Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 5/1 kk. 20-21
  • Isikhathi Abalifunda Ngaso Nendlela Abazuza Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi Abalifunda Ngaso Nendlela Abazuza Ngayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indlela Yokufunda Nokukhumbula
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Funda Ngokuzimisela
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kuthakazelise?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 5/1 kk. 20-21

Isikhathi Abalifunda Ngaso Nendlela Abazuza Ngayo

Ekuseni Kakhulu:

Umbhangqwana othile oshadile, osebenza ngaphandle kwekhaya lawo, wanquma ukuvuka kusasele nje imizuzu eyishumi ngaphambi kwesikhathi ovamise ukuvuka ngaso njalo ekuseni futhi usebenzise lesosikhathi ukuze ufunde iBhayibheli ndawonye ngaphambi kokuba uphuthume emsebenzini. Lokho lombhangqwana okufundayo kunikeza isisekelo sengxoxo eyakhayo lapho usuphumile endlini.

Umdala othile eNigeria usebenzisa isimiso esihlelelwe iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini njengesisekelo sokufundwa kweBhayibheli emkhayeni wakhe. Bafunda ingxenye yaso nsuku zonke ngemva kwengxoxo yabo yetekisi losuku, ngokuvamile eba sekuseni. Izingane zicelwa ukuba zishintshane ekufundeni ezinye zezingxenye ezabiwe. Ngemva kwalokho zicelwa ukuba zibuze imibuzo ngamavesi afundiwe.

Umama wekhaya othile eJapane uye wafunda lonke iBhayibheli kanye ngonyaka kusukela ngo-1985. Isimiso sakhe siwukuba afunde imizuzu engu-20 kuya kwengu-30 eqala ngo-5:00 ekuseni usuku ngalunye. Ngokuqondene nezinzuzo, uthi: “Ukholo lwami luye lwaqina. Kungisiza ukuba ngikhohlwe ukugula kwami futhi ngigxile ethembeni lePharadesi.”

Udade othile oseneminyaka engu-30 eyiphayona kodwa umyeni wakhe ongeyena uFakazi uvuka ngehora lesihlanu njalo ekuseni ukuze afunde iBhayibheli. Isimiso sakhe sidinga ukuba afunde cishe amakhasi amane emiBhalweni YesiHeberu, isahluko esisodwa emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, nevesi elilodwa encwadini yezAga. Uye wafunda lonke iBhayibheli unyaka ngamunye kusukela ngo-1959. Uthi: “Ngenxa yokufunda kwami, ngizizwa ngithandwa uJehova . . . Ngithola isikhuthazo, induduzo, nokuyalwa.” Uyanezela: “Ukufunda iBhayibheli kufana nokuthi uJehova ungiqinisa idolo usuku ngalunye ekuphileni kwami.”

Udade othile owafunda iqiniso ezweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe khona naye unomyeni ophikisa izinkolelo zakhe. Ukwazi ukufunda iBhayibheli kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu, phakathi kuka-6:00 no-7:00 ekuseni. Lokhu kuye kwamnikeza amandla angaphakathi. Ecabanga ngendlela ukufunda kwakhe okuye kwamthonya ngayo, uthi: “Sifunda ukuthanda uJehova noJesu nokuphila ngenjabulo, nakuba sinezinkinga nobunzima, sazi ukuthi izithembiso zikaJehova azihluleki.”

Udade othile owayeyé eSikoleni Senkonzo Samaphayona wazimisela ukulandelela iseluleko esasinikezwe lapho sokukwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Ekuqaleni, wayekwazi ukulifunda phakathi kuka-5:00 no-6:00 ekuseni. Lapho ukushintsha umsebenzi kukuphazamisa lokho, washintsha isikhathi saba phakathi kuka-9:00 no-10:00 ebusuku. Lapho kuvela ezinye izimo eziyinselele, uthi, “Ngaqhubeka ngishintsha isimiso sami ngokuvumelana nezimo.”

Phakathi Nosuku:

Odade ababili abayizingane zandawonye abangamalungu omkhaya waseBethel eBrazil banomkhuba wokufunda iBhayibheli ndawonye isikhathi esingaba imizuzu engu-20 usuku ngalunye ngemva kokudla kwasemini. Sebeye balifunda lonke iBhayibheli izikhathi ezingaba ngu-25; kodwa bayabhala: “Ngaso sonke isikhathi sithola okuthile okusha, ngakho ukufunda iBhayibheli akubi yisicefe.”

Udade othile ongashadile waseJapane, waqaphela ukuthi nakuba ayekhuliswe njengoFakazi, wayengayazi kahle imiBhalo; lapho eba yiphayona, wazimisela ukufunda iBhayibheli njalo. Manje ufunda iBhayibheli elandela isimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini lapho eya esibhedlela eyothola ukwelashwa kanye ngesonto. Kamuva ekhaya, wenza ukucwaninga okwengeziwe. Ngasekupheleni kwesonto, uyaqhubeka efunda iBhayibheli, ekhetha izincwadi ngokulandelana ezabhalwa ngakho.

Othile oneminyaka engu-13 ubudala kakade oselifunde lonke iBhayibheli izikhathi ezintathu, njengamanje ufunda isahluko esisodwa usuku ngalunye lapho efika ekhaya evela esikoleni. Uthi lokhu kuye kwamsiza “ukuba azizwe enothando olwengeziwe ngoJehova.”

UFakazi onesimiso esimgcina ematasa njengoba eyindoda esebenzayo, umdala, umyeni, nobaba ulalela amakhasethi eBhayibheli lapho ehamba ngesitimela eya emsebenzini. Kamuva ekhaya ube esezifundela ngokwakhe indaba efanayo.

Ngaphezu kokuzifundela ngokwalo, iphayona elithile eFrance lilalela amakhasethi eBhayibheli lapho lilungisa ukudla, lapho lishayela, lapho likhuthazelela izikhathi ezinzima, noma ukuze nje lizijabulise.

Iphayona elithile eJapane elineminyaka engu-21 ubudala likhumbula ukuthi unina wayegcizelela ukuba lingenise okuthile okungokomoya usuku ngalunye, futhi belilokhu lifunda iBhayibheli nsuku zonke, nakuba belingafundi ngesikhathi esifanayo ngaso sonke isikhathi, kusukela lineminyaka emithathu ubudala. Ngemva kokufunda ingxenye eliyikhethele lolosuku, liyaqiniseka ukuthi liyaphinda lifunde amavesi ayisihluthulelo, bese lithatha imizuzu embalwa libukeza ngengqondo lokho elikufundile.

Omunye uFakazi, iphayona, uye wafunda lonke iBhayibheli cishe izikhathi eziyishumi eminyakeni engu-12 edlule. Umyeni wakhe akakholwa, ngakho uhlela ukuba afunde ntambama.

Kusihlwa:

Umdala othile oyiphayona elivamile eJapane ofunda iBhayibheli lakhe njalo ebusuku ngaphambi kokuba ayolala ubelokhu enza kanjalo iminyaka engu-8 edlule. Uthi: “Ngithanda ikakhulukazi imibhalo ebonisa indlela uJehova acabanga ngayo, indlela azizwa ngayo ngezinto, nendlela asingatha ngayo izimo. Ngokuzindla ngalemibhalo, ngiye ngasizwa ukuba ngenze ukucabanga kukaJehova kube okwami nokuba ngisize abafowethu nodadewethu abangamaKristu kanye namalungu omkhaya wami.”

Umdala othile eFrance ubelokhu efunda iBhayibheli isikhathi esingangehora njalo kusihlwa kusukela ngo-1979. Ngokuvamile uba nezinguqulo ezinhlanu noma eziyisithupha ezibekwe phambi kwakhe ukuze aqhathanise. Uthi ukufunda kwakhe ngokucophelela kuye kwamsiza ukuba aqonde “indlela yokusebenzisa ulwazi lweBhayibheli ezimweni zansuku zonke.” Lokhu futhi kuye kwamenza waphumelela ngokwengeziwe lapho enikeza iseluleko esivela emiBhalweni.

Eminyakeni engu-28 edlule, umzalwane othile eNigeria uye wakwenza umkhuba ukuba kusihlwa afunde umBhalo osencwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke wengxoxo yosuku olulandelayo. Kanye nalokho, ufunda sonke isahluko esiseBhayibhelini okuthathwe kuso lelotekisi. Ngemva kokuba eshadile, waqhubeka nalomkhuba, efunda futhi exoxa ngokwaziswa nomkakhe.

Othile osemusha abazali bakhe abangebona oFakazi uye wakwenza umkhuba ukuba afunde imizuzu emihlanu kuya kweyishumi ubusuku ngabunye ngaphambi kokuba ayolala. Leyo imizuzu eyigugu kuye, futhi uyathandaza kokubili ngaphambi kokuba afunde nangemva kokufunda. Umgomo wakhe uwukwazi isigijimi uJehova aqondisa umlobi ngamunye weBhayibheli ukuba asilobe.

Umzalwane othile oshadile, osenkonzweni yaseBethel, uthi uye wafunda iBhayibheli kanye ngonyaka eminyakeni engu-8 edlule. Ufunda imizuzu engu-20 kuya kwengu-30 ngaphambi kokuba alale ebusuku. Ngisho nalapho ekhathele kakhulu, uthola ukuthi uma elala engazange afunde, uyaqwasha. Kuze kudingeke avuke anakekele lesosidingo esingokomoya.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela