Isifundo 27
Ukuqokomisa Isihloko Namaphuzu Amakhulu
1-4. Chaza ukuthi yini eshiwoyo ngesihloko senkulumo.
1 Zonke izinkulumo zidinga isihloko ukuze zinikelwe indlela nokuhlanganisa zonke izingxenye ngendlela ejabulisayo. Kungakhathaleki ukuthi isihloko sakho singahle sithini, simelwe sibe-kuyo yonke inkulumo. Siyindikimba yenkulumo yakho; besingashiwo mhlawumbe ngomusho owodwa kanti besiyohlanganisa nomunye nomunye umbono wendaba enikezwayo. Isihloko sifanele sibe-sobala kuzo zonke izilaleli, futhi siyokuba-njalo uma sigcizelelwe ngokufanele.
2 Isihloko senkulumo asiyona nje indaba ebanzi, njengo“kukholwa”; wumbono othile okuxoxwa ngawo leyondaba. Ngokwesibonelo, isihloko besingahle sibe “Ukukholwa Kwakho—Kufinyelela Kuphi Na?” Noma besingaba “Ukukholwa Okudingekayo Ukujabulisa uNkulunkulu” noma “Isisekelo Sokukholwa Kwakho” noma “Khulani Njalo Ekukholweni.” Nakuba zonke lezizihloko zinomongo ekukholweni, zonke zibheka indaba ngendlela eyahlukile futhi zidinga ukuthuthukiswa ngezindlela ezahlukile ngokuphelele.
3 Ngezinye izikhathi kungahle kudingeke ukuthi uhlanganise indaba ngaphambi kokukhetha isihloko. Kepha isihloko simelwe simiswe ngokukhanyayo ngaphambi kokuba ilungiselelo liqalwe ohlakeni lwenkulumo noma ngaphambi kokukhethwa kwamaphuzu amakhulu. Ngokwesibonelo, ngemuva kwesinye nesinye isifundo sasekhaya seBhayibheli ungahle ufise ukuxoxa ngenhlangano yofakazi bakaJehova. Leyo yindaba ebanzi. Ukunquma lokho oyokusho ngalendaba, umelwe ucabangele izilaleli zakho nenjongo yenkulumo yakho. Ngalesisisekelo uyokhetha isihloko. Uma bewuzama ukuqalisa umuntu omusha enkonzweni, ubungahle unqume ukubonisa ukuthi ofakazi bakaJehova balingisa uJesu Kristu ngokushumayela indlu ngendlu. Leso bekuyokuba-yisihloko sakho. Konke okushoyo bekuyokuba-wukuthuthukisa lowombono wendaba ebanzi, ofakazi bakaJehova.
4 Ungasigcizelela kanjani isihloko enkulumweni yakho na? Okokuqala, umelwe ukhethe isihloko esifanele, esifanele injongo yakho. Lokhu kubizela ukulungiselela ngaphambili. Uma isihloko sesikhethiwe nenkulumo yakho ithuthukiswe ngazo zonke izinhlangothi zaso, cishe siyogcizelelwa ngokuzenzekelayo uma ukhuluma ngohlaka lwenkulumo olulungiselele. Nokho, ekunikezeni kwangempela, ukuphindaphinda amazwi ayisihluthulelo noma umqondo omkhulu esihlokweni ngezinye izikhathi kuyoqinisekisa masinyane kakhulu ukukhanyiswa kwesihloko.
5, 6. Unganquma kanjani noma isihloko sifanele na?
5 Isihloko esifanele. Esikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini kuvame ukungabi-yinkinga ukuba-nesihloko esifanele, ngokuba kaningi uyanikezwa esinye. Kepha akunakuba-njalo ngazo zonke izinkulumo ocelwa ukuzinikeza. Njalo kuhlakaniphile ukusicabangelisisa isihloko.
6 Yini enquma noma isihloko sifanele na? Izinto eziningana. Umelwe ucabangele izilaleli zakho, injongo yakho, nendaba owabelwe ukuyihlanganisa, uma kunjalo. Uma ufumana ukuthi unikeza izinkulumo okungagcizelelwa-sihloko kuzo, kungenzeka ukuba awuyakhi ngempela inkulumo yakho ngakunoma yimuphi umqondo omkhulu. Kungenzeka ukuba uhlanganisa enkulumweni amaphuzu amaningi kakhulu anganikeli ngempela esihlokweni.
7, 8. Bonisa izindlela umuntu angaqokomisa ngazo isihloko.
7 Amazwi esihloko noma umqondo uphindaphindiwe. Enye indlela zonke izingxenye zenkulumo ezingenziwa ngayo ukuqokomisa isihloko wukuphindaphinda amazwi ayisihluthulelo ashiwo esihlokweni noma ukuphindaphinda umqondo omkhulu wesihloko. Emculweni, isihloko yindlela eholayo ephindaphindwa kaningi ngokwanele ukuphawula yonke ingoma. Eqinisweni, ngokuvamile izilinganiso zezikhathi ezimbalwa nje zanele ukwenza inani libonakale. Indlela eholayo ayibuyi ibonakale ngaso sonke isikhathi ngesimo esifanayo. Ngezinye izikhathi wumshwana owodwa noma emibili wendlela eholayo ovelayo, ngezinye izikhathi ukwahlukahluka esihlokweni kuyasetshenziswa, kepha, ngenye indlela, umqambi ungenisa abuye ayikhiphe indlela yakhe eholayo engomeni ngekhono ize ingene kuyo yonke futhi iyiphawule.
8 Kufanele kube-njalo ngesihloko senkulumo. Amazwi ayisihluthulelo noma umqondo wesihloko uphindaphindiwe unjengendlela eholayo ephindekayo yengoma. Amazwi asho okufanayo alamazwi noma umqondo omkhulu wesihloko ashiwo ngokunye asebenza njengokwahlukahluka esihlokweni. Indlela enjalo isetshenziswe ngokuqapha okwanele ukungabi-nesidina iyobangela isihloko sendaba ukuba-wumusho oluphawu lwayo yonke inkulumo futhi izilaleli zakho ziyohamba nomcabango omkhulu.
**********
9-13. Chaza lokho amaphuzu amakhulu ayikho enkulumweni. Fanekisa.
9 Ngemuva kokunquma isihloko senkulumo yakho, isinyathelo esilandelayo ekulungiseleleni wukukhetha amaphuzu amakhulu oceba ukuwasebenzisa ekuyithuthukiseni. Epheshaneni lakho Leseluleko Senkulumo lokhu kufakwe ohidini njengokuthi “Amaphuzu amakhulu enziwe aqhama.”
10 Ayini amaphuzu amakhulu enkulumweni na? Awayona imiqondo ethakazelisayo nje noma amaphuzu ashiwo kafushane kudlulwa. Ayizingxenye ezinkulu zenkulumo, imiqondo ethuthukiswa ibanga elithile. Anjengezithikithana zamashalofu noma izimpawu ezitolo zezinhlobo zokudla ezisiza umuntu ukubona ukuthi ingxenye yamashalofu inani, zibusa nalokho okungahle kuhlanganiswe kuleyongxenye nokuthi yini emelwe ishiywe. Ngaphansi kwesithikithana IZINHLAMVU ZOKUSATSHANI, ojamu nojeli bebeyokuba-seceleni futhi badide kuphela abantu. Ngaphansi kophawu IKHOFI NETIYE, irayisi beyingenakuba-ngeyakhona. Uma izithikithana zamashalofu zisithela ngenxa yokuminyana nokulayisha ngokwedlulisa, ngalokho kunzima ukufumana noma yini. Kepha uma izimpawu zihlala zibonakala ngokukhanyayo, umuntu angabona masinyane lokho okuphambi kwakhe. Kunjalo nangamaphuzu amakhulu enkulumo yakho. Uma engaqondwa futhi akhunjulwe, izilaleli zakho ziyodinga okulotshiweyo okumbalwa kakhulu ukukulandela kuya esiphethweni sakho.
11 Esinye isisusa. Ukukhethwa nokusetshenziswa kwamaphuzu amakhulu kuyokwahluka ngokwezilaleli nenjongo yenkulumo. Ngenxa yalokho, umbonisi wesikole ufanele alinganise ukukhetha komfundi amaphuzu amakhulu ngesisekelo sokusetshenziswa kwawo ngumfundi, hayi ngokukhethwa kwamaphuzu ngokuhlofuza okungahle ukuba kwenziwe ngaphambili ngumeluleki.
12 Ekukhetheni kwakho khetha okubalulekile kuphela. Njalo, buza, yini eyenza iphuzu libaluleke na? Libalulekile uma ungenakuyifeza injongo yenkulumo yakho ngaphandle kwalo. Ngokwesibonelo, engxoxweni yesihlengo nomuntu ongayazi lemfundiso, kubalulekile ukumisa ubuntu bukaJesu emhlabeni, uma kungenjalo bekungenakwenzeka ukubonakalisa imfanelo ehambelanayo yomhlatshelo wakhe. Ngakho-ke ubuyocabangela leli ukuba ngelinye lamaphuzu amakhulu engxoxo. Kepha uma wawusubonakalisile kulomuntu ukuthi uZiqu-zintathu kwakuwumqondo odukile, ngakho-ke ingxoxo yakho ngesikhundla uJesu asithatha njengomuntu ibingahle ibe-ngokwelekayo kuphela ngenxa yokuba seyamukelwe. Nangenxa yalokhu bekuyokuba-lula kakhudlwana-ke ukumisa usizo oluhambelanayo lwesihlengo sikaJesu. Lapho ukucatshangelwa kobuntu bukaJesu bekungenakuba-ngokubalulekile.
13 Njalo zibuze, Yini izilaleli zami eseziyazi na? Yini engimelwe ngiyimise ukufeza injongo yami na? Uma uyazi impendulo yombuzo wokuqala, ungaphendula owesibili ngokuhlanganisa indaba yakho, ubekela eceleni okwesikhashana zonke izindaba ezaziwayo nokwahlukanisa ngezinhlobo onke amaphuzu asele angene emaqenjini ambalwa ngangokunokwenzeka. Lamaqembu abayizimpawu zakho zokubona ukuthi yikuphi ukudla okungokomoya okunikeza izilaleli. Lezizithikithana noma amaphuzu amakhulu awamelwe ambozeke noma acashe nanini. Ngamaphuzu akho amakhulu, amelwe aqhame.
14-17. Nikeza izizathu zokuthi kungani singafanele sibe-namaphuzu amakhulu amaningi kakhulu.
14 Awamaningi kakhulu amaphuzu amakhulu. Kukhona okumbalwa kuphela okubalulekile kunoma iyiphi indaba. Kaningi kungabalwa ngesandla esisodwa. Lokhu kuyiqiniso kungakhathaleki isikhathi onaso sokukunikeza. Musa ukuwela ogibeni lokuzama ukwenza amaphuzu amaningi kakhulu aqhame. Lapho isitolo sezinhlobo zokudla siba-sikhulu kakhulu futhi kukhona izinhlobo eziningi kakhulu, umuntu kungahle kudingeke ukuba acele ukuqondiswa. Izilaleli zakho zingaqonda ngokufanele inani elithile kuphela lemiqondo eyahlukene emhlanganweni owodwa. Futhi lapho inkulumo yakho iyinde kakhulu, yilapho imelwe yenziwe ibelula kakhulu futhi yilapho amaphuzu akho ayisihluthulelo amelwe abe-namandla kakhulu futhi achazwe ngokuqhame kakhulu. Njalo musa ukuzama ukwenza izilaleli zakho zikhumbule izinto eziningi. Khetha lawomaphuzu ocabanga ukuthi zimelwe ngempela zihambe nawo bese uchitha sonke isikhathi sakho uxoxa ngalawa.
15 Yini enqumayo noma kukhona amaphuzu amaningi kakhulu noma qha na? Kushiwo kalula, uma noma yimuphi umqondo ubungashiywa nenjongo yenkulumo iselokhu inokufezwa, lelophuzu akulona iphuzu eliyisihluthulelo. Ukuphetha inkulumo ungahle unqume ukuhlanganisa leliphuzu njengokuhlanganisayo noma isikhumbuzo, kepha alifanele liqhame ngokusobala njengalawo abengakwazi ukushiywa.
16 Enye into, umelwe ube-nesikhathi esanele sokuthuthukisa elinye nelinye iphuzu ngokuphumelelayo, nangokunqamulayo juqu. Uma kumelwe kushiwo okuningi ngesikhashana, yenza izindaba ezaziwayo yizilaleli zibe-sebuncaneni bokugcina. Khipha konke ngaphandle kwezisusa ezingaziwa futhi uzikhanyise kangangoba kuyokuba-nzima ngezilaleli ukuzikhohlwa.
17 Okokugcina, inkulumo yakho imelwe idle ngobulula. Lokhu akuxhomekanga ngaso sonke isikhathi enanini lendaba enikelwayo. Kungahle nje kube-yindlela amaphuzu akho ahlanganiswa ngayo ngamaqembu. Ngokwesibonelo, uma ubumelwe ungene esitolo lapho zonke izinto zinqwabelene ndawonye phakathi naphakathi phansi, beziyobukeka ziminyene futhi zidida kakhulu. Ubuyoba-nobunzima ekutholeni noma yini. Kepha, lapho zonke izinto zihlelwe ngokufanele ngesu nazo zonke izinto ezihambelanayo zihlanganiswe ndawonye ngamaqembu futhi ziphawulwe ngophawu lwengxenye, umphumela uyajabulisa ngempela nanoma iyiphi into ingafunyanwa kalula. Yenza inkulumo yakho ibe-lula ngokuhlanganisa imicabango yakho ngamaqembu ngaphansi kwembalwa nje imiqondo emikhulu.
18. Amaphuzu amakhulu afanele athuthukiswe kanjani na?
18 Imiqondo emikhulu ithuthukiswe ngokwahlukana. Omunye nomunye umcabango omkhulu umelwe uzimele. Omunye nomunye umelwe uthuthukiswe ngokwahlukile. Lokhu akuvimbeli imbuyisamazwi emfushane noma ukubuyekezwa kwezihloko ezinkulu esethulweni noma esiphethweni senkulumo yakho. Kepha emzimbeni wenkulumo ufanele ukhulume ngomqondo owodwa kuphela ngesikhathi, uvumela kuphela ukweqa noma ukubuyelʼemuva okunjengokungahle kudingeke ngezihlanganiso noma ukugcizelela. Ukufunda ukwenza uhlaka lwenkulumo lwezihloko kuyosiza kakhulu ekunqumeni noma amaphuzu amakhulu athuthukiswa ngokwahlukile.
19-21. Amaphuzwana afanele asetshenziswe kanjani na?
19 Amaphuzwana akhomba emiqondweni emikhulu. Amaphuzu obufakazi, imibhalo, noma enye indaba enikezwayo ifanele ikhombe emqondweni omkhulu futhi iwukhulise.
20 Ekulungiseleleni, hlaziya onke amaphuzu angaphansi bese ugcina lokho okunikeza ngokuqondile kulelophuzu elikhulu kuphela, noma ukulikhanyisa, ukulibonakalisa noma ukulikhulisa iphuzu. Noma yini engavumelani ifanele ikhishwe. Iyodida kuphela indaba.
21 Noma yiliphi iphuzu elivumelana nomqondo omkhulu lifanele lihlanganiswe ngokuqondile nalowomcabango ngalokho okushoyo. Musa ukuliyekelela ekusetshenzisweni yizilaleli. Khanyisa ukuhlangana. Yisho lokhokuhlangana. Okungakhulunywa akunakuqondakala ngokuvamile. Lokhu kungafezwa ngokuphindaphinda amazwi ayisihluthulelo aveza umcabango omkhulu noma ngokuphindaphinda umqondo wephuzu elikhulu ngezinye izikhathi. Lapho ufunda kahle ubuciko bokuqondisa onke amaphuzwana akho emaphuzwini amakhulu enkulumo, nokubophelela elinye nelinye iphuzu elikhulu esihlokweni, izinkulumo zakho ziyoba-nobulula obujabulisayo obuyozenza zibe-lula ukuzinikeza nokuba-nzima ukuzikhohlwa.