunikela ngoba kukhona okungalungile ngawe? UCatrina wayezizwa ngaleyo ndlela. Kodwa ingabe kunjalo ngaso sonke isikhathi? Kungase kube nzima ukuthola ukuthi yini eyashukumisa abazali bakho, kodwa kunezizathu ezinhle zokugwema ukuba nombono onjalo oyiphutha. Empeleni, yini ngokuvamile eyenza abazali banikele ngezingane zabo ukuba zitholwe? Ngokuvamile, basuke benomuzwa wokuthi bafike kwangqingetshe.

Cabangela isibonelo sikaMose. Ukulandisa kweBhayibheli ku-Eksodusi isahluko 2 kusitshela ukuthi lapho uFaro waseGibhithe eyala ukuba kubulawe zonke izingane ezingabafana zama-Israyeli, uJokebedi wafihla usana lwakhe, uMose, izinyanga ezintathu. Ekugcineni, kwaba nzima ukulufihla, kodwa wayengenakuvuma ukuba umntanakhe abulawe. Ngakho ‘lapho engasakwazi ukumthukusa, wamthathela ibhokisi lebungu walihuqa ngebitume nangekolitayi wamfaka kulo umntwana walibeka phakathi komhlanga ngasosebeni lomfula iNayile.’—Eksodusi 2:3.

Kumelwe ukuba kwaba nzima kakhulu kuye ukulahla umntanakhe ngale ndlela. Kodwa wayengenze njani? Indlela ayeyithanda ngayo indodana yakhe yamshukumisela ukuba enze lokho ayecabanga ukuthi kwakuzoyizuzisa. Kuyathakazelisa ukuthi indodakazi yakhe yalinda budebuduze yaze yabona ukuthi umfowabo wayephephile ethathwe othile. Kungenzeka yenza lokho ngoba icelwe unina owayekhathazekile.

Kuyiqiniso ukuthi akuzona zonke izingane ezinikelwa ukuba zitholwe ngenxa yezimo ezinjalo eziphuthuma ngokusobala, kodwa ngokuvamile izisusa ziyefana. URobert uthi: “Umama wangikhulelwa engashadile. Ukungikhulisa kwakuyonezela umthwalo osindayo kubo kamama, ngoba kwakunezinye izingane. Kungenzeka wacabanga ukuthi kwakuyongizuzisa ukungidedela ngitholwe othile.”

Yebo, ziningi izizathu ezenza ukuba izingane zinikelwe ukuba zikhuliswe eminye imikhaya. Kodwa njengoba lezi zibonelo zibonisa, akungenxa yokuthi umama uyamzonda umntanakhe noma ukuthi ubona isici esithile kuye. Ezimweni eziningi, umama ukholelwa ngobuqotho ukuthi ingane iyonakekelwa kangcono uma ikhuliswa omunye umkhaya.

Ukubaluleka Kokuthandwa

Ukuqondisisa kungase kukusize nalapho ucabanga ukuthi kungani waba ingane yokutholwa. Cabangela futhi isibonelo sikaMose. Ngokuhamba kwesikhathi, “indodakazi kaFaro yamthola futhi yamkhulisa njengendodana yayo.” (IzEnzo 7:21) Yini eyashukumisa indodakazi kaFaro ukuba ivikele ingane eyayazi ukuthi yayingomunye wamaHebheru okwakufanele abulawe? IBhayibheli lithi: “Bheka umfana wayekhala. Kulokho yaba nobubele ngaye.” (Eksodusi 2:6) Yebo, uMose watholwa ngoba ethandwa, hhayi ngoba ezondwa noma engafunwa.

Izingane eziningi zokutholwa ziyaqaphela ukuthi abazali bazo abazilahlanga nje—nakuba kuvamile lokho kulezi zinsuku—kodwa baziyisa enhlanganweni ethile eyayizoqikelela ukuthi zinakekelwa kahle. Futhi kamuva zatholwa ngoba othile wazithanda ngokwanele wafuna ukuzinakekela. Kungashiwo yini okufanayo ngawe? Ukugxila othandweni oye waluboniswa nokulwazisa kungadambisa ubuhlungu okungenzeka uyabuzwa.

Ngaphezu kwalokho, ungase uthole uthando kwabanye ngaphandle komkhaya wakini wokutholwa. Uma uyingxenye yebandla lobuKristu, ungajabulela izinzuzo zokuba nomama, obaba, odadewenu nabafowenu abaningi abangokomoya abakuthandayo. (Marku 10:29, 30) Abadala abangamaKristu bangaba “njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.” (Isaya 32:2) Unganqikazi ukufuna usizo lwamaKristu avuthiwe futhi uthululele isifuba sakho kuwo. Watshele lokho okusengqondweni yakho nasenhliziyweni yakho.

URobert unomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba nobuhlobo obuqinile ebandleni lobuKristu. Uyavuma: “Ngisazizwa ngintula ngaphakathi. Nokho, uthando lomkhaya wakithi ongokomoya lukuvimbela ukuba kungangigabhi.”

Ungaphumelela

Ngakho yilwa nokucabanga okuyiphutha nokungafanele. Lokhu kuhlanganisa nombono wokuthi ungase ungaphumeleli ekuphileni ngoba uyingane yokutholwa. Imicabango enjalo ephambene ingakudumaza kakhulu! (IzAga 24:10) Ngaphandle kwalokho, ayisekelwe ndawo ngempela.

Khumbula, uMose wawasebenzisa ngokugcwele amathuba ayemvulekele. IBhayibheli lithi: “UMose wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe. Eqinisweni, wayenamandla ngamazwi nangezenzo zakhe.” (IzEnzo 7:22) Okubaluleke nakakhulu, uMose wamukela imfundo engokomoya—kangangokuthi uYise wasezulwini, uJehova, wayengokoqobo kuye. (Hebheru 11:27) Ingabe waphumelela ekuphileni?

UMose kamuva waba umholi wesizwe esikhulu sabantu mhlawumbe abayizigidi ezintathu noma ngaphezulu. Waba umprofethi, umahluleli, umkhuzi wamabutho, isazi-mlando, umlamuleli wesivumelwano soMthetho nomlobi wezincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, kuyavunyelwana ngokuthi nguye owaloba incwadi kaJobe neHubo 90. Yebo, uMose waphila ukuphila okuphumelelayo ngempela. Ngokufanayo, izingane eziningi zokutholwa ziyaphumelela, ngakho nawe ungaphumelela.

URobert waphumelela ekukhuliseni izingane ezimbili futhi manje ukhonza njengomdala ebandleni lobuKristu. Uma ecabanga ngeminyaka yakhe eseyingane yokutholwa, uthi: “Ngifundé ukuba ngingagxili kulokho engingenakukulungisa kodwa ukuba ngibonge ngezibusiso enginazo.”

Uma kuwukuthi sikhuluma nje uhlala nomkhaya osiswe kuwo noma nomkhaya wokutholwa, ungase uhlaselwe imicabango ephambene ngezikhathi ezithile. Kodwa zama ukuyikhipha ucabange ngezinto ezinhle. EyabaseFilipi 4:8, 9 ithembisa ukuthi ‘uNkulunkulu wokuthula uyoba nawe’ uma ‘uqhubeka ucabanga’ ngezinto ezithokozisa uNkulunkulu. Nokho, yiziphi ezinye izinyathelo eziwusizo ongazithatha ukuze uphumelele yize uhlala nomkhaya wokutholwa? Isihloko sesikhathi esizayo kulolu chungechunge siyophendula lowo mbuzo.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 2.

[Izithombe ekhasini 32]

Ukuthi uyingane yokutholwa kuwubufakazi bokuthi othile wakuthanda ngokwanele wafuna ukukunakekela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela