Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/15 kk. 8-9
  • Ungayivumeli Intukuthelo Ikukhubekise

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungayivumeli Intukuthelo Ikukhubekise
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukubhekana Nentukuthelo—Eyakho Neyabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
    I-Phaphama!—1994
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/15 kk. 8-9

Ungayivumeli Intukuthelo Ikukhubekise

“DONSA umoya kakhulu!” “Bala ufike eshumini!” “Zilume ulimi!” Ingabe la mazwi ajwayelekile kuwe? Mhlawumbe uye uwasho ukuze wehlise umoya lapho ufuthelana. Abanye abantu bayaphuma bahambahambe, bezama ukugwema ukuqhuma kwentukuthelo. Lezi yizindlela ezilula zokusingatha intukuthelo futhi ulondoloze ubuhlobo nabanye.

Nokho, eminyakeni yamuva abantu abaningi badidwa yizeluleko ezingqubuzanayo zochwepheshe mayelana nokuthi kufanele yini intukuthelo ilawulwe noma icindezelwe. Ngokwesibonelo, ezinye izazi zokusebenza kwengqondo ziye zathuthukisa umbono wokuthi “uma kukwenza uzizwe kangcono,” yidedele intukuthelo yakho. Ezinye zixwayisa ngokuthi ukuqhuma njalo ngentukuthelo ‘kuyinkomba enamandla yokuthi uyosheshe ufe kunezinye izici eziyingozi njengokubhema, umfutho ophakeme wegazi namafutha amaningi kakhulu egazini.’ IZwi likaNkulunkulu lisho ngokucacile ukuthi: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.” (IHubo 37:8) Kungani iBhayibheli linikeza iseluleko esiqonde njengalesi?

Imizwelo engalawuliwe iholela ezenzweni ezingalawuliwe. Lokhu kwahlaluka ekuqaleni komlando wabantu. Siyafunda: “Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.” Kwamholelaphi lokhu? Intukuthelo yakhe yambamba yamlawula, kangangokuthi yenza inhliziyo yakhe yangalalela lapho uJehova emyala ukuba aphenduke enze okuhle. Intukuthelo kaKayini engalawuliwe yamholela esonweni esingathi sína—ukubulala umfowabo.—Genesise 4:3-8.

USawule, inkosi yokuqala yakwa-Israyeli, naye weqiwa intukuthelo lapho ezwa uDavide etuswa kakhulu. “Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.’ USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe.” Intukuthelo yabusa ukucabanga kukaSawule kangangokuthi yamenza wazama kaningana ukubulala uDavide. Nakuba uDavide azama ukwakha ubungane, uSawule wayengazimisele ukuba babe nokuthula futhi babuyisane. Ekugcineni, walahlekelwa umusa kaJehova ngokuphelele.—1 Samuweli 18:6-11; 19:9, 10; 24:1-21; IzAga 6:34, 35.

Lapho umuntu evumela intukuthelo engalawuliwe, akakwazi ukugwema ukusho noma ukwenza izinto eziyolimaza wonke umuntu ohilelekile. (IzAga 29:22) UKayini noSawule bathukuthela ngoba ngamunye wabo, ngendlela yakhe, wayenomhawu nomona. Nokho, ukuthukuthela kungabangelwa yizizathu ezihlukahlukene. Ukugxekwa ngokungafanele, ukweyiswa, ukungaqondani, noma ukuphathwa ngendlela engafanele kungaba yimbangela yokuqhuma kwentukuthelo.

Isibonelo sikaKayini nesikaSawule zibonisa ukuthi bobabili kwakunokuthile ababekuntula kakhulu. Kusobala ukuthi umnikelo kaKayini wawuntula isisusa esiwukholo. (Heberu 11:4) Ukungayilaleli kukaSawule imiyalo kaJehova ecacile nokuzama kwakhe kamuva ukuzithethelela kwaholela ekubeni alahlekelwe umusa nomoya kaNkulunkulu. Ngokusobala, womabili la madoda ona ubuhlobo bawo noJehova.

Bheka umehluko okhona phakathi kwaleso simo sawo sengqondo nesikaDavide, owayenesizathu sokuthukutheliswa ukuphathwa kabi nguSawule. UDavide wazibamba. Ngasiphi isizathu? Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova.” UDavide wayecabanga ngobuhlobo bakhe noJehova, futhi lokho kwathonya indlela asebenzelana ngayo noSawule. Ngokuthobeka washiyela izinto kuJehova.—1 Samuweli 24:6, 15.

Ngempela, izinto ezihambisana nentukuthelo zimbi. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Thukuthelani, kodwa nokho ningoni.” (Efesu 4:26) Nakuba intukuthelo elungile ingase ifaneleke, kuhlale kunengozi yokuthi intukuthelo ingase ibe yisikhubekiso kithi. Khona-ke, akumangalisi ukuthi sibhekana nenselele yokulawula intukuthelo yethu. Singakwenza kanjani lokho?

Indlela eyinhloko iwukwakha ubuhlobo obuqinile noJehova. Ukukhuthaza ukuba uthululele kuye okusenhliziyweni nasengqondweni yakho. Mtshele izinto ezikukhathazayo, bese umcela ukuba akunike inhliziyo ezolile ukuze unqobe intukuthelo. (IzAga 14:30) Qiniseka ngokuthi “amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, futhi izindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.”—1 Petru 3:12.

Umthandazo ungakulolonga futhi ukuqondise. Kanjani? Ungaba nethonya elinamandla endleleni osebenzelana ngayo nabanye. Khumbula indlela uJehova aye wasebenzelana ngayo nawe. Njengoba imiBhalo isho, uJehova “akasiphathi njengokufanele izono zethu.” (IHubo 103:10) Umoya wokuthethelela ubalulekile ‘ukuze ungaphanjwa uSathane.’ (2 Korinte 2:10, 11) Ngaphezu kwalokho, umthandazo uvula inhliziyo yakho ukuba yamukele isiqondiso somoya ongcwele, ongagumbuqela imikhuba egxile ngokuqinile ekuphileni. UJehova unikeza ngenjabulo ‘ukuthula okudlula konke ukucabanga,’ okungakukhulula emandleni amakhulu entukuthelo.—Filipi 4:7.

Nokho, umthandazo kumelwe uhambisane nokuhlola imiBhalo njalo ukuze ‘siqhubeke siqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’ (Efesu 5:17; Jakobe 3:17) Uma unenkinga yokulawula intukuthelo yakho, lwela ukuthola ukuthi uJehova ucabangani ngale ndaba. Bukeza imibhalo ehlobene ngokuqondile nokulawula intukuthelo.

Umphostoli uPawulu unikeza lesi sikhumbuzo esibalulekile: “Masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Gxilisa imicabango nezenzo zakho ekwenzeni okuhle kwabanye. Izenzo ezinjalo ezinhle nezakhayo ziyokhuthaza uzwela nokwethemba abanye futhi zidambise ukungaqondani okungase kuphumele kalula entukuthelweni.

Umhubi wathi: “Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.” (IHubo 119:133, 165) Lokho kungaba yiqiniso nakuwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

IZINYATHELO ZOKULAWULA INTUKUTHELO

□ Thandaza kuJehova.—IHubo 145:18.

□ Hlola imiBhalo nsuku zonke. —IHubo 119:133, 165.

□ Zigcine umatasa emisebenzini emihle.—Galathiya 6:9, 10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela