Into Eyinkinga Ngentukuthelo
Indoda ethile eyathenga isemishi endaweni edayisa ukudla okusheshayo yacasuka lapho icabanga ukuthi isilinde isikhathi eside kakhulu. Yangena ngaphakathi kule ndawo yokudla, yasongela isisebenzi, yasibamba yasicindezela ekhawunteni yabe isisidabula ngempama. Le ndoda ecasukile yabe isithatha isemishi layo yaphuma yahamba.
SONKE siyathukuthela ngezinye izikhathi. Phela, intukuthelo iyingxenye yemizwelo yethu njengoba kunjalo ngothando, ithemba, ukukhathazeka, ukudumala nokwesaba. Intukuthelo elawulwa kahle ingavezwa ngendlela efanele futhi ifeze injongo enhle. Ngokwesibonelo, ukucasuka kungaba usizo ekwenzeni umuntu azimisele ukunqoba izithiyo noma izinkinga ezithile.
Njengoba kuboniswe endabeni engenhla, kunohlangothi lwentukuthelo olungeluhle. Abanye abantu bayashesha ukuthukuthela, bathukuthela njalo futhi bathukuthele kakhulu kunabanye. Lapho bechukuluzwa, bangase baklabalase noma balwe. Empeleni, intukuthelo yabo, ilawula bona, kuyilapho kufanele ngabe kwenzeka okuphambene. Intukuthelo enjalo engalawulwa iyingozi, futhi yingakho ngezinye izikhathi ibizwa ngokuthi “intukuthelo eyinkinga.”a
Labo abanenkinga yentukuthelo abagcini ngokuzibangela bona kuphela izinkinga kodwa nalabo ababazungezile. Kumuntu onenkinga yentukuthelo, ngisho nezinto ezincane zingabangela impi enkulu enemiphumela edabukisayo. Cabanga ngezibonelo ezilandelayo:
Indoda ethile eyayihamba neqembu labangane bayo yadutshulwa entanyeni ngemva kokuba isikhwama somngane wayo sigudle indoda ethile emgwaqweni ophithizelayo.
Ibhungu elineminyaka engu-19 lashaya umntwana wengoduso yalo onezinyanga ezingu-11 waze washona. Lalikade lidlala umdlalo we-video onobudlova labe selithukutheliswa ukuthi umntwana wathinta umshini wokudlala laphazamiseka okwabangela ukuba lehlulwe kulo mdlalo.
Imibiko efana nale emhlabeni wonke ibonisa ukuthi siyanda isibalo sabantu abanenkinga yentukuthelo. Kungani ikhula le nkinga yentukuthelo?
[Umbhalo waphansi]
a Incwajana ethi Boiling Point—Problem Anger and What We Can Do About It, ichaza “intukuthelo eyinkinga” ngokuthi “yinoma iyiphi indlela engafanele yokulawula intukuthelo evame ukubangela izinkinga eziphawulekayo ekuphileni komuntu, endleleni yakhe yokucabanga, imizwelo yakhe, ukuziphatha nasebudlelwaneni bakhe nabanye.”
[Ibhokisi ekhasini 3]
Intukuthelo iyingxenye yemizwelo yethu. Ngakho, kunezikhathi lapho kungase kufaneleke ukubonisa intukuthelo elawuliwe. Kodwa, lezi zihloko zikhuluma ngentukuthelo eyingozi, engalimaza thina nabanye ngokomzwelo, ngokwenyama nangokomoya.