‘Akukho Engike Ngakufunda Okufana Nayo’
INCWADI ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? iye yasiza abaningi ukuba baqonde kangcono ngendlela ukuphila okweza ngayo emhlabeni nesiphetho sakho. Omunye umuntu waloba: “Ngineminyaka engama-78 ubudala futhi bengilokhu ngifunda kusukela ngineminyaka emibili. Kodwa akukho engike ngakufunda okufana nencwadi ethi Life—How Did It Get Here? Imangalisa ngempela. Ukwaziswa okukuyo kuyashaqisa.”
Enye indoda eNew Zealand yabika ukuthi lencwadi “kumelwe ibe ngomunye wemisebenzi evelele emlandweni wanamuhla wokunyatheliswa kwezincwadi.” Enye evela eItaly yathi: “Lencwadi yinhle kakhulu! Ngiye ngayifunda ngaphandle kokuma nangaphandle kokukhathala, njengoba ingenye yezincwadi ezikhethekile.”
Usomabhizinisi waseNgilandi watholela asebenza nabo iziboniselo ezingama-25. Leziboniselo zamphelela ngokushesha futhi wathola ezingama-25 ezengeziwe. Futhi omunye uthisha wenkolo eUnited States wa-oda iziboniselo ezengeziwe ezingama-24 ukuze azisebenzise emakilasini akhe.
“Isayensi Enembile”
Omunye umfundi eCanada wathi: “Ngiyibiza ngokuthi incwadi yami yesayensi, futhi ngokuqinisekile nginganitshela ukuthi ngiye ngafunda isayensi enembe kakhulu kulencwadi ukwedlula zonke izinsuku zihlanganisiwe engazisebenzisa ngisesikoleni.”
Ngokuqondene nalokhu, enye indoda yabhala: “Ngesikhathi ngingenele izifundo zeziqu eyunivesithi, ngakhokha amakhulu amaningi amaRandi ngikhokhela izifundo ezihlukahlukene ezazingenakho ukwaziswa okudlula okusencwadini ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Lezifundo kwakungezemathematics, ezemvelo, ezofuzo, isayensi yokwakheka kwezinto eziphilayo nezingaphili, nesayensi yemvelaphi nenhlalo yabantu. Manje ngiyabona ukuthi ngabe ngonga imali eningi ngokuthenga incwadi yenu ebiza [u-R4,50]. Ngesikhathi esifanayo, niye ‘nahluba udlubu ekhasini.’”
Uthishelakazi wasekholiji wesifundo sokusebenza komzimba wabonisa ukwazisa kwakhe ngokuthi: “lyilo kanye uhlobo lwencwadi enezikhombo ebengilokhu ngifisa ukuba nayo. Ngiye ngenzelwa konke ukucwaninga ebengithanda ukuba nesikhathi sakho noma ebenginesifiso sokukwenza!” Ngokufanayo omunye umuntu wabhala: “Ngikwazisa ngempela konke ukucwaninga okuningiliziwe okuye kwadingeka ngalencwadi. Phela, kumelwe ukuthi kwathatha izinyanga kwenziwa ukucwaninga okuphelele esihlokweni ngasinye!”
Ukwakha Ukwazisa NgoMdali
Lapho enye indoda ibhala ukuze ibonise “ukwazisa okukhulu” ngencwadi, yenezela: “Lencwadi ayikwenzi ukholiseke kuphela kodwa futhi iyakushukumisa!” Futhi injongo yayo yileyo—ukukushukumisela ukuba uthembele kuMdali onothando onenjongo emangalisayo ngesintu.
Ngakho, enye indoda enomkhaya yabhala ukuthi lencwadi iye “yakhulisa ukwazisa kwethu ngoBaba wethu omangalisayo futhi icacisa ukuhlakanipha koMklami wethu, ngendlela noma iyiphi incwadi eyenziwe umuntu engakaze ikwenze.” Ngokufanayo, omunye wesifazane wathi kuzo zonke izincwadi aye wazifunda, “lena iye yenza okukhulu ebuhlotsheni bami noJehova. Yeka uNkulunkulu owesabekayo!” Futhi owesifazane waseCanada waloba: “Ngeke ngiyifihle imizwa engiyizwayo. Ngizizwa ngiseduze kakhulu kunanini ekuqondeni uthando olukhulu kakhulu lukaJehova. Izibilini zami zingishukumisela ukuba ngikhale lapho ngibona amandla lencwadi enawo.”
Ngabantu abaqotho abaye baba nokungabaza ngokuba khona koMdali, incwadi elandelayo iwubonisa kahle umphumela walencwadi: “Ngiyabonga! Eminyakeni eminingi bengikuthola kunzima ukukholelwa kuMdali ngoba ngangikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Kodwa ngabe sengithenga incwadi yenu ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Ngizizwa ngifana nempumputhe eqala ukubona. Bengilokhu ngifuna izisekelo ezinengqondo, nezizathu ezinengqondo, zokuchaza ukuqala kokuphila emhlabeni futhi ekugcineni ngiye ngazithola encwadini yenu. Iye yanginikeza zonke izimpendulo ebengilokhu ngizifuna yonke leminyaka. Ngeke ngikwazi ukunibonga ngokwanele! Qhubekani nomsebenzi omuhle!”
Ngempela, lencwadi iye yabonakala ingeshukumisayo kwabaningi. Ngokungangabazeki iyoqhubeka iqondisa abaningi kuMdali, uJehova uNkulunkulu, ukuze bazuze manje naphakade esimisweni sakhe sezinto esisha lapha emhlabeni.—2 Petru 3:13.