Amazwi Anomusa Athuthukisa Ubuhlobo Obuhle
“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa.”—KOL. 4:6.
1, 2. Amazwi anomusa omzalwane othile aba namuphi umphumela omuhle?
“LAPHO ngishumayela endlini ngendlu, ngazithela endodeni eyathukuthela yaveva,” kusho omunye umzalwane. “Ngazama ukubonisana nayo ngemiBhalo ngomoya ophansi, kodwa yathuthukuthela nakakhulu. Umkayo nabantwana nabo bangichapha futhi ngabona ukuthi kufanele ngihambe. Ngaqinisekisa lo mkhaya ngokuthi ngangingezanga ngobubi futhi ngifisa ukuwushiya ngokuthula. Ngawuvulela eyabaseGalathiya 5:22 no-23, ekhuluma ngothando, ubumnene, ukuzithiba nokuthula. Ngabe sengihamba.
2 “Kamuva, lapho ngishumayela ezindlini ezingaphesheya komgwaqo, ngawubona lo mkhaya uhlezi ngaphandle kuvulandi. Wangibiza. Ngazibuza ukuthi kazi usufunani. Indoda yayiphethe ujeke wamanzi abandayo yayisingithelela. Yaxolisa ngokuba luhlaza futhi yangincoma ngokuba nokholo oluqinile. Sabe sesihlukana ngoxolo.”
3. Kungani kumelwe singavumeli abanye ukuba basithukuthelise?
3 Kuleli zwe lanamuhla elinezingcindezi eziningi, cishe asinakukugwema ukuhlangana nabantu abathukuthele, ngisho nasensimini. Lapho sihlangana nabo, kudingeka sibonise ‘umoya omnene nenhlonipho ejulile.’ (1 Pet. 3:15) Ukube umzalwane okukhulunywe ngaye ngenhla wavumela intukuthelo nokungabi namusa komninikhaya kwamenza ukuba athukuthele, cishe isimo saleyo ndoda sasingeke sishintshe; mhlawumbe yayiyocasuka nakakhulu. Ngenxa yokuthi wazibamba futhi wakhuluma ngomusa, kwaba nomphumela omuhle.
Yini Eyenza Amazwi Abe Nomusa?
4. Kungani kubalulekile ukusebenzisa amazwi anomusa?
4 Kungakhathaliseki ukuthi sisebenzelana nabantu bezwe noma basebandleni, ngisho namalungu omkhaya, kubalulekile ukuba sisebenzise lesi seluleko somphostoli uPawulu: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti.” (Kol. 4:6) Amazwi amnandi nafanele ayadingeka ekukhulumisaneni okuhle nasekulondolozeni ukuthula.
5. Ikuphi okungashiwo ukukhulumisana ngokukhululekile? Bonisa.
5 Ukukhulumisana ngokukhululekile akusho ukuthi kufanele usho noma yini oyicabangayo noma uveze indlela ozizwa ngayo nganoma yisiphi isikhathi, ikakhulukazi uma ucasukile. ImiBhalo ibonisa ukuthi ukubonakalisa intukuthelo engalawuliwe kuwuphawu lobuthaka, hhayi lwamandla. (Funda izAga 25:28; 29:11.) UMose—umuntu ‘owayemnene ukubadlula kude bonke abantu’ ababephila ngaleso sikhathi—wake wavumela isizwe esidlubulundayo sakwa-Israyeli ukuba simenze ahluleke ukulawula intukuthelo yakhe nokukhazimulisa uNkulunkulu. UMose wayiveza ngokucacile indlela ayezizwa ngayo, kodwa akumjabulisanga uJehova. Ngemva kweminyaka engu-40 ehola ama-Israyeli, walahlekelwa ilungelo lokuwangenisa eZweni Lesithembiso.—Num. 12:3; 20:10, 12; IHu. 106:32.
6. Kusho ukuthini ukubonisa ukuqonda lapho sikhuluma?
6 ImiBhalo itusa ukuba sizibambe futhi sisebenzise ukuqonda, noma ukwahlulela okuhle, lapho sikhuluma. “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” (IzAga 10:19; 17:27) Ukuqonda akusho ukungalokothi uzwakalise umuzwa wakho. Kusho ukukhuluma ‘ngomusa,’ usebenzise ulimi lwakho ngenjongo yokuphulukisa hhayi ukulimaza.—Funda izAga 12:18; 18:21.
“Isikhathi Sokuthula Nesikhathi Sokukhuluma”
7. Iziphi izinto okungafanele sizibonakalise, futhi kungani?
7 Njengoba nje kudingeka sibonise umusa nokuzithiba lapho sikhuluma nesisebenza nabo noma nabantu esingabazi enkonzweni, kudingeka senze okufanayo ebandleni nasekhaya. Ukubonakalisa intukuthelo ngaphandle kokucabanga ngemiphumela kungasilimaza kakhulu thina nabanye ngokomoya, ngokomzwelo nangokomzimba. (IzAga 18:6, 7) Ukucasukelana—okuwukubonakaliswa kokungapheleli kwethu—kumelwe sikulawule. Inkulumo echaphayo, ukuhleka usulu, ukudelela nolaka olunenzondo kubi. (Kol. 3:8; Jak. 1:20) Kungalimaza ubuhlobo bethu obuyigugu nabanye noJehova. UJesu wafundisa: “Wonke umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo uyolandisa enkantolo yobulungisa; kodwa noma ubani obiza umfowabo ngezwi elingakhulumeki lokwedelela uyolandisa eNkantolo Ephakeme; kanti noma ubani othi, ‘Siwula-ndini!’ uyofanelwa iGehena lomlilo.”—Math. 5:22.
8. Kunini lapho kufanele siveze khona imizwa yethu, kodwa ngayiphi indlela?
8 Nokho, kunezinto esingase siphethe ngokuthi kuhle sizikhulume. Uma lokho umzalwane akushilo noma akwenzile kukuphatha kabi kangangokuba kungavumi ukuba umane nje ukudlulise, ungavumeli inzondo ukuba yakhele enhliziyweni yakho. (IzAga 19:11) Uma othile ekucasula, lawula imizwelo yakho bese uthatha izinyathelo ezidingekayo zokulungisa udaba. UPawulu wabhala: “Ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” Ngenxa yokuthi le nkinga isakukhathaza, yilungise ngomusa ngesikhathi esifanele. (Funda eyabase-Efesu 4:26, 27, 31, 32.) Khuluma nomfowenu ngalolu daba, uveze amaqiniso njengoba enjalo kodwa ngendlela enomusa, ngomoya wokubuyisana.—Lev. 19:17; Math. 18:15.
9. Kungani kufanele silawule imizwelo yethu ngaphambi kokuba siyolungisa inkinga nabasonile?
9 Yiqiniso, kufanele uqikelele ukuthi ukhetha isikhathi esihle. ‘Kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’ (UmSh. 3:1, 7) Ngaphezu kwalokho, “inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.” (IzAga 15:28) Lokhu kungase kudinge ukuba uthi ukulinda ngaphambi kokuxazulula inkinga. Ukuyixazulula usathukuthele kakhulu kungenza isimo sishube; kodwa nokulinda isikhathi eside akukhona ukuhlakanipha.
Izenzo Zomusa Zithuthukisa Ubuhlobo Obuhle
10. Ukwenza izenzo zomusa kungabuthuthukisa kanjani ubuhlobo?
10 Amazwi anomusa nokukhulumisana ngokukhululekile kusisiza ukuba silondoloze ukuthula phakathi kwethu nabanye. Eqinisweni, ukwenza konke esingakwenza ukuze sithuthukise ubuhlobo bethu nabanye kungathuthukisa indlela esikhuluma ngayo nabo. Ukwenzela abanye izenzo zomusa ngobuqotho—ukufuna amathuba okusiza, ukupha othile isipho ngenhliziyo emhlophe nokubonisa umoya wokungenisa izihambi—kungasiza ekukhulumisaneni ngokukhululekile. Kungaze ngisho ‘kunqwabelanise amalahle avuthayo’ kumuntu futhi kungase kuveze izimfanelo ezinhle, kwenze kube lula ukuxazulula ukungezwani.—Roma 12:20, 21.
11. UJakobe wabulungisa kanjani ubuhlobo bakhe no-Esawu, futhi kwaba namuphi umphumela?
11 Inzalamizi uJakobe yayikuqonda lokhu. Lapho u-Esawu, iwele lakhe, emthukuthelele kakhulu, uJakobe wabaleka esaba ukuthi uzombulala. Wabuya ngemva kweminyaka eminingi. U-Esawu wamhlangabeza ehamba namadoda angu-400. UJakobe wacela usizo kuJehova ngomthandazo. Wabe esemthumelela isipho esikhulu semfuyo esamandulela. Lesi sipho sayifeza injongo yaso. Lapho behlangana, isimo sengqondo sika-Esawu sase sishintshile, futhi wagijima wanga uJakobe.—Gen. 27:41-44; 32:6, 11, 13-15; 33:4, 10.
Khuthaza Abanye Ngamazwi Anomusa
12. Kungani kufanele sisebenzise amazwi anomusa kubafowethu?
12 AmaKristu akhonza uNkulunkulu, hhayi abanye abantu. Noma kunjalo, ngokwemvelo siyafisa ukwamukelwa abanye. Amazwi ethu omusa angethula abafowethu nodadewethu umthwalo. Nokho, ukugxeka kungenza umthwalo wabo usinde nakakhulu kuze kwenze abanye babe nomuzwa wokuthi uJehova usebalahlile. Ngakho-ke, masisho izinto eziyiqiniso ezikhuthazayo kwabanye, “noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—Efe. 4:29.
13. Yini abadala okufanele bayikhumbule (a) lapho benikeza iseluleko? (b) lapho bebhala izincwadi?
13 Abadala ngokukhethekile kufanele babe “mnene” futhi baphathe umhlambi ngesisa. (1 Thes. 2:7, 8) Lapho kudingeka banikeze khona iseluleko, umgomo wabo uwukweluleka “ngobumnene,” ngisho noma bekhuluma nalabo “abangenaso isimo sengqondo esihle.” (2 Thim. 2:24, 25) Kufanele babe nanomusa lapho kudingeka babhalele enye indikimba yabadala noma ihhovisi legatsha. Kufanele babe nomusa nesu lokungacunuli, ngokuvumelana nalokho okulotshwe kuMathewu 7:12.
Ukusebenzisa Amazwi Anomusa Emkhayeni
14. Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza amadoda, futhi ngani?
14 Kulula ukubukela phansi indlela amazwi ethu, isimo sobuso nokushukuma komzimba okungabathinta ngayo abanye. Ngokwesibonelo, amanye amadoda angase angayazi ngokugcwele indlela amazwi awo awaphatha kabuhlungu ngayo amakhosikazi awo. Omunye udade wathi: “Ngiyethuka uma umyeni wami ephakamisa izwi lapho ekhuluma nami ethukuthele.” Amazwi aqatha angamlimaza kakhulu owesifazane kunowesilisa futhi angase angawakhohlwa. (Luka 2:19) Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi ngokuphathelene namazwi ashiwo umuntu amthandayo nafuna ukumhlonipha. UPawulu weluleka amadoda: “Qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.”—Kol. 3:19.
15. Bonisa ukuthi kungani indoda kufanele imphathe ngobumnene umkayo.
15 Kule ndaba, umzalwane osenesikhathi eside eshadile wabonisa ukuthi kungani umyeni kufanele aphathe umkakhe ngobumnene, “njengesitsha esibuthakathaka.” Wathi: “Uma uphethe isitsha esiyigugu esiphihlika kalula akumelwe usiqinise kakhulu ngoba singase siqhekeke. Ngisho noma singananyathiselwa, ufa luyohlale lukhona. Uma umyeni esebenzisa amazwi abuhlungu kakhulu, angamlimaza umkakhe. Lokhu kungabangela ufa olungapheli ebuhlotsheni babo.”—Funda eyoku-1 Petru 3:7.
16. Umfazi angawakha kanjani umkhaya wakhe?
16 Amadoda nawo angakhuthazwa noma adunyazwe amazwi abanye, kuhlanganise nawomkawo. “Umfazi oqondayo,” lowo umyeni wakhe ‘angabeka ithemba kuye’ ngempela, uyayicabangela imizwa yomyeni wakhe njengoba naye efuna acabangele eyakhe. (IzAga 19:14; 31:11) Ngempela, umfazi angaba nethonya elikhulu ekhaya, elihle noma elibi. “Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyakhile indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.”—IzAga 14:1.
17. (a) Izingane kufanele zikhulume kanjani nabazali bazo? (b) Abantu abadala kufanele bakhulume kanjani nezingane, futhi ngani?
17 Ngokufanayo, abazali nezingane kufanele bakhulumisane ngomusa. (Math. 15:4) Lapho sikhuluma nezingane, ukucabangela kuyosisiza ukuba sigweme ‘ukuzithukuthelisa’ noma ukuzicasula. (Kol. 3:21; Efe. 6:4) Ngisho noma izingane kumelwe zinikezwe isiyalo, abazali nabadala kufanele bakhulume nazo ngenhlonipho. Ngale ndlela, abantu abadala benza kube lula ngezingane ukuba ziqondise izinyathelo zazo futhi zilondoloze ubuhlobo bazo noNkulunkulu. Lokho kungcono kunokuzinikeza umuzwa wokuthi sesizidelile okungazenza zizidikile nazo. Izingane zingase zingazikhumbuli zonke izeluleko ezazithola kodwa ziyoyikhumbula indlela abanye abakhuluma ngayo nazo.
Khuluma Okuhle Ngokusuka Enhliziyweni
18. Singayisusa kanjani imicabango nemizwa elimazayo?
18 Ukulawula intukuthelo akukhona ukumane uzishaye ongathukuthele. Umgomo wethu akufanele kube nje ukucindezela intukuthelo. Ukuzama ukuzenza abazolile ngaphandle, kuyilapho sivutha intukuthelo ngaphakathi kuyasicindezela. Kufana nokunyathela amabhuleki namafutha emoto ngesikhathi esifanayo. Lokho kwenza imoto icindezeleke futhi kungayilimaza. Ngakho, ungagcini intukuthelo ngaphakathi bese uyidedela kamuva. Thandaza kuJehova ucele usizo lokususa intukuthelo enhliziyweni yakho. Vumela umoya kaJehova uguqule ingqondo nenhliziyo yakho ukuze kuvumelane nentando yakhe.—Funda amaRoma 12:2; abase-Efesu 4:23, 24.
19. Iziphi izinyathelo ezingasisiza ukuba sigweme izimo ezibangela intukuthelo?
19 Thatha izinyathelo ezingokoqobo. Uma uzithola usesimweni esishubile futhi uzwa ukuthi uyafuthelana, kungakusiza ukumane usuke kuleyo ndawo ukuze wehlise umoya. (IzAga 17:14) Uma umuntu oxoxa naye eqala ukuthukuthela, zama kakhudlwana ukukhuluma naye ngomusa. Khumbula: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Amazwi ahlabayo noma anochuku angase abhebhethekise umlilo ngisho noma eshiwo ngezwi elimnene. (IzAga 26:21) Ngakho, lapho kuphakama isimo esivivinya ukuzithiba kwakho, ‘yephuza ukukhuluma, wephuze nokuthukuthela.’ Thandazela umoya kaJehova ukuba ukusize ukhulume izinto ezinhle, hhayi ezimbi.—Jak. 1:19.
Ukuthethelela Ngokusuka Enhliziyweni
20, 21. Yini engasisiza ukuba sithethelele abanye, futhi kungani kumelwe senze kanjalo?
20 Kuyadabukisa ukuthi akekho kithi ongalulawula ngokuphelele ulimi lwakhe. (Jak. 3:2) Kungakhathaliseki ukuthi amalungu omkhaya nabafowethu nodadewethu abangokomoya esibathandayo bazama kangakanani, ngezinye izikhathi bangase baphahluke, bakhulume izinto ezisiphatha kabi. Esikhundleni sokusheshe uhluthuke, yiba nesineke uhlaziye ukuthi kungani beshó noma benzé lokho abakwenzile. (Funda UmShumayeli 7:8, 9.) Kungenzeka yini ukuthi bebecindezelekile, bethukile, bengazizwa kahle noma benenkinga noma mhlawumbe becasulwe othile?
21 Lezi zimo azikwenzi kufaneleke ukuqhuma ngentukuthelo. Kodwa ukuziqaphela kungasisiza ukuba siqonde ukuthi kungani abantu ngesinye isikhathi besho noma benza izinto okungafanele bazenze futhi kungasenza sithethelele. Sonke sake sasho futhi senza izinto ezizwisa abanye ubuhlungu, sabe sesithemba ukuthi bayosithethelela ngomusa. (UmSh. 7:21, 22) UJesu wathi ukuze uNkulunkulu asithethelele, kumelwe sithethelele abanye. (Math. 6:14, 15; 18:21, 22, 35) Ngakho-ke, kufanele sisheshe ukuxolisa nokuthethelela ukuze silondoloze uthando—“isibopho esiphelele sobunye”—ekhaya nasebandleni.—Kol. 3:14.
22. Kungani kuwufanele umzamo ukukhuluma amazwi anomusa?
22 Cishe ziyokwanda izimo ezisongela injabulo nobunye bethu njengoba lesi simiso esinabantu abagcwele intukuthelo sisondela ekupheleni kwaso. Ukusebenzisa izimiso eziwusizo eziseZwini likaNkulunkulu kuyosisiza ukuba silusebenzise kahle ulimi lwethu, hhayi kabi. Siyoba nobuhlobo obunokuthula ngokwengeziwe ebandleni nasekhaya, futhi isibonelo sethu siyonikeza ubufakazi obuhle kwabanye ‘ngoNkulunkulu wethu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thim. 1:11.
Ungachaza?
• Kungani kubalulekile ukukhetha isikhathi esifanele sokukhuluma ngezinkinga?
• Kungani amalungu omkhaya kufanele akhulumisane ‘ngomusa’ ngaso sonke isikhathi?
• Singakugwema kanjani ukukhuluma amazwi abuhlungu?
• Yini engasisiza ukuba sithethelele?
[Izithombe ekhasini 21]
Vumela imizwelo yakho ithi ukudamba bese ufuna isikhathi esikahle sokukhuluma
[Isithombe ekhasini 23]
Indoda kufanele ikhulume nomkayo ngobumnene njalo