Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/12 kk. 4-7
  • Kungani Kunentukuthelo Engaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunentukuthelo Engaka?
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibonelo Sabazali
  • Amadolobha Aminyene
  • Ukutsheka Kwezomnotho
  • Ukucwaswa Nokungabikho Kobulungisa
  • Imboni Yezokuzijabulisa
  • Ithonya Lomoya Ababi
  • Yilwa Nayo
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
    I-Phaphama!—1994
  • Into Eyinkinga Ngentukuthelo
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 3/12 kk. 4-7

Kungani Kunentukuthelo Engaka?

IZIMBANGELA zentukuthelo ziyinkimbinkimbi. Ngisho nososayensi bayavuma ukuthi intukuthelo ayiqondakali kahle. Kodwa, odokotela bengqondo bayavumelana ngokuthi sonke kunezinto ezithile “ezingabangela ukuba sithukuthele.”

Intukuthelo ingase ibangelwe yinto ethile ekhungathekisayo noma ecasulayo. Lokhu ngokuvamile kubangelwa ukungabikho kobulungisa. Singathukuthela uma siba nomuzwa wokuthi sibukelwa phansi, njengalapho sithukwa noma singaboniswa inhlonipho. Into esicabanga ukuthi isongela igunya noma idumela lethu ingavusa imizwa yentukuthelo.

Yiqiniso, “izinto ezivusa intukuthelo” ziya ngabantu ngabanye. Ziyahlukahluka kuye ngeminyaka nobulili babantu kanye nezizinda. Ngaphezu kwalokho, iyahluka indlela okusatshelwa ngayo kulezi zimbangela. Abanye abantu abavamile ukuthukuthela futhi bayashesha ukuyikhohlwa into ebacasulile, kuyilapho abanye becasuka kalula futhi intukuthelo yabo ingathatha izinsuku, amasonto, izinyanga noma ngaphezulu.

Indawo esizungezile inezinto ezingasenza sithukuthele. Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ziya ngokuya zisicasula nakakhulu lezi zinto. Kungani? Esinye sezizathu, isimo sengqondo sokungabi nandaba nabanye esidlangile namuhla. IBhayibheli liyachaza: ‘Ezinsukwini zokugcina abantu bayoba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abanenkani, abakhukhumele.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ingabe lokhu akusichazi ngokunembile isimo sengqondo sabantu abaningi namuhla?

Empeleni, ngokuvamile abantu abanobugovu bayathukuthela uma kungenzeki lokho abakufunayo. Kunezizathu eziningi zokuthi kungani intukuthelo iyinkinga edlondlobalayo. Ake ucabangele ezinye zazo.

Isibonelo Sabazali

Abazali banethonya elikhulu enganeni lokuthi izoba nobuntu obunjani kusukela ebuntwaneni kuya enkathini yokuthomba. Isazi sokusebenza kwengqondo uHarry L. Mills siyachaza: “Kusukela besebancane, abantu bafunda ukuveza intukuthelo ngokulingisa eyabantu ababazungezile.”

Uma ingane ikhulele endaweni enobutha—indawo enabantu abavele bathukutheliswe yizinto eziwubala—empeleni, isuke iqeqeshwa ukuba isebenzise intukuthelo ekubhekaneni nezinkinga zokuphila. Isimo sengane ungasifanisa nesihlahla ebesilokhu simunca amanzi angcolile. Singakhula, kodwa hhayi ngendlela efanele, futhi mhlawumbe singalimala unomphela. Ngokufanayo, intukuthelo ifana namanzi angcolile, futhi abantwana abakhula ngaphansi kwayo cishe bayoba abantu abadala abanenkinga yentukuthelo.

Amadolobha Aminyene

Ngo-1800, cishe amaphesenti amathathu kuphela abantu emhlabeni ayehlala ezindaweni ezisemadolobheni. Ngo-2008, leso sibalo senyuka saba ngamaphesenti angu-50, futhi ngo-2050, kuthiwa siyobe sesingamaphesenti angu-70. Njengoba abantu benqwabelana emadolobheni aminyene, amazinga entukuthelo nokukhungatheka cishe nawo azokhuphuka. Ngokwesibonelo, iMexico City ingelinye lamadolobha amakhulu naminyene kakhulu emhlabeni. Ukuminyana kwezimoto kuyimbangela enkulu yokukhathazeka. Njengoba iyikhaya labantu abangaba izigidi ezingu-18 nezimoto eziyizigidi eziyisithupha, enye intatheli ithi iMexico City “kungenzeka iyinhloko-dolobha enokucindezeleka okukhulu kunawo wonke. Kukhulu ukuminyana kwezimoto, okubangela ukuqhuma kwentukuthelo.”

Amadolobha aminyene aletha ezinye izimbangela zokucindezeleka, okuhlanganisa umoya ongcolile nomsindo, ukusweleka kwezindawo zokuhlala, izizinda ezingqubuzanayo nokwanda kobugebengu. Njengoba izimbangela zokucindezeleka zanda, abantu bavama ukukhungatheka, ukuthukuthela futhi basheshe ukuphelelwa isineke.

Ukutsheka Kwezomnotho

Ukuwa kwezomnotho emhlabeni kubangele ukwanda kokucindezeleka nokukhathazeka. Umbiko ohlanganyelwe wango-2010 we-International Monetary Fund ne-International Labor Organization (ILO) yeZizwe Ezihlangene uthi: “Kulinganiselwa ukuthi abantu abayizigidi ezingaphezu kuka-210 emhlabeni jikelele abasebenzi.” Ngokudabukisayo, iningi lalabo abadilizwa emsebenzini abanayo imali eyanele yokuziphilisa.

Nakulabo abasebenzayo kunzima. Ngokwe-ILO, ukucindezeleka okuhlobene nomsebenzi “kuyinkinga yomhlaba wonke.” ULorne Curtis, uchwepheshe kwezokuphathwa kwabantu e-Ontario, eCanada uthi: “Abantu bayesaba ukuthi bangalahlekelwa umsebenzi noma nini, ngakho kuyabakhathaza lokhu,” wanezela nokuthi ngenxa yalokho, “abantu bayazivikela futhi bathambekele nasekuxabaneni nalabo ababaphethe noma abasebenza nabo.”

Ukucwaswa Nokungabikho Kobulungisa

Cabanga nje ukuthi ubungazizwa kanjani uma ungenele umncintiswano wabasubathi bese uthola ukuthi nguwe wedwa okufanele uwugijime uboshwe izinyawo ngeketanga. Izigidi zabantu zizizwa ngaleyo ndlela lapho zibhekene nokucwaswa ngokwebala noma olunye uhlobo lokubandlululwa. Abantu bayathukuthela uma bebhekana nezithiyo ezenza kungabi lula ngabo ukuthola imisebenzi, imfundo, indawo yokuhlala nezinye izinto eziyizidingo.

Ezinye izinhlobo zokungabi nabulungisa nazo zingaphula umoya womuntu futhi zibangele ubuhlungu obukhulu ngokomzwelo. Ngokudabukisayo, iningi lethu selake laluzwa udosi lokungabikho kobulungisa. Eminyakeni engaphezu kweyizinkulungwane ezintathu edlule, inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Bheka! izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi.” (UmShumayeli 4:1) Lapho ukungabikho kobulungisa kuyinsakavukela futhi nenduduzo iyivela kancane, intukuthelo ingagcwala kalula enhliziyweni yomuntu.

Imboni Yezokuzijabulisa

Kuye kwenziwa ucwaningo olungaphezu kwenkulungwane ukuze kubonwe ithonya lethelevishini neminye imithombo yobudlova ezinganeni. UJames P. Steyer, umsunguli wenhlangano ebizwa ngokuthi i-Common Sense Media, uthi: “Isizukulwane ebesichayeke ngokuphindaphindiwe ebudloveni obukhulu, sikhula sibheka ubudlova njengento eyamukelekayo, sithambekele ekubeni nonya futhi asinalo uzwela.”

Kuyiqiniso ukuthi intsha eningi ehlale ichayeke ezenzweni zobudlova kuyithelevishini, ayibi yizigebengu ezinesihluku lapho isikhulile. Kodwa, imithombo yezokuzijabulisa ngokuvamile iveza intukuthelo enobudlova njengendlela eyamukelekayo yokubhekana nezinkinga, futhi ngenxa yalokho sekuvele isizukulwane esisha sabantu abangenandaba nobudlova.

Ithonya Lomoya Ababi

IBhayibheli lembula ukuthi amandla angabonakali ayimbangela enkulu yentukuthelo eyingozi ekhona namuhla. Kanjani? Ekuqaleni komlando wesintu, isidalwa somoya savukela uNkulunkulu uMninimandla Onke. Lesi sidalwa esibi sibizwa ngokuthi uSathane, ngesiHebheru okusho ukuthi “uMphikisi,” noma “Isitha.” (Genesise 3:1-13) Kamuva, uSathane wafaka umoya kwezinye izingelosi ukuze zihlanganyele naye ekuvukeleni.

Lezo zingelosi ezingalaleli, ezaziwa ngokuthi amademoni noma omoya ababi, zisemhlabeni. (IsAmbulo 12:9, 10, 12) Ngaphezu kwalokho, ‘zinolaka olukhulu,’ ngoba ziyazi ukuthi zisalelwe isikhathi esifushane. Ngakho nakuba singenakubabona labo moya ababi, siyayizwa imiphumela yemisebenzi yabo. Kanjani?

USathane nequlu lakhe lamademoni basizakala ngokungapheleli kwethu ngokusilinga ukuba sibe ‘nobutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, ukuxokozela, nezinto ezinjengalezi.’—Galathiya 5:19-21.

Yilwa Nayo

Ngempela, uma sicabanga ngazo zonke lezi zinkinga, izingcindezi nezinkathazo, siyaqonda ukuthi kungani abantu bekhungatheka njengoba bezama ukuhlela imithwalo yabo yansuku zonke.

Ukuthambekela entukuthelweni nasekukhipheni ulaka kungaba namandla kakhulu! Isihloko esilandelayo sizosisiza sibone indlela esingalawula ngayo intukuthelo yethu.

[Ibhokisi ekhasini 5]

KUNGENZEKA UNENKINGA ENKULU UMA . . . 

▶ Kukuthukuthelisa ukuma emgqeni esitolo.

▶ Uxabana njalo nosebenza nabo.

▶ Ngezinye izikhathi uqwasha ngenxa yokuthukutheliswa izinto ezikucasule phakathi nosuku.

▶ Kunzima ngawe ukuxolela labo abakucasulile.

▶ Uvame ukwehluleka ukulawula imizwelo yakho.

▶ Iziqubu zentukuthelo zivame ukuhambisana namahloni noma ukuzisola.a

[Umbhalo waphansi]

a Lokhu kusekelwe ekwazisweni okusengosini ethi MentalHelp.net.

[Ibhokisi ekhasini 6]

IZIBALO EZIPHATHELENE NENTUKUTHELO

I-Mental Health Foundation yaseLondon, eNgilandi, yanyathelisa umbiko onesihloko esithi Boiling Point—Problem Anger and What We Can Do About It. Izinto eziyinhloko ezatholwa futhi ezazikulo mbiko zihlanganisa izibalo ezilandelayo:

84% bazizwa becindezeleke kakhulu manje emsebenzini kunaseminyakeni eyisihlanu edlule.

65% wabasebenza emahhovisi sebeke babhekana nentukuthelo yasemahhovisi.

45% wabantu abasebenzayo uvame ukuvukwa ulaka emsebenzini.

Amaphesenti angaba ngu-60 abo bonke abantu abalovayo emsebenzini abangelwa ukucindezeleka.

33% wabantu baseBrithani abakhulumisani nomakhelwane babo.

64% uyavuma impela noma uyavuma nje ukuthi abantu ngokuvamile manje sebevame ukuthukuthela.

32% bathi banomngane noma isihlobo esinenkinga yokulawula intukuthelo.

[Isithombe ekhasini 5]

Ukuqhuma kwentukuthelo kungazithinta kanjani izingane zakho?

[Isithombe ekhasini 6]

Ingabe imboni yezokuzijabulisa iyayithonya indlela obheka ngayo intukuthelo nobudlova?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela