Ukulungiselela Izinkulumo Zeningi
ISONTO ngalinye, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova aba nenkulumo yeningi enesihloko esingokomBhalo. Uma ungumdala noma inceku ekhonzayo, ingabe uyabunikeza ubufakazi bokuba isikhulumi saseningini esiphumelelayo, umfundisi? Uma kunjalo, ungase ucelwe ukuba unikeze inkulumo yeningi. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini sesisize amashumi ezinkulungwane zabazalwane ukuba zifanelekele leli lungelo lenkonzo. Uma wabelwa inkulumo yeningi, kumelwe uqalephi?
Tadisha Uhlaka
Ngaphambi kokucwaninga, funda uhlaka futhi uzindle ngalo uze uthole umqondo walo. Gxilisa isihloko senkulumo engqondweni. Yini okumelwe uyifundise izilaleli zakho? Uyini umgomo wakho?
Zazi kahle izihlokwana zenkulumo. Wahlaziye lawo maphuzu ayinhloko. Ngalinye lihlangana kanjani nesihloko? Ngaphansi kwephuzu ngalinye eliyinhloko, kunamaphuzu amaningi asekelayo. Kanti ngaphansi kwawo kunamanye futhi asekela wona. Cabangela ukuthi ingxenye ngayinye yohlaka iyithuthukisa kanjani engaphambi kwayo, ukuthi iholela kanjani kwelandelayo nokuthi isiza kanjani ekufezeni injongo yenkulumo. Lapho nje usuwuqonda umongo, injongo yenkulumo, nokuthi amaphuzu ayinhloko ayifeza kanjani leyo njongo, khona-ke usukulungele ukuqala ukulungiselela inkulumo yakho.
Ekuqaleni, ungase ukuthole kuwusizo ukucabanga ngenkulumo yakho njengeyizinkulumo ezine noma ezinhlanu ezimfushane, ngayinye enephuzu layo eliyinhloko. Lungiselela elilodwa ngesikhathi.
Uhlaka olunikeziwe luyithuluzi lokulungiselela. Akufanele la maphuzu afundwe njengoba enjalo lapho unikeza inkulumo. Lufana nohlaka lwamathambo. Kuzodingeka ulufake inyama, uma singakubeka kanjalo, ulunike nenhliziyo futhi uphefumulele ukuphila kulo.
Ukusetshenziswa KwemiBhalo
UJesu Kristu nabafundi bakhe bakhela ukufundisa kwabo emiBhalweni. (Luka 4:16-21; 24:27; IzE. 17:2, 3) Nawe ungenza okufanayo. ImiBhalo kumelwe ibe isisekelo senkulumo yakho. Kunokumane nje uchaze futhi ubonise ukuthi okushiwo ohlakeni kusebenza kanjani, qonda ukuthi imiBhalo ikusekela kanjani lokho okushiwoyo, bese ufundisa ususela emiBhalweni.
Njengoba ulungiselela inkulumo yakho, hlola ivesi ngalinye elisohlakeni. Phawula umongo. Eminye imibhalo imane inikeze ukwaziswa okuwusizo okunikeza isizinda sendaba. Akuyona yonke edinga ukufundwa noma ukukhulunyelwa lapho usunikeza inkulumo. Khetha leyo eyoba usizo ezilalelini zakho. Uma unamathela emibhalweni esohlakeni, kungase kungadingeki ngempela ukuba usebenzise imiBhalo eyengeziwe.
Impumelelo yenkulumo yakho ayincikile ebuningini bemibhalo oyisebenzisayo kodwa endleleni enhle ofundisa ngayo. Lapho wethula imibhalo, bonisa ukuthi ifundelwani. Zinike isikhathi sokuchaza ukuthi isebenza kanjani. Ngemva kokufunda umbhalo, gcina iBhayibheli lakho livulekile njengoba uxoxa ngalowo mbhalo. Izilaleli zakho nazo cishe ziyokwenza okufanayo. Ungasivusa kanjani isithakazelo sezilaleli zakho futhi uzisize zizuze ngokwengeziwe eZwini likaNkulunkulu? (Neh. 8:8, 12) Lokho ungakwenza ngokuchaza, ngokwenza imifanekiso nangokubonisa ukuthi imibhalo isebenza kanjani.
Ukuchaza. Lapho ulungiselela ukuchaza umbhalo oyinhloko, zibuze: ‘Usho ukuthini? Kungani ngiwusebenzisa enkulumweni yami? Yini okungenzeka ukuthi izilaleli zizibuza yona ngaleli vesi?’ Kungase kudingeke uhlaziye umongo, isizinda, izimo, amandla amagama asetshenzisiwe, injongo yomlobi ophefumulelwe. Lokhu kudinga ukucwaninga. Uyothola ukwaziswa okuningi okuyigugu ezincwadini ezilungiselelwa ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Ungazami ukuchaza konke okushiwo yivesi, kodwa chaza ukuthi kungani uthé izilaleli azilifunde ngokuqondene nephuzu okuxoxwa ngalo.
Imifanekiso. Injongo yemifanekiso iwukusiza izilaleli zakho ukuba zifinyelele ezingeni elijulile lokuqonda noma ukuzisiza zikhumbule iphuzu noma isimiso okhulume ngaso. Imifanekiso isiza abantu bakuqonde lokho obatshela kona futhi bakuhlobanise nokuthile asebekwazi kakade. Yilokho uJesu akwenza lapho enikeza iNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni. Izinkulumo ezinjengokuthi “izinyoni zezulu,” “iminduze yasesigangeni” ‘isango eliwumngcingo,’ ‘indlu ephezu kwedwala,’ nezinye eziningi zenza ukufundisa kwakhe kwaba namandla, kwacaca futhi kwangalibaleka.—Math., izahl. 5–7.
Ukuyenza Isebenze. Ukuchaza nokufanekisa imibhalo kuyodlulisela ulwazi kubantu, kodwa ukusebenzisa lolo lwazi yikona okunemiphumela. Yiqiniso, ngumthwalo wemfanelo wezilaleli zakho ukusebenzisa isigijimi seBhayibheli, kodwa ungazisisa zikuqonde okudingeka zikwenze. Lapho usuqiniseka ukuthi izilaleli zakho ziyaliqonda ivesi okuxoxwa ngalo futhi ziyabona ukuthi lihlangana kanjani nephuzu elikhulunyelwayo, yiba nesikhathi sokuzibonisa ukuthi liyithinta kanjani inkolelo nokuziphatha kwazo. Qokomisa izinzuzo zokulahla imiqondo eyiphutha noma ukuziphatha okungahambisani neqiniso okukhulunywa ngalo.
Njengoba ucabanga ngendlela yokubonisa ukusebenza kwemibhalo, khumbula ukuthi izilaleli zakho zivela ezizindeni eziningi futhi zibhekana nezimo ezihlukahlukene. Kungase kube nabasanda kuthakazela, intsha, abadala, nalabo abakhungethwe izinkinga ezihlukahlukene zabo siqu. Yenza inkulumo yakho ibe usizo futhi isebenziseke ekuphileni. Gwema ukunikeza iseluleko esizwakala sengathi usiqondise kwabathile abambalwa.
Izinqumo Zesikhulumi
Ezinye izinqumo eziphathelene nenkulumo yakho usuzenzelwe kakade. Amaphuzu ayinhloko abekwe ngokucacile, nesilinganiso sesikhathi osinikeziwe esihlokwaneni ngasinye siboniswe ngokucacile. Ezinye izinqumo ziyokwenziwa nguwe. Ungase ukhethe ukuchitha isikhathi esiningi kwamanye amaphuzu nesikhathi esincane kwamanye. Ungacabangi ukuthi kumelwe uchithe isikhathi esilinganayo kuwo wonke amaphuzu asekelayo. Lokhu kungase kukwenze ushwampuluze futhi ukhungathekise izilaleli zakho. Ungabona kanjani ukuthi yikuphi okumelwe ukugcizelele kakhulu nokuthi yikuphi ongakuthinta nje udlule? Zibuze: ‘Yimaphi amaphuzu ayongisiza ngidlulisele umqondo oyinhloko wenkulumo? Yimaphi azizuzisa kakhulu izilaleli zami? Ingabe ukususa umbhalo othile okhonjiwe nephuzu ohlobana nalo kudambisa ubufakazi obunikezwayo?’
Kugweme nje impela ukufaka izinto oziqagelayo noma imibono yakho siqu. Ngisho neNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yakugwema ‘ukukhuluma ngokusuka kuyo siqu.’ (Joh. 14:10) Qaphela ukuthi isizathu sokuza kwabantu emihlanganweni yoFakazi BakaJehova siwukuzwa ingxoxo yeBhayibheli. Uma waziwa njengesikhulumi esihle, cishe kungenxa yokuthi ukwenza umkhuba ukuqokomisa iZwi likaNkulunkulu, hhayi ukuziqhakambisa wena. Izinkulumo zakho ziyaziswa ngenxa yalokho.—Fil. 1:10, 11.
Njengoba uphendule uhlaka obelumane lunamaphuzu nje walwenza lwaba incazelo eshubile yemiBhalo, manje kumelwe uzijwayeze inkulumo yakho. Kuyazuzisa ukuyiprakthiza ngokuzwakalayo. Into ebalulekile ukuqiniseka ukuthi uyawakhumbula wonke amaphuzu. Kumelwe ukwazi ukukhuluma ngokuqiniseka, wenze inkulumo iphile, futhi wethule iqiniso ngomdlandla. Ngaphambi kokunikeza inkulumo, zibuze: ‘Yini engifisa ukuyifeza? Amaphuzu ayinhloko aqokonyisiwe na? Ngiyenzile ngempela imiBhalo yaba isisekelo senkulumo yami? Ingabe amaphuzu ayanikezelana? Inkulumo iyakwakha yini ukwazisa ngoJehova nangamalungiselelo akhe? Ingabe isiphetho sihlobana ngokuqondile nesihloko, siyazibonisa yini izilaleli ukuthi kumelwe zenzeni, futhi sizikhuthaze ukuba zikwenze lokho?’ Uma ungaphendula le mibuzo ngoyebo, khona-ke usesimweni ‘sokukuveza kahle ukwazi,’ ukuze uzuzise ibandla futhi udumise uJehova!—IzAga 15:2.