ISIFUNDO 36
Isihloko Sikhanyisiwe
IZIKHULUMI ezingomakadebona ziyakwazi ukubaluleka kokuba nesihloko. Lapho zilungiselela inkulumo, isihloko sizisiza ukuba zigxile ephuzwini elithile lendaba futhi zicabangisise ngalo. Umphumela uba ukuthi esikhundleni sokuthinta amaphuzu amaningi bese ziyadlula, zikhanyisa inkulumo yazo ngendlela eyozuzisa izilaleli. Uma iphuzu ngalinye eliyinhloko lihlangana nesihloko futhi lisiza ekusikhanyiseni, izilaleli ziyasizakala ziwakhumbule lawo maphuzu futhi zibone ukubaluleka kwawo.
Nakuba kungase kuthiwe isihloko sakho siyingxoxo okhuluma ngayo, uyothola ukuthi izinga lezinkulumo zakho liyothuthuka uma ubheka isihloko sakho njengesiyinkomba yokuthi indaba yakho uyiqhamukela ngakuphi. UMbuso, iBhayibheli novuko yizindaba ezibanzi. Kungakhiwa izihloko eziningi ngalezi zindaba. Nazi ezinye izibonelo: “UMbuso, UHulumeni Wangempela,” “UMbuso KaNkulunkulu Uyokwenza Umhlaba Ube YiPharadesi,” “IBhayibheli Liphefumulelwe UNkulunkulu,” “IBhayibheli Liyisiqondiso Esisebenzayo Osukwini Lwethu,” “Uvuko Lunikeza Ithemba Kwabalilayo,” nesithi “Ithemba Lovuko Lisisiza Ukuba Sihlale Siqinile Lapho Sibhekene Nokushushiswa.” Zonke lezi zihloko zidinga ukukhanyiswa ngezindlela ezingafani.
Ngokuvumelana nesihloko esivelele seBhayibheli, ukushumayela kukaJesu Kristu phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, kwaqokomisa lesi sihloko: “Umbuso wamazulu ususondele.” (Math. 4:17) Sachazwa kanjani leso sihloko? Kukhulunywa ngoMbuso izikhathi ezingaphezu kwezingu-110 kuwo womane amaVangeli. Kodwa uJesu wenza okungaphezu nje kokusebenzisa igama elithi “umbuso” ngokuphindaphindiwe. Ngalokho akufundisa nangezimangaliso azenza, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi yena wayeyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya, lowo uJehova ayeyomnika uMbuso. UJesu wabonisa futhi ukuthi ngaye, indlela yayivulekele nabanye ukuba bahlanganyele kulowo Mbuso. Washo nezimfanelo okumelwe ziboniswe yilabo ababeyonikwa lelo lungelo. Ngezimfundiso zakhe nemisebenzi yamandla ayenza, wachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyosho ukuthini ekuphileni kwabantu, futhi wathi ukukhipha kwakhe amademoni ngomoya ongcwele kaNkulunkulu kwakuwubufakazi bokuthi ‘umbuso kaNkulunkulu ngempela usuzificile’ izilaleli zakhe. (Luka 11:20) UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba bafakaze ngalowo Mbuso.—Math. 10:7; 24:14.
Ukusebenzisa Isihloko Esifanele. Akulindelekile ukuba uchaze wenabe ngesihloko ngendlela iBhayibheli elenza ngayo, kodwa ukuba nesihloko esifanele kubalulekile.
Uma uzikhethela isihloko, cabangela kuqala injongo yenkulumo yakho. Khona-ke njengoba ukhetha amaphuzu ayinhloko azokwakha uhlaka lwakho, qiniseka ukuthi asisekela ngempela isihloko osikhethile.
Uma isihloko usabelwe, sihlaziye uthole ukuthi sifuna uyithuthukise kanjani indaba yakho. Kungase kudingeke umzamo ukuze kubonakale ukubaluleka kwesihloko nenzuzo esingase sibe nayo. Uma uzokhetha amaphuzu oyowasebenzisa esihlokweni sakho, wakhethe kahle ukuze isihloko singagqibeki. Ngakolunye uhlangothi, uma uyinikeziwe indaba, kusayodingeka uhlaziye ukuthi uyoyivumelanisa kanjani nesihloko. Kudingeka futhi ucabangele ukuthi kungani leyo ndaba ibalulekile ezilalelini zakho nokuthi kumelwe ube yini umgomo wakho njengoba uyinikeza. Lokhu kuyokusiza uthole ukuthi yini okumelwe uyigcizelele enkulumweni yakho.
Indlela Yokugcizelela Isihloko. Ukuze usigcizelele kahle isihloko, kumelwe ubeke isisekelo lapho ukhetha futhi uhlela indaba yakho. Uma usebenzisa kuphela lokho okusekela isihloko sakho futhi ulandela izimiso ezihilelekile ekulungiseleleni kahle uhlaka, cishe isihloko siyovele sigcizeleleke ngokuzenzekelayo.
Ukuphindaphinda kungasiza ekugcizeleleni isihloko. Emculweni, isihloko siwumusho ophindwa kaningana ukuze kuzwakale ukuthi ikhuluma ngani ingoma. Lo musho awuveli ngendlela efanayo njalo. Ngezinye izikhathi kuvela umushwana noma emibili, ngezinye izikhathi isihloko sithi ukushintshwa, kodwa ngandlela-thile umqambi wengoma ngobuciko ulokhu ewufaka nje lo musho ugcine usuzwakala kuyo yonke ingoma. Kufanele kube njalo nangesihloko senkulumo. Ukuphindaphinda amagama ayisihluthulelo esihlokweni kufana nezosha zengoma ezilokhu zivelavela. Amagama amqondo-fana nalawo asesihlokweni noma isihloko esibekwe ngenye indlela kwenza isihloko sithi ukuhlukahluka. Ukusebenzisa lezi zindlela kuyokwenza isihloko sibe iphuzu eliyinhloko izilaleli zakho eziyolikhumbula.
Lezi zimiso azisebenzi nje kuphela ezinkulumweni ezibekwa endaweni yesikhulumi, kodwa nasezingxoxweni enkonzweni yasensimini. Ingxoxo emfushane ingakhumbuleka kalula uma isihloko siqhamile. Ukufundisa okwenziwa esifundweni seBhayibheli kuyosheshe kukhumbuleke uma isihloko siye sagcizelelwa. Umzamo owenzayo wokukhetha nokuthuthukisa izihloko ezifanelekayo uyosiza kakhulu ekuphumeleleni kwakho njengesikhulumi nomfundisi weZwi likaNkulunkulu.