Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nokucindezeleka!
“UMZUKUZUKU wokugcina umsebenzi, umkhaya nezinye izibopho kusesilinganisweni esifanele uye wenyukela ngenhla kwamadolo eminyakeni yamuva.” Isho kanjalo incwadi yamuva ekhuluma ngokuphila komkhaya. Yebo, siphila ezikhathini ezicindezelayo. Nokho, lokhu akubamangalisi neze abafundi beBhayibheli, ngoba labikezela ukuthi lezi kwakuyoba “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 Thimothewu 3:1-5.
“Ukucindezeleka akusona isifo,” kusho uJesús, ubaba wezingane ezintathu. “Ngakho kudingeka wazi indlela yokukulawula.” Kuyavunywa ukuthi ukulawula ukucindezeleka akulula njengoba kushiwo. Noma kunjalo, kunokusikisela okuwusizo nezimiso zeBhayibheli ezingakusiza.
Ukubhekana Nokucindezeleka Emsebenzini
Ingabe ucindezelekile, mhlawumbe ngenxa yezimo osebenza ngaphansi kwazo? Ukufela ngaphakathi kungase kukwenze uzizwe ucindezeleke nangokwengeziwe. Njengoba iBhayibheli lisho encwadini yezAga 15:22, “amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.”
Abacwaninga ngokucindezeleka emsebenzini batusa ukuba “ukhulume nomqashi wakho: uma engazi ukuthi kunenkinga, ngeke akwazi ukukusiza.” Lokhu akusho ukuthi kufuneka uveze ukukhungatheka kwakho ngokuqhuma ngolaka. UmShumayeli 10:4 uthi: “Ukuzola kudambisa izono ezinkulu.” Qaphela isikhundla sakhe futhi ugweme amazwi anohlalwane. Mhlawumbe ungase ukwazi ukusiza umqashi wakho abone ukuthi uma ukucindezeleka emsebenzini kungancipha kungakwenza ukhiqize ngokwengeziwe.
Kungase kushiwo okufanayo ngezinye izinkinga ezihlobene nomsebenzi, njengokushuba komoya nokungezwani nezinye izisebenzi. Bheka izindlela ezisebenzayo zokulungisa lezo zinkinga, mhlawumbe wenze nocwaningo uma kudingekile. Lo magazini uye wanyathelisa izihloko eziningana ezingase zibe usizo.a Uma isimo sibonakala singenakulungiseka, kungase kube ngcono ukucabangela ukushintsha umsebenzi.
Ukunciphisa Ingcindezi Yemali
IBhayibheli linaneseluleko esingakusiza ekubhekaneni nengcindezi yemali. UJesu Kristu wanxusa: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani.” (Mathewu 6:25) Kungenzeka kanjani lokho? Ngokuhlakulela ukumethemba uJehova uNkulunkulu ukuthi uyozinakekela izidingo zakho eziyisisekelo. (Mathewu 6:33) Isethembiso sikaNkulunkulu asiyona nje inkulumo eyize. Siqinisa izigidi zamaKristu namuhla.
Yiqiniso, udinga ‘nokuhlakanipha okusebenzayo’ uma kuziwa emalini. (IzAga 2:7; UmShumayeli 7:12) IBhayibheli liyasikhumbuza: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:7, 8) Ukufunda ukwaneliseka ngokuncane kuwukubhekana namaqiniso nokusebenzisa ukuhlakanipha. Khumbula uLeandro, owazithola esebopheke esihlalweni sabakhubazekile ngemva kwengozi. Yena nomkakhe bathatha izinyathelo zokonga imali yabo. ULeandro uyachaza: “Siyazama ukonga. Ngokwesibonelo, uma singasidingi isibani, siyasicima ukuze songe ugesi. Mayelana nemoto, siyahlela uma sizoyisebenzisa sihlanganise izindawo eziningana ukuze songe uphethiloli.”
Abazali bangasiza izingane zibe nesimo sengqondo esifanele. Indodakazi kaLeandro uCarmen uyavuma: “Ngithambekele ekuthengeni into nje lapho ngiyibona, kodwa abazali bami baye bangisiza ngaqonda ukuthi yikuphi ngempela engikudingayo nengingakudingi. Ekuqaleni kwakunzima ukulungisa isimo sami. Kodwa ngafunda ukuhlukanisa phakathi kwezinto engizidinga ngempela nezinto engizifunayo nje.”
Ukukhulumisana—Indlela Yokuqeda Ukucindezeleka
Ikhaya kufanele libe isikhoselo ekucindezelekeni, kodwa kuvame ukuba kube yilo eliwumthombo omkhulu wako. Kungani? “Imibhangqwana . . . enokungezwani okuthile, noma elwayo,” kusho incwadi ethi Survival Strategies for Couples, “ibalula ukungakhulumisani njengembangela evame kakhulu yokungezwani.”
Izimiso zeBhayibheli zingasiza imibhangqwana ukuba ithuthukise ikhono layo lokukhulumisana. IBhayibheli lithi kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma,” lithi futhi “yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!” (UmShumayeli 3:1, 7; IzAga 15:23) Ukwazi lokhu kungase kukuvimbele ukuba ungaqali indaba ethinta imizwelo lapho umngane wakho ekhathele noma ecindezelekile. Akungcono yini ukuba ulinde isikhathi esihle—lapho umngane wakho ekulungele kangcono ukulalela?
Yiqiniso, uma ube nosuku olunzima emsebenzini, kungase kungabi lula ukuzola noma ukubekezela. Kodwa yini engase yenzeke lapho sibhodla ukukhungatheka kwethu ngokukhuluma nomngane womshado ngokhahlo? IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi “izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Ngokuphambene nalokhu, “amazwi amnandi ayikhekheba lezinyosi, amnandi emphefumulweni futhi angukuphulukiswa emathanjeni.” (IzAga 16:24) Kungase kudingeke ukuzimisela kwangempela ukugcina izingxoxo emshadweni zingenako “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.” (Efesu 4:31) Kodwa izinzuzo zako zinkulu. Imibhangqwana ekhulumisanayo ingaba umthombo wokududuzana nokusekelana. “Kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha,” kusho izAga 13:10.b
Inselele Yokukhulumisana Phakathi Kwabazali Nezingane
Ukukhulumisana nezingane kuyinselele—ikakhulukazi uma isikhathi singekho. IBhayibheli likhuthaza abazali ukuba bakhulume nezingane zabo ngawo wonke amathuba, njengalapho ‘nihleli endlini nalapho nihamba endleleni.’ (Duteronomi 6:6-8) “Umuntu kumelwe awacinge amathuba okukhulumisana,” kusho uLeandro. “Lapho ngisemotweni nendodana yami, ngiyalisebenzisa lelo thuba ngixoxe nayo.”
Kuyavunywa ukuthi akubona bonke abazali abakuthola kulula ukuxoxa nezingane zabo. U-Alejandra, umama wezingane ezintathu, uyavuma: “Ngangingakwazi ukulalela. Ukungakhulumisani kwakungithukuthelisa futhi kungenze ngizizwe nginecala.” Umzali angathuthukisa kanjani? Qala ngokufunda ‘ukushesha ukuzwa.’ (Jakobe 1:19) UDkt. Bettie B. Youngs uthi: “Ukulalelisisa kuyithuluzi eliphumelela kakhulu ekunciphiseni ukucindezeleka.” Kumelwe unake indlela olalela ngayo. Yibheke ebusweni ingane yakho. Gwema ukunciphisa izinkinga zezingane zakho. Zikhuthaze ukuba ziveze imizwa yazo. Buza imibuzo efanelekayo. Zitshele ngokukhululekile ukuthi uyazithanda futhi uyazethemba ukuthi ziyokwenza okufanele. (2 Thesalonika 3:4) Thandaza nazo.
Kudinga ukuzikhandla ukuthuthukisa ikhono lokukhulumisana okwakhayo. Kodwa ukwenza kanjalo kungakusiza ukuba unciphise ukucindezeleka emkhayeni wakho. Ukukhulumisana kungakusiza ukuba ubone lapho izingane zakho zinenkinga yokucindezeleka. Ungakwazi ukuzinikeza isiqondiso esihlakaniphile uma uqonda imizwa nezimo zazo. Ekugcineni, izingane ezikhuthazwa ukuba zikhulume ngokucindezeleka kwazo ziyokugwema ukuveza imizwa yazo ngokuziphatha kabi.
Ukubambisana—Isihluthulelo Sokusingatha Imisebenzi Yasekhaya
Lapho bobabili indoda nenkosikazi besebenza, ukunakekela imisebenzi yasekhaya kungase kube omunye umthombo wokucindezeleka. Abanye omama abasebenzayo babhekana nako ngokwenza isimiso sabo sasekhaya sibe lula. Bangase baphethe ngokuthi kuyinto engenakwenzeka noma engenangqondo ukupheka izidlo eziningi. Khumbula iseluleko sikaJesu kowesifazane owayelungisa isidlo esikhulu: “Nokho, kudingeka izinto ezimbalwa, noma eyodwa kuphela.” (Luka 10:42) Ngakho yenza izinto zibe lula. Incwadi ethi The Single-Parent Family isikisela lokhu: “Pheka izitshulu nezinye izinhlobo zokudla eziphekwa ngebhodwe elilodwa ukuze unciphise umsebenzi wokuhlanza.” Yebo, ukwenza isimiso sakho sasekhaya sibe lula kunganciphisa ukucindezeleka.
Ngisho nalapho usukwenzile lokho, ungathola ukuthi ziseziningi izinto okudingeka zenziwe. Omunye umama osebenzayo uyavuma: “Lapho ngisemusha, ngangikwazi ukwenza noma yini. Manje njengoba ngikhula, kuya kuba nzima. Sengiyakhokha manje ngenxa yokuphila okumatasa ebengilokhu ngikuphila. Ngakho ukubambisana kwelungu ngalinye lomkhaya kuyisibonakaliso sokucabangelana, futhi kuyangisiza ukuba ngingabi nokucindezeleka okubi nakakhulu.” Yebo, uma wonke amalungu omkhaya ebambisana, imisebenzi yasekhaya ingenziwa ngaphandle kokuba ibe umthwalo womuntu oyedwa. Incwadi emayelana nokukhulisa izingane iyaphawula: “Ukwabela izingane imisebenzi yasekhaya kungenye yezindlela ezingcono kakhulu yokwakha . . . umuzwa wokuthi kukhona ezikufezayo. Imisebenzi yansuku zonke ithuthukisa imikhuba ewusizo nezimo zengqondo ezinhle ngomsebenzi.” Ukwenza imisebenzi yasekhaya ndawonye kungase futhi kukunike ithuba lokuba nezingane zakho.
UJulieta osemusha uthi: “Ngiyabona ukuthi umama uyajabula lapho ngimphungulela omunye umthwalo. Lokho kuyangijabulisa futhi kungenza ngizizwe ngethenjwa. Kungenza ngilazise ikhaya lami. Ukufunda indlela yokunakekela umsebenzi wasekhaya kunginike isisekelo sekusasa.” UMary Carmen ulandisa okucishe kufane: “Kusukela sisebancane, abazali bami basifundisa thina zingane ukuba sizinakekele. Lokhu kuye kwasizuzisa kakhulu.”
Izindlela Ezinempilo Zokubhekana Nokucindezeleka
Ukucindezeleka kuyingxenye yokuphila kwanamuhla; awukwazi ukukugwema. Nokho, ungafunda indlela yokubhekana nako. (Bheka ibhokisi elisekhasini 10.) Ukulandela izimiso zeBhayibheli kungasiza. Ngokwesibonelo, uma uzizwa ugajwa isimo esithile, khumbula ukuthi “kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” (IzAga 18:24) Xoxa nomngane ovuthiwe noma umngane wakho womshado. “Musa ukufela phakathi,” kusho isazi sokuhlalisana kwabantu uRonald L. Pitzer. “Thululela imizwa yakho nokukhathazeka kwakho kumuntu onengqondo ehluzekile cishe ozokuqonda futhi akukhathalele.”
IBhayibheli likhuluma ‘nangokuwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakho.’ (IzAga 11:17) Yebo, kuhle ukunakekela izidingo zakho. IBhayibheli lithi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Ukubeka eceleni isikhathi esizoba ngesakho wedwa kungakwenzela izimanga—ngisho noma kungaba imizuzu embalwa ekuseni ukuze uphunge itiye, ufunde, uthandaze noma uzindle ngokuthula.
Ukuvivinya umzimba ngokusesilinganisweni nokudla ngendlela enempilo nakho kungaba usizo. Incwadi ekhuluma ngokukhulisa izingane iyasikhumbuza: “Lapho usebenzisa esinye sesikhathi sakho esiyigugu namandla kuwe ngokwakho, empeleni, usuke ugcwalisa ibhange lakho lamandla. . . . Uma ukhipha okuthile njalo kulo kusho ukuthi kumelwe uqiniseke ukuthi kukhona okubuyiselayo futhi, ngaphandle kwalokho uzozithola usuntula ngokomzwelo, uma empeleni ungeke uzithole usuwile.”
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisiza umuntu ukuba ahlakulele izimfanelo ezidingekayo ekubhekaneni nokucindezeleka, njengokuba ‘nomoya omnene,’ ukubekezela, nomusa. (Galathiya 5:22, 23; 1 Thimothewu 6:11) Ukunezela kulokho, iBhayibheli linikeza ithemba—isithembiso sezwe elisha elizayo, lapho zonke izinto ezibangela usizi lomuntu ziyodlula khona! (IsAmbulo 21:1-4) Ngakho-ke, kunengqondo ukuhlakulela umkhuba wokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Uma ungathanda ukuthola usizo lokuqala isimiso esinjalo, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukunikeza usizo lomuntu siqu, ngesihle.
Ngalokhu asiqondile ukuthi umKristu akabhekani nokucindezeleka ekuphileni. Kodwa uJesu wathi kungenzeka ukugwema ‘ukusindwa yizinkathazo zokuphila.’ (Luka 21:34, 35) Futhi, uma uJehova uNkulunkulu usumazi njengomngane, angaba isiphephelo sakho sangempela! (IHubo 62:8) Angakusiza ukuba ubhekane nezingcindezi zokuphila.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka uchungechunge oluthi “Yini Ongayenza Uma Uphathwa Kabi Emsebenzini?” kumagazini wethu ka-May 8, 2004.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 3 encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Lapho ngisemusha, ngangikwazi ukwenza noma yini. Manje njengoba ngikhula, kuya kuba nzima. Sengiyakhokha ngokuphila okumatasa ebengilokhu ngikuphila”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]
Indlela Yokunciphisa Ukucindezeleka
◼ Phumuza umzimba wakho ngokwanele usuku ngalunye
◼ Londoloza indlela enempilo yokudla. Gwema ukudla ngokweqile
◼ Vivinya umzimba ngendlela efanele futhi ukwenze njalo, njengokuhamba usheshe
◼ Uma kukhona okukukhathazayo, xoxa ngakho nomngane wakho
◼ Yiba nesikhathi esengeziwe osijabulela nomkhaya wakho
◼ Yaba imisebenzi yasekhaya noma niyihlanganyele
◼ Kwazi ukulinganiselwa kwakho ngokomzimba nangokomzwelo
◼ Zibekele imigomo enengqondo; ungafuni ukuphelela
◼ Hleleka; yiba nesimiso esilinganiselayo, esinengqondo
◼ Hlakulela izimfanelo zobuKristu ezinjengobumnene nokubekezela
◼ Bekela eceleni isikhathi esizoba ngesakho wedwa
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuxoxa ngezinkinga ngenhlonipho nomqashi kungase kunciphise ukucindezeleka emsebenzini
[Isithombe ekhasini 8]
Abazali bangaxoxa ngezindlela zokonga imali nezingane zabo
[Isithombe ekhasini 8]
Njengomuntu osemusha, xoxa ngezinto ezikucindezelayo nothile ozokwazi ukukusiza
[Isithombe ekhasini 9]
Bonke bangasiza ngemisebenzi yasekhaya