Ukulwelwa Kwezisulu Zobudlova
NGO-May 3, 2007, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu eStrasbourg, eFrance, yakhipha isinqumo ngazwilinye esivuna oFakazi BakaJehova eRiphabhuliki yaseGeorgia. Le Nkantolo yathola ukuthi oFakazi kulelo zwe babehlukunyeziwe nokuthi kwakuphulwe ilungelo labo lenkululeko yenkolo. INkantolo yaphinde yasola uhulumeni waseGeorgia wangaphambili ngokungathathi sinyathelo sokujezisa ababhebhezeli balezi zenzo zobugebengu. Yini eyaholela kulesi sinqumo?
Ngo-October 17, 1999, amalungu angu-120 eBandla LoFakazi BakaJehova eGldani eTbilisi, inhloko-dolobha, ayehlangene ngokuthula ngenjongo yokukhulekela. Kungazelelwe, isixuku esikhulu siholwa uVasili Mkalavishvili, umpristi ongumOrthodox owayesephucwe isikhundla sangena ngendlov’ iyangena kule ndawo yomhlangano. Sihlome ngezinduku nangeziphambano zensimbi, sahlasela ababekhona ngonya, sabalimaza, abanye kabi kakhulu. Owesifazane othile walimala kabi esweni ngendlela engalapheki ngenxa yokushaywa. Okungenani abantu abangu-16 kwadingeka ukuba bayolashwa. Lapho oFakazi abathile beya emaphoyiseni beyocela usizo, bahlangana nomphathi wamaphoyisa, owathi yena ubezobashaya nakakhulu! Lokhu kuhlasela kwaqoshwa nge-video ngomunye wabahlaseli futhi ngokuhamba kwesikhathi kwaboniswa kuthelevishini ezweni lonke, kubaveza ngokucacile abahlaseli.a
OFakazi abahlukunyezwa bafaka izikhalo ngamacala obugebengu, kodwa abahlaseli abathathelwanga zinyathelo. Umseshi owayabelwe ukuba aphenye leli cala washo ukuthi ungumOrthodox futhi akunakwenzeka ukuba angachemi kuleli cala. Ukungenzi lutho kweziphathimandla ngalokhu kwakhuthaza abashisekeli benkolo ukuba bahlasele ngaleyo ndlela izikhathi ezingaphezu kwekhulu.
Ngakho ngo-June 29, 2001, oFakazi BakaJehova bafaka isicelo eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.b Le Nkantolo yakhipha isinqumo esiwujuqu ngo-May 3, 2007, yanikeza incazelo ecacile yokuhlasela futhi yakugxeka ukusonga izandla kweziphathimandla zikaHulumeni. INkantolo yathi: “Iziphathimandla . . . zazinesibopho sokuthatha isinyathelo ngokushesha ukuze zithole iqiniso” ngale ndaba. Lesi sinqumo sathi “ukubekezelela kweziphathimandla izenzo ezinjalo kwenza umphakathi uzibukele phansi izimiso zomthetho namandla kaHulumeni okulondoloza ukusebenza komthetho.”
INkantolo yaphetha ngokuthi: “Njengoba ukuhlaselwa kwabamangali kwango-17 October 1999 kwakuyisenzo sokuqala sokuhlaselwa okukhulu koFakazi BakaJehova, ukunganaki kweziphathimandla kubangele ukwanda kobudlova obungokwenkolo kulo lonke elaseGeorgia obenziwa yiqembu elifanayo labahlaseli.”
Ngenxa yalokho izisulu zokuhlaselwa ngobudlova zalwelwa, futhi uhulumeni waseGeorgia wahlawuliswa futhi wakhokhela izindleko zomthetho zamalungu eBandla LaseGldani. Nakuba oFakazi BakaJehova baseGeorgia bejabula ngokuthi ubudlova nesihluku sekudambile, bayajabula ukuthi isinqumo seNkantolo siqinisekisa ilungelo labo lokuhlangana ngokuthula ngenjongo yokukhulekela. Ngenxa yalokho, bambonga ngempela uYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, abaye babona isiqondiso nesivikelo sakhe phakathi naso sonke lesi sikhathi.—IHubo 23:4.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole imininingwane, bheka i-Phaphama! ka-January 22, 2002, amakhasi 18-24, eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu iyingxenye yoMkhandlu WaseYurophu futhi yenza izinqumo ngamacala okwephula kweSivumelwano SaseYurophu Sokuvikelwa Kwamalungelo Abantu Nenkululeko Eyisisekelo. ElaseGeorgia lasemukela lesi sivumelwano ngo-May 20, 1999, futhi ngaleyo ndlela lazibophezela ezimfunekweni zaso.